Dlulela kokuphakathi

Siyini Isono?

Siyini Isono?

Impendulo YeBhayibheli

Isono siyinoma yisiphi isenzo, umuzwa noma umcabango omelene nezindinganiso zikaNkulunkulu. Siwukwephula imithetho kaNkulunkulu ngokwenza okubi noma okungalungile emehlweni kaNkulunkulu. (1 Johane 3:4; 5:​17) IBhayibheli libuye lichaze izono ezibangelwa ukushiyeka​—okungukuthi, ukuhluleka ukwenza okulungile.​—Jakobe 4:​17.

Ezilimini zokuqala zeBhayibheli, amagama achaza isono asho “ukugeja uphawu.” Ngokwesibonelo, kwa-Israyeli wasendulo kwakuneqembu lamasosha elalinekhono lokujikijela amatshe kangangokuthi ‘lalingageji.’ Leyo nkulumo, uma ihunyushwa ngokwezwi nezwi, ingafundeka kanje: “ngeke one.” (AbaHluleli 20:16) Ngakho, ukona kuwukwehluleka ukuphila ngokuvumelana nezindinganiso zikaNkulunkulu eziphakeme ngisho noma sizama.

NjengoMdali, uNkulunkulu unelungelo lokubekela isintu izindinganiso. (IsAmbulo 4:​11) Siyolandisa kuye ngezenzo zethu.​—Roma 14:12.

Singakwazi yini ukukugwema ngokuphelele ukona?

Cha. IBhayibheli lithi “bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu.” (Roma 3:​23; 1 AmaKhosi 8:​46; UmShumayeli 7:​20; 1 Johane 1:8) Kungani kunjalo?

Abantu bokuqala, u-Adamu no-Eva, babengenaso isono ekuqaleni. Isizathu salokho ukuthi badalwa bephelele, ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:​27) Nokho, balahlekelwa ukuphila okuphelele ngenxa yokungamlaleli uNkulunkulu. (Genesise 3:​5, 6, 17-​19) Lapho beba nezingane, badlulisela kuzo isono nokungapheleli njengefa. (Roma 5:​12) Kunjengoba kwasho iNkosi yakwa-Israyeli uDavide: “Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko.”​—IHubo 51:5.

Ingabe ezinye izono zimbi kakhulu kunezinye?

Yebo. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi amadoda aseSodoma lasendulo “ayemabi futhi eyizoni” futhi izono zawo ‘zazinzima kakhulu.’ (Genesise 13:13; 18:20) Ake sixoxe ngezici ezintathu ezinquma ubukhulu noma ububi besono

  1. Sibi kangakanani. IBhayibheli lisixwayisa ukuba sigweme izono ezimbi kakhulu njengokuziphatha okubi ngokobulili, ukukhonza izithombe, ukweba, ukudakwa, ukuphanga, ukubulala nokusebenzelana nemimoya. (1 Korinte 6:​9-​11; IsAmbulo 21:8) IBhayibheli liveza umehluko phakathi kwezono ezimbi kakhulu nezono ozenza ungahlosile, ngokwesibonelo, amazwi noma izenzo ezilimaza abanye. (IzAga 12:18; Efesu 4:​31, 32) Noma kunjalo, iBhayibheli lisikhuthaza ukuba siqaphe lonke uhlobo lwesono, njengoba izono zingabangela ukuba siphule umthetho kaNkulunkulu.​—Mathewu 5:​27, 28.

  2. Inhloso. Ezinye izono abantu bazenza bengazi ukuthi yini uNkulunkulu ayifunayo. (IzEnzo 17:30; 1 Thimothewu 1:​13) Nakuba singenazo izaba zokwenza izono ezinjalo, iBhayibheli liveza umehluko phakathi kwazo nezono ezihilela ukwephula umthetho kaNkulunkulu ngamabomu. (Numeri 15:30, 31) Izono zamabomu zivela ‘enhliziyweni embi.’​—Jeremiya 16:12.

  3. Senzeke kangaki. IBhayibheli libuye liveze umehluko phakathi kwesono esenzeke kanye nesono esenzeke izikhathi eziningi. (1 Johane 3:​4-8) Labo ‘abenza isono ngamabomu,’ ngisho nangemva kokufunda indlela yokwenza okulungile, bathola isahlulelo sikaNkulunkulu esibuhlungu.​—Hebheru 10:26, 27.

Labo abenze izono ezimbi kakhulu bangase bazizwe becindezelekile ngenxa yamaphutha abo. Ngokwesibonelo, iNkosi uDavide yabhala: “Iziphambeko zami zeqé ikhanda lami; njengomthwalo osindayo ziyangesinda kakhulu.” (IHubo 38:4) Nokho iBhayibheli linikeza leli themba: “Umuntu omubi makashiye indlela yakhe, nomuntu olimazayo imicabango yakhe; makabuyele kuJehova, oyoba nesihe kuye, nakuNkulunkulu wethu, ngoba uyothethelela ngendlela enkulu.”​—Isaya 55:7.