Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Zonke Izinkolo Zilungile?

Ingabe Zonke Izinkolo Zilungile?

SIPHILA ezweni elinezinkolo eziningi ezingefani. Ukuhlola okwenziwe muva nje kubonisa ukuthi kunezinkolo ezingu-19 ezinkulu kanye nezincane ezingaba ngu-10 000 emhlabeni wonke. Lezi zinkolo eziningi zenza abantu bakwazi ukukhetha abayithandayo. Kunendaba yini ukuthi ukhetha yiphi?

Abanye bathi izinkolo ezihlukahlukene zifana nemigwaqo ehlukahlukene eholela endaweni eyodwa. Bathi akunandaba ukuthi bakhetha muphi umgwaqo ngoba yonke iholela endaweni efanayo. Bacabanga ukuthi njengoba eyedwa uNkulunkulu onguMninimandla onke, zonke izinkolo ziholela kuye.

Ingabe Zonke Izinkolo Ziholela KuNkulunkulu?

Ngokuqondene nale ndaba, yini eyashiwo uJesu Kristu, umfundisi ohlonishwa kunabo bonke emlandweni wenkolo? Watshela abafundi bakhe: “Ngenani ngesango elincane.” Ngani? “Ngoba ibanzi futhi ivulekile indlela eholela ekubhujisweni, baningi abangena ngayo; kanti lincane isango futhi inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.”—Mathewu 7:13, 14.

Ingabe ngempela uJesu wayesho ukuthi ezinye izinkolo ziholela “ekubhujisweni”? Noma ingabe wayefundisa ukuthi ngabantu abangakholwa kuphela abasendleleni ebanzi nokuthi labo abakholelwa kuNkulunkulu—kungakhathaliseki ukuba bangabayiphi inkolo—basendleleni enyinyekile eholela ekuphileni?

Ngemva nje kokuchaza ukuthi kunezindlela ezimbili kuphela, uJesu wathi: “Qaphelani abaprofethi bamanga. Beza kini bebukeka belunge njengezimvu, kodwa empeleni banjengezimpisi eziyingozi.” (Mathewu 7:15, New Century Version) Kamuva wathi: “Akuyena wonke umuntu ongibiza ngokuthi, ‘Nkosi, Nkosi,’ oyongena eMbusweni wezulu, kodwa yilabo kuphela abenza lokho uBaba osezulwini afuna bakwenze.” (Mathewu 7:21, Today’s English Version) Uma kunomuntu obizwa  ngokuthi umprofethi noma othi uJesu ‘uyiNkosi’ yakhe, kunengqondo ukuphetha ngokuthi uthanda inkolo noma uyikholwa. Kusobala-ke ukuthi uJesu wayexwayisa ngokuthi akuzona zonke izinkolo ezilungile, futhi akubona bonke abafundisi benkolo okufanele bethenjwe.

Singakwazi Yini Ukubona Indlela Enyinyekile?

IBhayibheli lifana nebalazwe elithembekile elingasiza umuntu ukuba athole indlela eyisa enkolweni yeqiniso

Njengoba kungezona zonke izinkolo eziholela kuNkulunkulu, ungayithola kanjani efanele eholela ekuphileni njengoba ziziningi kangaka? Cabanga ngalo mfanekiso: Ake uzibone usedolobheni elikhulu ulahlekile, bese unquma ukucela usizo. Othile ukutshela ngokukhulu ukuqiniseka ukuthi kumelwe uye ngasempumalanga. Omunye uthi kumelwe uye ngasentshonalanga. Bese kuba nomunye osikisela ukuba uye nomaphi lapho uzwa kuthi iya khona. Ekugcineni, kuba nothile okhipha ibalazwe elithembekile, akubonise indlela okufanele uhambe ngayo. Ube esekupha lona leli balazwe ukuze likusize endleleni. Ngeke yini wazizwa unethemba nakakhulu lokuthi nakanjani uyofika lapho uya khona?

Kungokufanayo nangokukhetha inkolo efanele; kudingeka sisebenzise ibalazwe noma isiqondiso esingokomoya esingasethemba. Likhona yini ibalazwe elinjalo? Yebo likhona. Lelo balazwe yiBhayibheli futhi lithi: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa, yokusola, yokuqondisa izinto, yokuyala ekulungeni.”—2 Thimothewu 3:16.

Cishe unalo iBhayibheli elibhalwe ngolimi lwakho ongalisebenzisa njengebalazwe noma njengesiqondiso esingokomoya sokuthola inkolo yeqiniso. Abanyathelisi balo magazini, oFakazi BakaJehova, banyathelisa inguqulo yeBhayibheli ongayethemba ebizwa ngokuthi INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Nokho, uma ungeyena omunye woFakazi BakaJehova, ungase ukhethe ukusebenzisa ezinye izinguqulo lapho uhlola inkolo efanele nengafanele. Yingakho lezi zihloko eziwuchungechunge zicaphuna izinguqulo ezihlukahlukene ezihlonishwa kakhulu ezinye izinkolo.

Lapho ufunda izihloko ezilandelayo, qhathanisa okwaziyo nalokho okushiwo yiBhayibheli. Wakhumbule njalo amazwi kaJesu endlela esingayibona ngayo inkolo efanele nengafanele. Wathi: “Isihlahla esihle sithela izithelo ezinhle, isihlahla esibi sithela izithelo ezimbi. Isihlahla esihle singethele izithelo ezimbi, futhi isihlahla esibi singethele izithelo ezinhle.” (Mathewu 7:17, 18, Contemporary English Version) Ake ucabange ngezithelo ezintathu ezinhle iBhayibheli elithi “isihlahla esihle” sibonakala ngazo.