Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengawugubhi UKhisimusi?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengawugubhi UKhisimusi?

Imibono evamile engamanga

 Amanga: OFakazi BakaJehova abawugubhi uKhisimusi ngoba abakholelwa kuJesu.

 Iqiniso: SingamaKristu. Sikholelwa ukuthi insindiso siyithola ngoJesu Kristu kuphela.—IzEnzo 4:12.

 Amanga: Nihlukanisa imindeni ngokufundisa amalungu enu ukuba angawugubhi uKhisimusi.

 Iqiniso: Siyikhathalela ngokujulile imindeni futhi sisebenzisa iBhayibheli ukuze sakhe imindeni eqinile.

 Amanga: Anihlanganyeli “emoyeni kaKhisimusi” wokupha, wokuthula emhlabeni nowokubonisa abantu umusa.

 Iqiniso: Sizama ukupha nokuba nokuthula nsuku zonke. (IzAga 11:25; Roma 12:18) Ngokwesibonelo, indlela esiqhuba ngayo imihlangano yethu nesishumayela ngayo ivumelana nesiqondiso sikaJesu: “Namukelé ngesihle, yiphani ngesihle.” (Mathewu 10:8) Ngaphezu kwalokho, sibheka uMbuso kaNkulunkulu njengoyithemba langempela lokuthula emhlabeni.—Mathewu 10:7.

Kungani oFakazi BakaJehova bengawugubhi uKhisimusi?

  •   UJesu wasiyala ukuba sikhumbule ukufa kwakhe, hhayi ukuzalwa kwakhe.—Luka 22:19, 20.

  •   Abaphostoli bakaJesu nabalandeli bakhe bokuqala abazange bawugubhe uKhisimusi. I-New Catholic Encyclopedia ithi, “uMkhosi wokuzalwa kukaJesu wasungulwa ngemva kuka-243 [C.E.],” ngemva kweminyaka engaphezu kweyikhulu umphostoli wokugcina ashona.

  •   Abukho ubufakazi bokuthi uJesu wazalwa ngo-December 25; usuku lwakhe lokuzalwa alukho eBhayibhelini.

  •   Sikholelwa ukuthi uNkulunkulu akawamukeli uKhisimusi ngenxa yokuthi usekelwe emasikweni nasemikhosini yabantu ababengamkhonzi.—2 Korinte 6:17.

Kungani nivumela ukungathandwa ngenxa nje kaKhisimusi?

 Abantu abaningi bayaqhubeka begubha uKhisimusi yize bazi ukuthi unomsuka wobuqaba futhi awusekelwe eBhayibhelini. Abantu abanjalo bangase babuze: Kungani amaKristu ekhetha ukungathandwa, aphikisane neningi? Kungani kumelwe sikwenze into ebalulekile lokhu?

 IBhayibheli lisikhuthaza ukuba sicabange, sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga.’ (Roma 12:1, 2) Lisifundisa ukuba silazise iqiniso. (Johane 4:23, 24) Nakuba sinendaba nokuthi abanye basibheka kanjani, sinamathela emithethweni yeBhayibheli ngisho noma lokho kungasenza singathandwa.

 Nakuba thina sikhetha ukungawugubhi uKhisimusi, siyalihlonipha ilungelo lomuntu ngamunye lokuzikhethela kule ndaba. Asibaphazamisi abanye lapho begubha uKhisimusi.