Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIYINHLOKO | UNKULUNKULU UYIBHEKA KANJANI IMPI?

Indlela UNkulunkulu Ayebheka Ngayo Impi Endulo

Indlela UNkulunkulu Ayebheka Ngayo Impi Endulo

Abantu babecindezelwa. Bathandaza kuNkulunkulu ngokuphindaphindiwe becela usizo kodwa akabaphendulanga—okungenani okwangaleso sikhathi. Labo bantu kwakungama-Israyeli, abantu bakaNkulunkulu ezikhathini zasendulo. Babecindezelwa isizwe saseGibhithe esinamandla. (Eksodusi 1:13, 14) Kwaphela iminyaka ama-Israyeli elinde ukuba uJehova awakhulule ekugqilazweni abaseGibhithe. Ekugcineni, isikhathi sikaNkulunkulu sokukhulula abantu bakhe safika. (Eksodusi 3:7-10) IBhayibheli lisitshela ukuthi uNkulunkulu walwa neGibhithe ngokwakhe. Washaya iGibhithe ngezinhlupho ezilandelanayo, wabhubhisa uFaro nebutho lakhe oLwandle Olubomvu. (IHubo 136:15) UJehova uNkulunkulu wazibonakalisa ‘eyindoda yempi’ ngenxa yabantu bakhe.Eksodusi 15:3, 4.

Ukulwa kukaNkulunkulu neGibhithe kubonisa ukuthi akuzona zonke izimpi amelene nazo. Ngezinye izikhathi, wagunyaza abantu bakhe, u-Israyeli, ukuba baye empini. Ngokwesibonelo, wabayala ukuba balwe namaKhanani ayemabi ngokwedlulele. (Duteronomi 9:5; 20:17, 18) Wayala iNkosi yakwa-Israyeli, uDavide, ukuba ilwe namaFilisti ayecindezela ama-Israyeli. UNkulunkulu waze wachazela uDavide lokho okwakufanele akwenze ukuze anqobe.2 Samuweli 5:17-25.

Lokhu kulandisa kweBhayibheli kwembula ukuthi lapho ama-Israyeli esongelwa izinhlobo ezithile zobubi nokucindezelwa, uNkulunkulu wagunyaza izimpi ukuze avikele abantu bakhe futhi alondoloze ukukhulekela kweqiniso. Kodwa phawula amaphuzu ayinhloko amathathu alandelayo ngokuphathelene nezimpi ezagunyazwa uNkulunkulu.

  1. UNKULUNKULU KUPHELA OWAYENQUMA UKUTHI UBANI OZOKULWA. Ngesinye isikhathi, uNkulunkulu watshela ama-Israyeli: “Ngeke kudingeke ukuba nina nilwe kulokhu.” Sasiyini isizathu? UNkulunkulu wayezowalwela. (2 IziKronike 20:17; 32:7, 8) Wakwenza lokho izikhathi eziningi, njengalapho ekhulula ama-Israyeli eGibhithe—njengoba sibonile ekuqaleni kwalesi sihloko. Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayala u-Israyeli wasendulo ukuba alwe ezimpini ezazihilela ukuthola nokuvikela iZwe Lesithembiso.Duteronomi 7:1, 2; Joshuwa 10:40.

  2. UNKULUNKULU KUPHELA OWAYENQUMA UKUTHI KUZOLIWA NINI. Izinceku zikaNkulunkulu kwakudingeka zilinde isikhathi sikaNkulunkulu esimisiwe ngesineke ukuze zilwe nokucindezelwa nobubi okwakuzizungezile. Kuze kube yileso sikhathi, kwakungamelwe zilwe. Lapho zikhetha ukuzilwela, uNkulunkulu wayengazisekeli. Eqinisweni iBhayibheli libonisa ukuthi lapho ama-Israyeli eya empini engayitholanga imvume kuNkulunkulu, ngokuvamile lokho kwakuholela enhlekeleleni. *

  3. Lapho uNkulunkulu elwa namaKhanani, wasindisa abathile kuwo njengoRahabi nomndeni wakhe

    UNKULUNKULU AKAJABULI NGOKUFA KWABANTU, KUHLANGANISE NABABI. UJehova uNkulunkulu unguMthombo wokuphila noMdali wabantu. (IHubo 36:9) Ngenxa yalokho akakujabuleli ukubona abantu befa. Nokho, ngokudabukisayo kunabantu abaceba ukucindezela abanye ngisho nokubabulala imbala. (IHubo 37:12, 14) Ngezinye izikhathi uNkulunkulu wayegunyaza izimpi ukuze aqede lobo bubi. Nokho, kuyo yonke iminyaka ayala ngayo u-Israyeli ukuba aye empini, ubelokhu ‘enesihe’ futhi ‘ephuza ukuthukuthelela’ abacindezeli bama-Israyeli. (IHubo 86:15) Ngokwesibonelo, wayala amabutho akwa-Israyeli ukuba ngaphambi kokuba alwe nomuzi, kwakumelwe ‘awazise imibandela yokuthula,’ ukuze abantu abahlala kuwo bathole ithuba lokushintsha izindlela zabo futhi bagweme impi. (Duteronomi 20:10-13) Ngale ndlela, uNkulunkulu wayebonisa ukuthi ‘akajabuli ngokufa komubi kodwa ngokuba omubi abuye endleleni yakhe futhi empeleni aqhubeke ephila.’Hezekeli 33:11, 14-16. *

Kulokhu esesikufundile siyabona ukuthi endulo, uNkulunkulu wayebheka impi njengendlela yokukhulula abantu bakhe kuzo zonke izinhlobo zokucindezela nobubi. KwakunguNkulunkulu—hhayi abantu—owayenelungelo lokunquma ukuthi leyo mpi izoba khona nini futhi obani abazolwa kuyo. Ingabe uNkulunkulu wagunyaza impi ngoba omele igazi? Cha. UNkulunkulu uyabuzonda ubudlova. (IHubo 11:5) Ingabe umbono kaNkulunkulu ngempi washintsha lapho iNdodana yakhe, uJesu Kristu, iqala inkonzo yayo ngekhulu lokuqala?

^ isig. 7 Ngokwesibonelo, ngesinye isikhathi, ama-Israyeli anqotshwa lapho elwa nama-Amaleki namaKhanani ngemva kokuba uNkulunkulu ewayale ukuba angayi empini. (Numeri 14:41-45) Kamuva, ngemva kweminyaka eminingi, iNkosi ethembekile uJosiya, yaya empini ingayitholanga imvume kuNkulunkulu futhi ngenxa yaleso senzo sobuwula yalahlekelwa ukuphila kwayo.2 IziKronike 35:20-24.

^ isig. 8 Ama-Israyeli awawachazelanga amaKhanani imibandela yokuthula ngaphambi kokulwa nawo. Kungani? Kungenxa yokuthi amaKhanani anikwa iminyaka engu-400 ukuze alungise izindlela zawo ezimbi. Ngesikhathi ama-Israyeli efika ezokulwa nawo, amaKhanani—njengeqembu—ayengakashintshi. (Genesise 15:13-16) Ngakho kwakumelwe abhuqwe. Nokho, amaKhanani ambalwa alungisa izindlela zawo ezimbi, asinda.Joshuwa 6:25; 9:3-27.