Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | INGABE UNKULUNKULU UYAKUKHATHALELA?

UNkulunkulu Uyakududuza

UNkulunkulu Uyakududuza

“UNkulunkulu oduduza labo abadangele, wasiduduza.”—2 KORINTE 7:6.

‘INdodana kaNkulunkulu yangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.’—GALATHIYA 2:20

OKWENZA ABANYE BANGABAZE: Ngisho nalapho bedinga induduzo ngempela, abanye abantu baba nomuzwa wokuthi kuwubugovu ukucela ukuba uNkulunkulu abasize bakwazi ukubhekana nezinkinga zabo. Owesifazane ogama lakhe linguRaquel, uthi, “Lapho ngibheka inani labantu emhlabeni, nezinkinga ezinkulu ababhekana nazo, ezami izinkinga zibonakala zizincane kakhulu kangangokuba ngiye ngingabaze ukucela usizo kuNkulunkulu.”

LOKHO OKUFUNDISWA IZWI LIKANKULUNKULU: Kukhona okuthile okuphawulekayo uNkulunkulu asekwenzile kakade ukuze asize futhi aduduze abantu. Wonke umuntu osemhlabeni namuhla unesono asizuze njengefa—ukwehluleka ukugcina imithetho kaNkulunkulu ngokuphelele. Nokho, uNkulunkulu “wasithanda futhi wathumela iNdodana yakhe [uJesu Kristu] njengomhlatshelo oyisihlawulelo wezono zethu.” (1 Johane 4:10) Ngokufa kukaJesu okuwumhlatshelo, uNkulunkulu wenza ukuba izono zethu zikwazi ukuthethelelwa, sibe nonembeza ohlanzekile nethemba lokuphila phakade ezweni elisha elinokuthula. * Kodwa ingabe lowo mhlatshelo wenzelwe nje bonke abantu noma ingabe ubonisa isithakazelo uNkulunkulu anaso kuwe ngokuqondile?

Cabanga ngomphostoli uPawulu. Umhlatshelo kaJesu wamshukumisela ukuba abhale lokhu: “[Ngiphila] ngokholo eNdodaneni kaNkulunkulu, eyangithanda futhi yazinikela ngenxa yami.” (Galathiya 2:20) Yiqiniso, uJesu wafa ngaphambi kokuba uPawulu abe umKristu. Noma kunjalo, uPawulu wayebheka lowo mhlatshelo njengesipho ayesinikwa uNkulunkulu ngokuqondile.

Ngendlela efanayo, ukufa kukaJesu okuwumhlatshelo kuyisipho uNkulunkulu akunika sona ngokuqondile. Leso sipho sibonisa indlela oyigugu ngayo kuNkulunkulu. Singakunika “induduzo yaphakade nethemba elihle” ngaleyo ndlela ‘sikuqinise kuzo zonke izenzo namazwi amahle.’—2 Thesalonika 2:16, 17.

Nokho, uJesu wanikela ngokuphila kwakhe njengomhlatshelo eminyakeni ecishe ibe ngu-2 000 edlule. Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ube nobuhlobo naye namuhla?

^ isig. 5 Ukuze ufunde okwengeziwe ngomhlatshelo kaJesu Kristu, bheka isahluko 5 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova.