Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Izimpendulo Zemibuzo YeBhayibheli

Ingabe lokhu kuphila ukuphela kwako?

Ingabe ngezinye izikhathi kubonakala sengathi ukuphila kufushane kakhulu?

Wake wazibuza: Ingabe siphilela ukudlala, ukusebenza, ukushada, ukukhulisa izingane bese siyaguga? (Jobe 14:1, 2) IBhayibheli libonisa ukuthi ngisho nabantu abahlakaniphe kakhulu bake bazibuza lo mbuzo.—Funda umShumayeli 2:11.

Ingabe ukuphila kunenjongo? Okokuqala kumelwe sizibuze: Ukuphila kwaqala kanjani? Ngemva kokuhlola indlela emangalisayo okwenziwe ngayo izingqondo nemizimba yethu, abaningi baye baphetha ngokuthi senziwe uMdali ohlakaniphile. (Funda iHubo 139:14.) Uma kunjalo kumelwe ukuba wayenesizathu sokusidala! Ukufunda ngaleso sizathu kungenza ukuphila kwethu kube nenjongo nakakhulu.

Badalelwani abantu?

UNkulunkulu wabusisa abantu ababili bokuqala, wabanika nomsebenzi ojabulisayo. Injongo yakhe yayiwukuba, bagcwalise umhlaba, bawenze ipharadesi futhi baphile phakade.—Funda uGenesise 1:28, 31.

Injongo kaNkulunkulu ayibange isagcwaliseka ngaleso sikhathi ngenxa yokuthi abantu bavukela ukubusa kukaNkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu akazange asilahle noma ashintshe injongo yakhe ngathi nangomhlaba. IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi uNkulunkulu ubelokhu eqhubeka esebenza ukuze asindise abantu abathembekile futhi injongo yakhe ngomhlaba izogcwaliseka! Ngakho uNkulunkulu ufuna uphile ngendlela ayeyihlosile! (Funda iHubo 37:29.) Funda iBhayibheli ukuze uthole indlela ongazuza ngayo enjongweni kaNkulunkulu.