Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INDABA YOKUPHILA

Ukuthola Amandla Ebuthakathakeni

Ukuthola Amandla Ebuthakathakeni

Uma ungibona ngihlezi esihlalweni sabakhubazekile, njengoba nginomzimba obuthaka onesisindo esingamakhilogremu angu-29, ngeke usho ukuthi nginamandla. Kodwa njengoba umzimba wami uya uphelelwa amandla, amandla angaphakathi angigcina ngiphila. Ake ngikuchazele ukuthi ngiye ngaba namandla kanjani yize ngibuthaka.

Lapho ngineminyaka emine

Ukucabanga ngokukhula kwami kubuyisa izinkumbulo zezikhathi ezimnandi endlini encane esemaphandleni aseningizimu yeFrance, lapho abazali bami babehlala khona. Ubaba wangakhela umjikelo futhi ngangikuthanda ukugijima egcekeni. Ngo-1966, kwafika oFakazi BakaJehova ekhaya futhi babeba nezingxoxo ezinde nobaba. Ngemva nje kwezinyanga ezingu-7, ubaba waba uFakazi. Ngokushesha nomama waba uFakazi futhi bangikhulisa ngendlela enothando.

Izinkinga zami zaqala ngemva nje kokuba siphindele eSpain, izwe abazalelwa kulo abazali bami. Ngaqala ngokuzwa ubuhlungu obuhlabayo ezandleni nasemaqakaleni. Ngemva kweminyaka emibili sehla senyuka kodokotela, sathola udokotela wamathambo owaziwayo, owavele wathi, “Sekwephuze kakhulu.” Umama wavele wakhala. Egumbini lasesibhedlela engangikulo ngezwa amagama engangingawazi, njengelithi “autoimmune chronic illness” nelithi “juvenile polyarthritis.” * Nakuba ngangingaqondi kahle ukuthi kwenzekani njengoba ngangiseyintombazanyana eneminyaka eyishumi, ngabona ukuthi izinto azihambi kahle.

Udokotela wathi kungcono ngelashwe esibhedlela sezingane. Lapho ngifika, ngethuswa ukubukeka kwaleso sibhedlela. Umthetho wawuqinile: Izindela zangigunda izinwele zangigqokisa izingubo zakhona ezimbi. Ngazibuza ngikhala, ‘Kazi ngizokwazi yini ukuhlala lapha?’

UJEHOVA UBA NGOKOQOBO KIMI

Ngenxa yokuthi abazali bami babengifundisile ukukhonza uJehova, ngenqaba ukuhlanganyela emikhosini yamaKatolika eyayenziwa esibhedlela. Kodwa kwakunzima ngezindela ukuqonda ukuthi kungani ngenqaba. Ngancenga uJehova ukuba angangishiyi futhi ngokushesha ngakuzwa ukuvikela kwakhe, okufana nokwanga okufudumele kukababa onothando.

Abazali bami babevunyelwe ukuba bangivakashele isikhashana ngeMigqibelo. Babengiphathela izincwadi ezisekelwe eBhayibhelini engangizifunda ukuze ngiqinise ukholo lwami. Izingane zazingavunyelwe ukuba nezincwadi zazo, kodwa izindela zangivumela  ukuba ngizigcine ezami kanye neBhayibheli, engangilifunda zonke izinsuku. Ngangiphinde ngikhulume namanye amantombazane ngethemba lami lokuphila phakade emhlabeni oyiPharadesi, lapho kuyobe kungasekho muntu ogulayo. (IsAmbulo 21:3, 4) Nakuba ngezinye izikhathi ngangizizwa ngidangele futhi nginesizungu, kwakungijabulisa ukuthi ukholo nokwethembela kwami kuJehova kwakuya kuqina.

Ngemva kwezinyanga eziyisithupha ezinzima, odokotela bangiphindisela ekhaya. Nakuba ngangingakalulami, kwangijabulisa ukuba sekhaya nabazali. Amalunga omzimba ayelokhu egogeka futhi ngizwa ubuhlungu obukhulu. Lapho ngeva eminyakeni eyishumi nambili ngangintekenteke kakhulu. Noma kunjalo, lapho ngineminyaka engu-14 ngabhapathizwa, ngizimisele ukukhonza uBaba wami wasezulwini ngamandla ami onke. Nokho, ngezinye izikhathi ngangimbeka icala. Ngangithandaza, “Kungani kwenzeka kimi lokhu? Ngicela ungelaphe. Awuboni ukuthi ngihlupheka kangakanani?”

Iminyaka yobusha yayinzima kimi. Kwadingeka ngamukele ukuthi ngeke ngibe ngcono. Ngangiziqhathanisa nabangane bami—ababeyimiqemane futhi bekujabulela ukuphila. Ngangizizwa ngingelutho futhi ngaba unkom’ idla yodwa. Noma kunjalo, umndeni wakithi nabangane babengisekela. Ngimkhumbula kahle u-Alicia—owayemdala kunami ngeminyaka engu-20—owaba umngane wangempela. Wangisiza ukuba ngibheke ngale kokugula kwami futhi ngikhathalele abanye kunokuba ngicabange kakhulu ngezinkinga zami.

UKUTHOLA IZINDLELA ZOKWENZA UKUPHILA KWAMI KUBE NENJONGO

Lapho ngineminyaka engu-18, ngagula kakhulu, ngisho nokuya emihlanganweni yobuKristu kwakungishiya ngikhathele ngiyingcuba. Noma kunjalo, ngasebenzisa leso sikhathi ngisekhaya ukuze ngifunde iBhayibheli ngokucophelela. Incwadi kaJobe namaHubo zangisiza ngaqonda ukuthi okwamanje ngokuyinhloko uJehova uNkulunkulu usinakekela ngokomoya hhayi ngokwenyama. Ukuthandaza njalo kwanginika “amandla angaphezu kwavamile” kanye ‘nokuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga.’2 Korinte 4:7; Filipi 4:6, 7.

Lapho ngineminyaka engu-22, kwadingeka ngamukele ukuthi ngizohlala esihlalweni sabakhubazekile ukuphila kwami konke. Ngangesaba ukuthi abantu ngeke besanginaka, kunalokho bazobona isihlalo sabakhubazekile nowesifazane ogulayo. Kodwa isihlalo sabakhubazekile sangenza ngakwazi ukuzenzela ezinye izinto, le nto engangiyibheka “njengesiqalekiso” yaba isibusiso. Umngane wami u-Isabel wasikisela ukuba ngizibekele umgomo wokuchitha amahora angu-60 sishumayela ndawonye inyanga eyodwa.

Ekuqaleni, ngangicabanga ukuthi udlala ngami. Kodwa ngacela usizo kuJehova futhi ngenxa yokusekela komndeni nabangane, ngaphumelela. Leyo nyanga ematasa yadlula ngokushesha futhi ngabona ukuthi lokho kungenze nganqoba ukwesaba namahloni. Ngakujabulela kakhulu kangangokuba ngo-1996 nganquma ukuba iphayona elivamile—ngichithe isilinganiso esithile samahora ngishumayela inyanga ngayinye. Leso kwaba esinye sezinqumo ezinhle kunazo zonke futhi sangisondeza kuNkulunkulu sangiqinisa nasemzimbeni. Ukushumayela kwangisiza ngakwazi ukuxoxa nabantu abaningi ngokholo lwami futhi ngasiza abanye ukuba babe abangane bakaNkulunkulu.

UJEHOVA UYAQHUBEKA ENGISEKELA

Ehlobo lika-2001, ngaba sengozini yemoto embi eyangishiya ngiphuke imilenze yomibili. Njengoba ngilele esibhedlela ngizwa ubuhlungu obukhulu, ngobuqotho ngathandaza buthule: “Ngicela ungangishiyi Jehova!” Ngaso leso sikhathi, owesifazane owayelele embhedeni oseduze kowami wangibuza, “Ingabe unguFakazi KaJehova?” Ngangingenawo amandla okuphendula, ngakho nganqekuzisa ikhanda. Wathi, “Ngiyanazi! Ngivame ukufunda omagazini benu.” Lawo mazwi angiduduza kakhulu. Ngisho noma ngangisesimweni esidabukisayo, ngakwazi ukufakaza ngoJehova. Yeka ilungelo!

Lapho ngiba ngconywana, nganquma ukufakaza kakhudlwana. Umama wayengiqhuba esibhedlela ngesihlalo sabakhubazekile nemilenze yami efakwe ukhonkolo. Usuku ngalunye sasivakashela iziguli ezimbalwa, sizibuze impilo, bese sizishiyela izincwadi zeBhayibheli. Kwakukhathaza ukwenza lokho,  kodwa uJehova wayenginika amandla engangiwadinga.

Nginabazali bami ngo-2003

Kule minyaka embalwa edlule, ukuqaqamba nobuhlungu kuye kwaqinisa futhi ukushona kukababa kwenezela ezinsizini zami. Noma kunjalo, ngiyazama ukuzigcina ngijabule. Kanjani? Uma kwenzeka, ngiba nezihlobo nabangane futhi lokho kungenza ngiyeke ukucabanga ngezinkinga zami. Kanti uma ngingedwa, ngiyafunda, ngitadishe iBhayibheli, noma ngishumayeze abanye ngocingo.

Ngivame ukuvala amehlo bese ngicabanga ngezwe elisha elithenjiswe uNkulunkulu

Ngiyazama nokujabulela izinto ezincane, njengokushaywa umoya omnandi ebusweni noma ukuhogela iphunga lezimbali. Lezi zinto zinginikeza izizathu zokubonga. Ukuhleka nakho kufeza lukhulu. Ngelinye ilanga ngesikhathi sishumayela, umngane wami, owayengiqhuba ngesihlalo sabakhubazekile, wathi ukuma esabhala okuthile. Yimi lowaya ngehla emmangweni ngesihlalo ngaze ngayoshayisa imoto emile. Sobabili sethuka, kodwa lapho sibona ukuthi akonakalanga lutho, safa insini.

Ziningi izinto engihluleka ukuzenza ekuphileni. Ngizibiza ngokuthi izifiso engisalindele ukuba zifezeke. Ngivame ukuvala amehlo ngicabange ngezwe elisha elithenjiswe uNkulunkulu. (2 Petru 3:13) Ngizibona ngingumqemane, ngikwazi ukuzihambela futhi ngijabulela ukuphila. Angithinta inhliziyo amazwi eNkosi uDavide athi: “Themba uJehova; yiba nesibindi futhi inhliziyo yakho mayibe namandla.” (IHubo 27:14) Nakuba umzimba wami usuntekenteke kakhulu, uJehova uye wanginika amandla. Ngiyaqhubeka ngithola amandla ebuthakathakeni bami.

^ isig. 6 I-juvenile polyarthritis uhlobo lwesifo samathambo esingelapheki oluphatha izingane. Amasosha omzimba ahlasela futhi abulale izicubu zomzimba eziphilile, okubangela ubuhlungu nokuvuvuka kwamalunga.