Dlulela kokuphakathi

AMAVESI EBHAYIBHELI AYACHAZWA

Roma 5:8​—“Ngesikhathi Siseyizoni, UKristu Wasifela”

Roma 5:8​—“Ngesikhathi Siseyizoni, UKristu Wasifela”

 “UNkulunkulu usibonisa uthando lwakhe siqu ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.”—Roma 5:8, IBhayibheli ImiBhalo Engcwele.

 UNkulunkulu ubonisa ukuthi uyasithanda ngalokhu: Ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.”—Roma 5:8, I-New International Version.

Incazelo Yencwadi YabaseRoma 5:8

 UJehova a uNkulunkulu wabonisa ukuthi ubathanda kakhulu abantu abanesono lapho evumela iNdodana yakhe, uJesu Kristu, ukuba ibafele. (Johane 3:16) Njengoba abantu benesono, bavame ukucabanga futhi benze izinto eziphambene nemithetho kaNkulunkulu elungile. (Kolose 1:21, 22) Noma kunjalo, uNkulunkulu uye wenza sakwazi ukubuyisana naye “ngokufa kweNdodana yakhe.” (Roma 5:10) Ngenxa yalokho, singakwazi ukusondelana noNkulunkulu manje, sibuye sibe nethemba lokuphila phakade esikhathini esizayo.—Roma 5:11; 1 Johane 4:9, 10.

Umongo Wencwadi YabaseRoma 5:8

 Umphostoli uPawulu wabhala la mazwi ebhalela amaKristu ayehlala eRoma. Kulokhu osekuyisahluko sesihlanu sencwadi yakhe eya kwabaseRoma, umphostoli uPawulu wachaza ukuthi kungani amaKristu kufanele ajabule futhi aqiniseke ngethemba lawo. (Roma 5:1, 2) Lelo themba “aliholeli ekudumazekeni” ngoba lisekelwe endleleni uNkulunkulu abonisa ngayo ukuthi usithanda kakhulu ngokunikela ngendodana yakhe uJesu. (Roma 5:5, 6) UJesu waqhubeka emlalela ngokuphelele uNkulunkulu, lokho umuntu wokuqala u-Adamu ahluleka ukukwenza. (Roma 5:19) Ukungalaleli kuka-Adamu kwenza inzalo yakhe yaba nesono esiholela ekufeni. (Roma 5:12) Ngokuphambene nalokho, ukulalela kukaJesu ngokuphelele nangokunikela ngokuphila kwakhe ukuze kube isihlengo kwenza abantu abalalelayo babe nethemba lokuphila phakade.—Roma 5:21.

a Elithi Jehova yigama likaNkulunkulu elambulwe eBhayibhelini.—IHubo 83:18.