Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?

Kungani Kunokuhlupheka Okungaka?

Ukuze siqonde ukuthi kungani kunokuhlupheka okungaka nokuthi kungani imizamo yabantu iye yehluleka ukukuqeda, kudingeka sithole umnyombo wangempela wakho. Nakuba izimbangela zingafani futhi ziyinkimbinkimbi, siyajabula ngoba iBhayibheli lingasisiza ukuba sizithole. Kulesi sihloko, sizohlola izizathu ezinhlanu eziyisisekelo zokuthi kungani kunokuhlupheka okungaka. Sicela ucabange ngokucophelela ngalokho iBhayibheli elikushoyo futhi ubone indlela iZwi likaNkulunkulu elisisiza ngayo siqonde umnyombo wangempela wale ndaba ebalulekile.—2 Thimothewu 3:16.

IMIPHUMELA YOKUBUSA OKUBI

IBhayibheli lithi: “Lapho omubi ebusa, abantu bayabubula.”—IzAga 29:2.

Umlando ukhuluma ngomashiqela abaningi ababephatha abantu ngendluzula bebabangela ukuhlupheka okukhulu. Kuyiqiniso ukuthi akubona bonke ababusi abanjalo. Abanye basuke benezinhloso ezinhle zokwenzela abanye abantu okuhle. Nokho, lapho sebebusa, ngokuvamile bathola ukuthi imizamo yabo iphazanyiswa imibango nokulwelwa kwezikhundla. Noma bangase basebenzise kabi igunya labo ngokuba babe ogombela kwesabo bese kuhlukumezeka abantu. UHenry Kissinger, owayenguNobhala Wombuso wase-U.S wathi: “Umlando uyindaba yemizamo eyehluleka, yezifiso ezingafezekanga.”

IBhayibheli lithi: “Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Abantu abangaphelele abanakho ukuhlakanipha okwanele nokubona izinto kusengaphambili okungabasiza ukuba bahlele ngempumelelo zonke izindaba zabo. Uma abantu bengenakuqondisa izinyathelo zabo, bangakwazi kanjani ukuqondisa ezesizwe? Uyabona yini ukuthi kungani ababusi bengenakukwazi ukuqeda ukuhlupheka? Empeleni, ezikhathini eziningi ukubusa okubi kuyimbangela yokuhlupheka!

ITHONYA LENKOLO YAMANGA

UJesu wathi: “Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Johane 13:35.

Abefundisi bazo zonke izinkolo namasonto bashumayela ngothando nobunye. Amaqiniso awukuthi baye bahluleka ukugxilisa kubalandeli babo uthando olujulile olukwazi ukuqeda ukucwasana. Kunokuba ikhuthaze uthando, ngokuvamile inkolo inesandla ekubangeni ukwahlukana, ubandlululo nezimpi phakathi kwabantu noma izinhlanga. Lapho siphetha incwadi yaso ethi Christianity and the World Religions, isazi sezenkolo uHans Küng, sabhala: “Izingxabano ezimbi kunazo zonke zezombusazwe nezinonya kakhulu, yilezo ezazigqugquzelwa futhi zigunyazwa inkolo.”

 Ngaphezu kwalokho, abefundisi bamasonto amaningi bakwamukela obala ukuya ocansini ungashadile, ukuba neshende nobungqingili. Lokhu kuye kwabhebhethekisa izifo, kwandisa ukukhishwa kwezisu, ukukhulelwa okungafunwa, kwahlukanisa imishado nemindeni, kwabangela nobuhlungu obukhulu.

UKUNGAPHELELI KWABANTU NEZIFISO ZOBUGOVU

“Yilowo nalowo ulingwa ngokuhehwa nangokuhungwa yisifiso sakhe siqu. Khona-ke isifiso, lapho sesakhekile, sizala isono.”—Jakobe 1:14, 15.

Sonke, ngenxa yokungapheleli esikuzuze njengefa sithambekele ekwenzeni amaphutha futhi kudingeka silwe nokwenza “izinto ezithandwa yinyama.” (Efesu 2:3) Kunzima kakhulu ukwenqaba ukwenza okubi lapho kuvela ithuba. Uma sivumela izifiso ezilimazayo, imiphumela ingaba buhlungu kakhulu.

Umbhali uP.  D. Mehta wabhala: “Ukuhlupheka okuningi kubangelwa izifiso zethu, ukufuna kwethu injabulo engenamkhawulo, ukuzanelisa, ubugovu nokufuna ukuba ngongqa phambili.” Ukunxanela nokuluthwa yizo zonke izinhlobo zezinto—utshwala, izidakamizwa, ukugembula, ucansi, njalo njalo—kuye konakalisa ukuphila ‘kwabantu abaningi abahloniphekile’ kwalethela nemindeni yabo, abangane nabanye usizi. Uma sicabangela uhlobo abantu abangaphelele abayilo, kufanele sivumelane nalokho okushiwo iBhayibheli uma lithi: “Siyazi ukuthi yonke indalo iyaqhubeka ibubula kanyekanye futhi isezinhlungwini.”—Roma 8:22.

AMANDLA EMIMOYA EMIBI

IBhayibheli lembula ukuthi uSathane ‘ungunkulunkulu walesi simiso sezinto’ futhi usebenza nemimoya emibi enamandla ebizwa ngokuthi amademoni.—2 Korinte 4:4; IsAmbulo 12:9.

NjengoSathane, amademoni amatasa alawula abantu futhi ayabadukisa. Umphostoli uPawulu wakuvuma lokhu lapho ethi: “Asibambene negazi nenyama kodwa sibambene nawohulumeni, namagunya, nababusi bezwe balobu bumnyama, nebandla lomoya ababi ezindaweni zasezulwini.”—Efesu 6:12.

Nakuba amademoni ekujabulela ukuhlukumeza abantu, kodwa lokho akuwona umgomo wawo oyinhloko. Afisa ukuhlubula abantu kuNkulunkulu oPhezukonke, uJehova. (IHubo 83:18) Imikhuba enjengokubhula ngezinkanyezi, imilingo, ubuthakathi, ukubikezela inhlanhla ingezinye zezindlela ezisetshenziswa amademoni ukuze akhohlise futhi alawule abantu. Yingakho uJehova esiqaphelisa ngalezi zingozi futhi evikela bonke abamelana noSathane.—Jakobe 4:7.

SIPHILA “EZINSUKWINI ZOKUGCINA”

Eminyakeni engaba izinkulungwane ezimbili edlule, iBhayibheli labikezela: “Yazi lokhu, ukuthi ezinsukwini zokugcina kuyofika izikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo.”

Uma lichaza lokho okwenza izikhathi zibe bucayi, liqhubeka lithi: “Ngoba abantu bayokuba abazithandayo, abathanda imali, abazazisayo, abazidlayo, . . . abangenalo uthando, abangafuni sivumelwano, abanyundeli, abangenakho ukuzithiba, abanolaka, abangenalo uthando lokuhle, abakhapheli, abanenkani, abakhukhumele, abathandi benjabulo kunokuba abathandi bakaNkulunkulu.” Ngokuqinisekile, isizathu esiyinhloko sakho konke ukuhlupheka esikubonayo namuhla ukuthi siphila “ezinsukwini zokugcina.”—2 Thimothewu 3:1-4.

Ngokwalezi zizathu esisanda kuxoxa ngazo, akucaci yini ukuthi kungani abantu bengakwazi ukuqeda ukuhlupheka naphezu kwezinhloso zabo ezinhle? Pho singalutholaphi usizo? Kumelwe siphendukele kuMdali wethu, othembisa ‘ukubhidliza imisebenzi kaDeveli’ neyabalandeli bakhe. (1 Johane 3:8) Isihloko esilandelayo sizoxoxa ngalokho uNkulunkulu azokwenza ukuze aqede zonke izimbangela zokuhlupheka.