Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INDLELA IMINIKELO YENU ESETSHENZISWA NGAYO

Ukunikeza Usizo Ngo-2021—Asibakhohliwe Abafowethu Nodadewethu

Ukunikeza Usizo Ngo-2021—Asibakhohliwe Abafowethu Nodadewethu

JANUWARI 1, 2022

 Phakathi nonyaka wenkonzo ka-2021, a abantu emhlabeni wonke baqhubekile nokudonsa kanzima ngenxa yobhubhane lwe-COVID-19. Njengoba kwachazwa esihlokweni esithi “Ukunikeza Usizo Emhlabeni Wonke Phakathi Nobhubhane Lomhlaba Wonke,” sisebenzise izigidi zamaRandi sinikeza usizo ngenkathi yobhubhane futhi samisa amaKomiti Okunikeza Usizo angaphezu kuka-950.

 Ngesikhathi ubhubhane lubhebhethekisa okomlilo wequbula, kube nezinye izinhlekelele zemvelo nalezo ezibangelwa abantu eziqhubekile nokuhlukumeza abafowethu nodadewethu emhlabeni wonke. Ukuze isize ezinhlekeleleni ezinjalo ezingaphezu kuka-200, iKomiti Yabaxhumanisi YeNdikimba Ebusayo yagunyaza ukusetshenziswa kwemali engamarandi angu-124 070 000 ngaphezu kosizo olwalunikeziwe ngenxa ye-COVID-19. Cabanga ngendlela iminikelo yenu esetshenziswe ngayo ukusiza abantu abathinteke ezinhlekeleleni ezimbili ezenzeke muva nje.

Ukuqhuma Kwentaba-mlilo ENtabeni INyiragongo

 NgoMeyi 22, 2021 kwaqhuma intaba-mlilo eNtabeni iNyiragongo, eseDemocratic Repuplic of Congo. Udaka olushisayo olwasakazeka lwacekela phansi izindlu, izikole; ngisho namathange amanzi. Kodwa lena kwakungeyona ukuphela kwengozi eyayikhona. Ngemva kwezinsuku ezimbalwa kwenzeke lokhu kuqhuma, uthuli olunobuthi lwasakazeka kulo lonke idolobha laseGoma futhi kwaba khona nokundindizela komhlaba okuningi. Abantu abaningi abahlala kulelo dolobha batshelwa ukuba babaleke. Amakhulu ezinkulungwane abaleka, abanye babalekela eRwanda.

EHholo LoMbuso, ikomiti yokunikeza usizo yendawo iphaka umdokwe oshisayo

 Phakathi kwabashiya imizi yabo kwakunoFakazi BakaJehova abangaba ngu-5 000. Abanye balahlekelwa imizi yabo ngenxa yokuqhuma kwentaba-mlilo, kanti impahla yabanye yaphangwa ngemva kokuba sebebalekile. Amakomiti okunikeza usizo aseRwanda naseDemocratic Republic of Congo ahlangana ukuze ahlele ukusiza. Mayelana nenye ikomiti yokunikeza usizo, igatsha laseCongo (Kinshasa) liyabika: “Naphezu kwesiyaluyalu esasikhona edolobheni ngisho nangaphambi kokuba abantu babaleke, ikomiti yaqala ukuletha ukudla, amanzi, izinto zokulala, nezingubo zokugqoka.” Kwelinye idolobha lapho kwakuhlangene abafowethu abangaphezu kuka-2 000, ikomiti enikeza usizo yaletha amatende, izifonyo, futhi yachaza indlela yokunciphisa izingozi zokungenwa i-COVID-19 nekholera.

Kukalwa amasaka okudla ngaphambi kokuba anikezwe abanye oFakazi ababaleke emizini yabo

 Zingakapheli izinyanga ezintathu ngemva kwenhlekelele, abafowethu base benikele ngelayisi elingamathani ayisithupha, amathani ayisithupha empuphu, amathani amathathu amafutha okupheka, kanye namathani amathathu amanzi. Ukuze kongiwe izimali, igatsha lahlela ukuba kuthengwe ukudla okuningi kwasendaweni esikhundleni sokuthenga ukudla okubizayo phesheya.

 Omunye udade onomuzi owacekeleka phansi uthi: “Sasidumazekile futhi silusizi ngenxa yokuqhuma kwentaba-mlilo.” Kodwa umndeni wakhe wathola usizo olungokoqobo nolungokomoya. Manje uthi: “Ngosizo lukaJehova, sisenakho esikudingayo. Sizibonele mathupha ukuthi uJehova uyasithwalela imithwalo yethu enze kube lula ngathi ukukhuthazela.”

Ukuwohloka kwezomnotho eVenezuela

 EVenezuela kube nezinkinga zomnotho ezinkulu ezidonse iminyaka eminingi. Abafowethu lapho bakhuthazelela izimo zomnotho ezinzima, ukuntuleka kokudla, kanye nokwanda kobugebengu. Noma kunjalo, inhlangano kaJehova ayizange ibakhohlwe.

Kulayishwa amasaka elayisi ukuze athunyelwe ezindaweni ezihlukahlukene eVenezuela

 Phakathi nonyaka wenkonzo odlule, kusetshenziswe imali engaphezu kwamarandi angu-23 263 000 kuthengwa futhi kuhanjiswa ukudla nensipho emakhaya antulayo. Igatsha laseVenezuela liyabika: “Akulula ukuhambisa ukudla okungamathani angu-130 kulo lonke izwe nyanga zonke uphinde uqiniseke ngokuthi bonke abafowethu abantulayo bayakuthola.” Ukuze kuqinisekwe ukuthi ukudla akonakali, abazalwane bavame ukuthumela ukudla okungasheshi ukonakala. Igatsha liqhubeka lithi: “Sithenga ukudla okuningi ngesikhathi kusanda kuvunwa nalapho amanani ephansi. Sibe sesikuthumela ngezindlela ezingabizi kakhulu.”

Ngenxa yokuntuleka kukaphethiloli okukhulu kanye nezimoto, abazalwane abasebasha bahamba ngamabhayisikili amakhilomitha angu-18 ukuze bahambise ukudla ebandleni abakulo

 ULeonel, oyilungu leKomiti Yokunikeza Usizo eVenezuela, usithanda kakhulu isabelo sakhe, uthi: “Isabelo sokunikeza usizo sikhethekile. Leli lungelo lingiqinise kakhulu kusukela kwashona umkami engimthandayo ngenxa ye-COVID-19. Ngizigcina ngimatasa futhi ngizibona ngiwusizo kubafowethu abadinga usizo. Ngizibonele mathupha indlela uJehova asigcine ngayo isithembiso sakhe sokuthi ngeke abakhohlwe abantu bakhe.”

 Omunye umzalwane owayekade ekhonza ekomitini yokunikeza usizo ngaphambili, naye owasizwa uthi: “Manje kwase kuyithuba lami lokuba ngisizwe, asitholanga nje kuphela izinto esasizidinga. Abazalwane baphinde bangisiza mina nomkami ukuba sihlale sizolile. Basinakekela, basiduduza futhi basikhuthaza.”

 Ezinye izinhlekelele zivele zigadle kungalindele muntu. Noma kunjalo, inhlangano kaJehova ngokuvamile iyakwazi ukunikeza usizo futhi iluthumele ngokushesha, ngenxa yeminikelo yenu yomsebenzi womhlaba wonke. Ezinye izindlela zokunikela zichazwe kuwebusayithi ethi donate.dan124.com. Sibonga kakhulu ngokuba kwenu nesandla esivulekile.

a Unyaka wenkonzo ka-2021 waqala ngoSepthemba 1, 2020 waphela ngo-Agasti 31, 2021.