Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Ingabe Bewazi?

Ingabe Bewazi?

Kungani izelelesi zazephulwa nemilenze lapho zibulawa?

Mayelana nokubulawa kukaJesu nezelelesi ezimbili ezigxotsheni zokuhlushwa ukulandisa kweVangeli kuthi: “AmaJuda . . . acela kuPilatu ukuba kuphulwe imilenze yabo futhi izidumbu zisuswe.”Johane 19:31.

Umthetho wamaJuda wawuthi isidumbu seselelesi esilenga esigxotsheni kwakungafanele “sihlale ubusuku bonke esigxotsheni.” (Duteronomi 21:22, 23) Kungenzeka ukuthi amaJuda ayesebenzisa umthetho ofanayo kulabo ababebulawa amaRoma ngokubethelwa esigxotsheni. Babephulwa imilenze ukuze basheshe bafe futhi bangcwatshwe ngaphambi kokuba iSabatha liqale ekushoneni kwelanga.

Ezikhathini eziningi lapho umuntu ebulawa ngale ndlela, wayebethelwa esigxotsheni, kufakwe izipikili ezandleni nasezinyaweni zakhe. Lapho isigxobo siphakanyiswa, lowo obethelwe wayezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yesisindo somzimba wakhe olenga ezipikilini. Ukuze aphefumule kwakudingeka atibilele, akhuphule umzimba obethelwe. Nokho uma amathambo emilenze yakhe ephukile, wayengeke akwazi ukukwenza lokho. Wayezosheshe abulawe ukungawutholi umoya mpilo owanele—uma kungabanga ukopha kakhulu.

Zazisetshenziswa kanjani izindwayimane ezimpini zasendulo?

Indwayimane yisikhali esasetshenziswa uDavide ukuze abulale uGoliyati. Cishe uDavide wafunda ukusebenzisa lesi sikhali ngesikhathi esengumfanyana ongumalusi.1 Samuweli 17:40-50.

Umdwebo oqoshiwe obonisa abase-Asiriya behlasela umuzi ovikelekile wamaJuda ngezindwayimane

Indwayimane iyavela emidwebweni yaseGibhithe neyase-Asiriya yangezikhathi zeBhayibheli. Yayinesikhwanyana sesikhumba noma sendwangu okwakuxhunywa kuso izintambo ezimbili. Osebenzisa indwayimane wayefaka kulesi sikhwanyana itshe elibushelelezi noma eliyindilinga elingaba amasentimitha amahlanu kuya kwangu-7,5 ububanzi anesisindo esingaba amagremu angu-250. Wayebe eseyishwilizisa phezu kwekhanda lakhe abese ededela intambo eyodwa, bese itshe lijikijeleka ngesivinini esikhulu liye ngqo lapho eshaya khona.

Kuye kwatholakala izindwayimane eziningi emivubukulweni yaseMpumalanga Ephakathi ezazisetshenziswa ezimpini zasendulo. Kungenzeka ukuthi amaqhawe anekhono ayejikijela amatshe ngazo ngesivinini esingamakhilomitha angu-160 kuya kwangu-240 ngehora. Izazi azivumelani ngokuthi indwayimane yayifana yini nomnsalo ngamandla, kodwa indwayimane nayo yayiyisikhali esibulalayo.AbaHluleli 20:16.