Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Izihluthulelo Zenjabulo Yomkhaya

Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi

Khuluma Nezingane Zakho Ngezocansi

UNokuthula, * intombazane eyeve eminyakeni eyishumi nambili, uthi: “Ngezinye izikhathi ngiye ngifise ukwazi izinto ezithile ngocansi, kodwa ngiyesaba ukubuza abazali bami ngoba bazovele bacabange ukuthi sengiqala ukuganga.”

UZanele, unina kaNokuthula, uthi: “Ngingathanda ukuhlala phansi nendodakazi yami sixoxe ngezocansi, kodwa ihlale imatasa ngokuthile. Angisitholi isikhathi sokuxoxa nayo.”

NAMUHLA, ucansi lungundabuzekwayo—kuyi-TV, kumabhayisikobho nasemabhodini okukhangisa emigwaqweni. Kubonakala sengathi ngabazali nezingane kuphela abasakubheka njengehlazo ukukhuluma ngocansi. UMichael, insizwa esentsha yaseCanada, uthi: “Ngifisa sengathi abazali bebazi ukuthi kuthusa futhi kubangela amahloni kanjani ngathi [basha] ukukhuluma nabo ngezocansi. Kulula ukukhuluma nomngane.”

Ngokuvamile, nabo abazali besaba njengezingane zabo ukuqala le ndaba. Encwadini yakhe ethi Beyond the Big Talk, uDebra W. Haffner, ofundisa ngezempilo uthi: “Abazali abaningi baye bangitshela ukuthi baye bathengela ingane yabo incwadi edingida ezocansi noma ukuthomba, bayibeka ekamelweni layo, kodwa bangalokotha baxoxa ngayo.” UDebra Haffner uthi lokhu kutshela izingane into eyodwa: “Sifuna nazi ngemizimba yenu nangocansi; kodwa asifuni ukuxoxa nani ngakho.”

Uma ungumzali, kudingeka ushintshe indlela ocabanga ngayo. Kubaluleke ngempela ukuba kube nguwe oxoxa nezingane zakho ngocansi. Cabangela izizathu zalokho ezintathu:

  1. Isishintshile indlela ucansi olubhekwa ngayo. UJames oneminyaka engu-20 uthi: “Abantu abasabheki ucansi njengesenzo esenziwa abantu ababili abashadile. Manje sekunobulili bomlomo, ubulili bendunu nobulili obukuyi-Internet—ngisho nezithombe zobulili ezithunyelelwa ngomakhalekhukhwini.”

  2. Izingane zakho zingase zitshelwe amanga ngocansi zisencane. Umama othile ogama lakhe linguSheila uthi: “Izingane ziqala ukuzwa ngocansi zingena nje esikoleni futhi ngeke zithole umbono wena ongafisa ukuba zibe nawo.”

  3. Izingane zakho zinemibuzo ethile ngocansi kodwa mancane kakhulu amathuba okuthi zingeza kuwe zizoxoxa nawe ngale ndaba. U-Ana waseBrazil oneminyaka engu-15 uthi: “Uma ngikhuluma iqiniso, angazi ukuthi ngingabaqala ngakuphi abazali bami.”

Ngempela, ukukhuluma nezingane zakho  ngocansi kuyingxenye yomthwalo wemfanelo owunikezwe uNkulunkulu njengomzali. (Efesu 6:4) Yebo, kungase kungabi lula kuwe njengomzali nakubo njengezingane. Kodwa okuhle ukuthi intsha eningi ivumelana noDanielle oneminyaka engu-14, othi, “Singathanda ukufundiswa abazali bethu ngezocansi—hhayi othisha noma izinhlelo ezikuyi-TV.” Ungakhuluma kanjani-ke nezingane zakho ngale ndaba ebaluleke kangaka kodwa ebangela amahloni? *

Hambisana Neminyaka Yengane

Ngaphandle kwalapho zingaxhumani nhlobo nezwe, izingane ziqala ukuzwa ngocansi zisencane kakhulu. Okuphazamisa nakakhulu ukuthi kulezi ‘zinsuku zokugcina’ abantu ababi baye basuka ‘kokubi baya kokubi kakhulu.’ (2 Thimothewu 3:1, 13) Ngokudabukisayo, kunezingane eziningi ezihlukunyezwa abantu abadala ngokocansi.

Ngakho, kubalulekile ukuba uqale ukufundisa izingane zakho zisencane impela. URenate, umama waseJalimane, uthi: “Uma ulinda kuze kube yilapho seziqala ukuthomba, zingase zingafuni ukukuvulela isifuba ngenxa yamahloni ahambisana nokuthomba.” Isihluthulelo siwukunikeza izingane ulwazi kuye ngeminyaka yazo.

Ongakutshela ojahidada:

Gxila ekubafundiseni amagama angempela ezitho zobulili, futhi ugcizelele ukuthi akekho umuntu okufanele azithinte. UJulia, umama waseMexico, uthi: “Ngaqala ukufundisa indodana yami ineminyaka emithathu. Kwakungikhathaza kakhulu ukwazi ukuthi othisha, abazanyana noma izingane esezikhulakhulile zingase ziyinukubeze. Kwakudingeka ngiyisize yazi indlela yokuzivikela.”

ZAMA LOKHU: Qeqesha ingane yakho ukuba yenqabe ngokuqinile uma othile ezama ukudlala ngezitho zayo zobulili. Ngokwesibonelo, ungase uyifundise ukuba ithi: “Ungangithinti! Ngizokuceba!” Yiqinisekise ukuthi ukuceba isigangi kuhle ngaso sonke isikhathi—ngisho noma siyethembisa izipho noma siyethusa. *

Ongakutshela izingane ezifunda amabanga aphansi:

Sebenzisa le minyaka njengethuba lokwenezela kancane kancane kulokho osuyifundise khona kakade ingane yakho. Ubaba othile, uPeter, uthi: “Yizwa amanzi ngobhoko” ngaphambi kokuqala ukuxoxa nengane. Thola ukuthi yini eyaziyo kakade nokuthi ingathanda yini ukwazi okwengeziwe. Ungayiphoqi ukuba nixoxe. Uma uhlale uchitha isikhathi nezingane zakho, cishe lokhu kuyozenzakalela.

ZAMA LOKHU: Xoxani njalo kafushane, kunokuba kuqabukele nixoxa. (Duteronomi 6:6-9) Uma wenza ngale ndlela, ngeke uzethuse izingane zakho. Ngaphezu kwalokho, njengoba zikhula, ziyoba nolwazi eziludingayo oluhambisana neminyaka yazo.

Ongakutshela amabhungu namatshitshi:

Lesi yisikhathi sokuqinisekisa ukuthi ingane yakho inolwazi olugcwele ngocansi ngokuqondene nomzimba, imizwelo nokuziphatha. U-Ana oneminyaka engu-15 futhi ocashunwe ngaphambidlana uthi: “Abafana namantombazane esikoleni baya ocansini ngisho noma bengathandani. Ngicabanga ukuthi njengomKristu, ngidinga ulwazi olwanele ngale ndaba. Nakuba kubangela amahloni ukuxoxa ngocansi, kodwa kumelwe ngazi.” *

Nasi isixwayiso: Intsha ingase yesabe ukubuza imibuzo ngenxa yokwesaba ukuthi abazali bazosola ukuthi isiqale imikhuba emibi. Ubaba ogama lakhe linguSteven wazibonela ngokwakhe lokhu. Uthi: “Indodana yethu yayimadolonzima ukuxoxa nathi ngocansi. Kodwa kamuva sathola ukuthi yayicabanga ukuthi kukhona  esikusolayo endleleni eyayenza ngayo. Sayicacisela ukuthi isizathu esenza sithande ukuxoxa nayo akukhona ukuthi sisola okuthile; sasifisa nje ukuqiniseka ukuthi ikuhlomele ukubhekana namathonya amabi agcwele ezweni.”

ZAMA LOKHU: Esikhundleni sokupheka ingane yakho eyeve eshumini nambili ngemibuzo ephathelene nocansi, yibuze ukuthi zithini izingane efunda nazo esikoleni. Ngokwesibonelo, ungase uthi: “Abantu abaningi namuhla banomuzwa wokuthi ubulili bomlomo abulona ngempela ucansi. Ingabe ofunda nabo bacabanga kanjalo?” Imibuzo enjengalena cishe iyokwenza ingane yakho ivuleke futhi iveze eyayo imibono.

Ukunqoba Amahloni

Yiqiniso, ukukhuluma nezingane zakho ngocansi kungenzeka kungenye yezinto ezibangela amahloni kakhulu okufanele uyenze njengomzali. Kodwa uyozibonga. Umama othile ogama lakhe linguDiane uthi: “Ngokuhamba kwesikhathi, amahloni ayancipha futhi ukuxoxa nengane yakho ngocansi kungase kunenze nisondelane.” USteven, ocashunwe ngaphambidlana, uyavuma. “Uma kuwumkhuba wenu ukuxoxa ngokukhululekile nganoma yini, kuba lula kakhudlwana ukuxoxa ngezocansi.” Uyanezela: “Amahloni awapheli ngokuphelele, kodwa ukuxoxa ngokukhululekile kubalulekile ekwakheni umndeni wamaKristu onempilo.”

^ isig. 3 Amagama akulesi sihloko ashintshiwe.

^ isig. 11 Lesi sihloko sizodingida isidingo sokukhuluma nezingane zakho ngocansi. Kunesinye isihloko esizolandela esizoxoxa ngendlela yokuzifundisa ukuziphatha kahle lapho nixoxa ngale ndaba.

^ isig. 16 Lokhu kuthathwe ekhasini 171 lencwadi ethi Funda KuMfundisi Omkhulu, enyatheliswa oFakazi BakaJehova.

^ isig. 19 Ungasebenzisa izahluko 1 kuya ku-5, no-28, no-29 no-33 zencwadi ethi Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, uMqulu 2, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, ukuze uxoxe ngezocansi nengane yakho eyeve eshumini nambili.

ZIBUZE . . .

Ake uzwe okushiwo enye intsha emazweni athile, bese uzibuza imibuzo ehambisana nalokho ekushoyo.

“Abazali bami baye bangitshele ukuba ngifunde izincwadi ezikhuluma ngocansi, ngemva kwalokho ngiye kubo ngibabuze noma yimiphi imibuzo enginayo. Kodwa ngifisa sengathi bebengakhuluma nami ngale ndaba.”—U-Ana, waseBrazil.

Ucabanga ukuthi kungani kubalulekile ukungagcini nje ngokunika ingane yakho incwadi ekhuluma ngocansi engayifunda?

“Ngike ngezwa ngemikhuba engcolile eyenziwa abantu engicabanga ukuthi ubaba akakaze ayizwe selokhu kwathi nhló. Angamangala kabi uma ngingambuza ngayo.”—UKen, waseCanada.

Yiziphi izinto okungenzeka ukuthi ingane yakho iyesaba ukukhuluma nawe ngazo?

“Ngolunye usuku ngaqunga isibindi ngabuza abazali bami umbuzo enganginawo ngocansi, kodwa bangiphendula njengokungathi ngonile. Bangibuza, ‘Yini nje ekwenza ubuze lokho? Wenzeni?’”—UMasami, waseJapan.

Lapho ingane yakho ikubuza umbuzo othile ngocansi, indlela osabela ngayo ingawavula kanjani amathuba okuxoxa esikhathini esizayo noma iwavale?

“Kungasiza uma abazali bami bebengangiqinisekisa ngokuthi ngesikhathi besebasha babezibuza imibuzo efanayo nokuthi alikho icala ekuyibuzeni.”—ULisette, waseFrance.

Ungayisiza kanjani ingane yakho ukuba ikhululeke ukukhuluma nawe ngezocansi?

“Umama wayevame ukungibuza imibuzo ethile ngezocansi—kodwa ngezwi elihle elipholile. Ngicabanga ukuthi kubalulekile lokho ukuze ingane ingazizwa sengathi iyahlulelwa.”—UGerald, waseFrance.

Ukhuluma ngephimbo elinjani lapho uxoxa nengane yakho ngezocansi? Ingabe kukhona lapho ungathuthukisa khona?