Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ungamazi Yini UNkulunkulu?

Ungamazi Yini UNkulunkulu?

Ukucelwa ukuba uyobingelela noma uyokhuluma nomuntu osesikhundleni esiphezulu kuyilungelo elikhulu. Kuyilungelo elikhulu nangokwengeziwe uma ungambiza ngegama lowo muntu. Ngokwesibonelo, kunabantu abasezikhundleni eziphezulu ababizwa ngeziqu ezinjengalezi, “uMongameli,” “iSilo Samabandla,” noma “uMphathi Omkhulu.” Ngakho, uma umuntu osesikhundleni esiphezulu engathi kuwe, “Ngicela ungibize ngegama,” nakanjani ubuyozizwa umkhulu.

UNKULUNKULU weqiniso usitshela lokhu eZwini lakhe elilotshiwe, iBhayibheli: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” (Isaya 42:8) Nakuba enezinye iziqu eziningi abizwa ngazo, njengesithi “uMdali,” “uMninimandla onke” nesithi “iNkosi EnguMbusi,” kusukela kudala uye wanikeza izinceku zakhe eziqotho ilungelo elikhulu lokuba zimbize ngegama lakhe.

Ngokwesibonelo, lapho umprofethi uMose enxusa uNkulunkulu waqala ngokuthi: “Uxolo, Jehova.” (Eksodusi 4:10) Lapho kunikezelwa ithempeli eJerusalema, iNkosi uSolomoni yaqala umthandazo wayo ngala mazwi: “O Jehova.” (1 AmaKhosi 8:22, 23) Nalapho umprofethi u-Isaya ekhuluma noNkulunkulu emelele abantu bakwa-Israyeli, wathi: “Wena Jehova, unguBaba wethu.” (Isaya 63:16) Ngokusobala, uBaba wethu osezulwini ufuna simbize ngegama lakhe.

Nakuba ukubiza uJehova ngegama kubalulekile, kodwa ukumazi kahle kuhilela okwengeziwe. Kunesithembiso uJehova asithembisa umuntu omthandayo nomethembayo. Uthi: “Ngizomvikela ngoba ulazile igama lami.” (IHubo 91:14) Ngokusobala, ukwazi igama likaNkulunkulu kuhlanganisa izinto eziningi ngoba kuyindlela eyinhloko yokuthola isivikelo sakhe. Yini-ke elindeleke kuwe ukuze umazi kahle uJehova?