Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli NgoKhisimusi?

Lithini IBhayibheli NgoKhisimusi?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli alisinikezi usuku lokuzalwa kukaJesu futhi alisho ukuthi kufanele silugubhe. I-Cyclopedia kaMcClintock noStrong ithi: “UNkulunkulu akayalanga ukuba kugujwe uKhisimusi, futhi uKhisimusi awuveli [eTestamenteni Elisha].”

Kunalokho, ukuhlola umlando kaKhisimusi kwembula ukuthi unomsuka wamasiko ezinkolelo zobuqaba. IBhayibheli libonisa ukuthi siyamcasula uNkulunkulu uma sizama ukumkhulekela ngendlela angayamukeli.—Eksodusi 32:5-7.

Umlando wamasiko kaKhisimusi

  1. Ukugubha usuku lokuzalwa kukaJesu: “AmaKristu okuqala awazange alugubhe usuku lokuzalwa [kukaJesu] ngoba ayebheka ukugujwa kosuku lokuzalwa kwanoma ubani njengesiko lobuqaba.”—The World Book Encyclopedia.

  2. U-December 25: Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wazalwa ngalolu suku. Kungenzeka ukuthi abefundisi besonto bakhetha lolu suku ukuze luhambisane nemikhosi yobuqaba eyayigujwa ngaleso sikhathi noma ngenjikalanga yasebusika.

  3. Ukuphana izipho, amadili, amaphathi: I-Encyclopedia Americana ithi: “ISaturnalia, umkhosi wamaRoma owawugujwa phakathi no-December, waba yisibonelo samasiko amaningi okuzithokozisa ahambisana noKhisimusi. Ngokwesibonelo, kwasukela kulo mkhosi ukwenziwa kwamadili amakhulu, ukuphana ngezipho nokukhanyisa amakhandlela.” I-Encyclopædia Britannica ibonisa ukuthi “yonke imisebenzi namabhizinisi kwakuvalwa” ngesikhathi seSaturnalia.

  4. Izibani zikaKhisimusi: Ngokwe-Encyclopedia of Religion, abaseYurophu babehlobisa izindlu zabo “ngezibani nangezinhlobonhlobo zezihlahla ezihlala ziluhlaza” ukuze bagubhe imikhosi yangenjikalanga yasebusika futhi bavimbele imimoya emibi.

  5. Umhlalanyoni, i-holly: “Abefundisi benkolo yasendulo eNgilandi babethi amandla okwenza imilingo avela ngokukhethekile esihlahleni somhlalanyoni. Isihlahla i-holly, esihlale siluhlaza, sasikhulekelwa sibhekwa njengesithembiso sokubuya kwelanga.”—The Encyclopedia Americana.

  6. Isihlahla sikaKhisimusi: “Ukukhulekelwa kwesihlahla, kwakuvamile kubantu baseYurophu abangamaqaba futhi baqhubeka bekwenza nalapho sebephendukele ebuKristwini.” Enye yezindlela zokukhulekela isihlahla eyasala isiko “lokubeka isihlahla se-Yule emnyango noma ngaphakathi endlini ngamaholidi asebusika.”​—Encyclopædia Britannica.