Dlulela kokuphakathi

Ingabe Ukhona UNkulunkulu?

Ingabe Ukhona UNkulunkulu?

Impendulo yeBhayibheli

Yebo, iBhayibheli linikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukhona uNkulunkulu. Lisikhuthaza ukuba sakhe ukholo kuNkulunkulu, singaphuphuthekiswa, sikholelwe izinto ezingamanga ezishiwo inkolo kodwa sisebenzise ‘amandla ethu okucabanga’ ‘namandla engqondo.’ (Roma 12:1; 1 Johane 5:20) Cabanga ngemisho elandelayo echazwa lokho okushiwo iBhayibhelini:

  • Ukuba khona kwendawo yonke ehlelekile, enokuphila kubonisa ukuthi ukhona uMdali. IBhayibheli lithi: “Yebo, yileyo naleyo ndlu yakhiwa othile, kodwa lowo owakha izinto zonke uNkulunkulu.” (Hebheru 3:4) Nakuba le ncazelo iqondakala kalula, abantu abaningi abayizifundiswa bakuthola kunzima ukuyiqonda. a

  • Njengabantu, sinesifiso esizalwa naso sokuqonda incazelo yokuphila nenjongo yako, uhlobo lwendlala oluhlala lukhona nangemva kokuba izidingo ezingokwenyama sesizanelisile. Lokhu kuyingxenye yalokhu iBhayibheli elikubiza ngokuthi “isidingo esingokomoya” okuhlanganisa isifiso sokwazi uNkulunkulu nesokumdumisa. (Mathewu 5:3; IsAmbulo 4:11) Lesi sidingo esingokomoya asinikezi nje kuphela ubufakazi bokuthi ukhona uNkulunkulu, kodwa siphinde sibonise ukuthi unguMdali onothando ofuna ukuba sanelise leso sifiso.—Mathewu 4:4.

  • Iziprofetho eziseBhayibhelini, zabhalwa emakhulwini eminyaka ngaphambi kokuba zigcwaliseke futhi zagcwaliseka ngendlela ezazibikezelwe ngayo. Ukunemba nemininingwane yalokhu okwabikezelwa kuwubufakazi obuqinile bokuthi kuvela emthonjeni onamandla angaphezu kwawomuntu.—2 Petru 1:21.

  • Ababhali beBhayibheli babenolwazi lwesayensi olwalungaphezu kwalokho okwakuqondwa abantu bangesikhathi sabo. Ngokwesibonelo, ezikhathini zasendulo abantu abaningi babekholelwa ukuthi umhlaba uhlezi phezu kwesilwane esinjengendlovu, ingulube yasendle noma inkabi. IBhayibheli lifundisa okuhlukile kunalokho, lithi uNkulunkulu “welulela inyakatho endaweni engenalutho.” (Jobe 26:7) IBhayibheli liphinde likuchaze kahle ukuma komhlaba lithi ‘uyisiyingi.’ (Isaya 40:22) Abantu abaningi banomuzwa wokuthi ukuphela kwesizathu esasingenza ababhali beBhayibheli bakwazi ukuqonda izinto ngale ndlela ethuthuke kangaka ukuthi abakubhala kwakuvela kuNkulunkulu.

  • IBhayibheli liphendula imibuzo eminingi enzima, imibuzo okungathi uma ingaphendulwa ngokwanelisayo, iholele ekutheni umuntu akholelwe ukuthi uNkulunkulu akekho. Ngokwesibonelo: Uma uNkulunkulu enothando futhi enawo wonke amandla, kungani kukhona ububi nokuhlupheka emhlabeni? Kungani inkolo ihlale iyithonya lokubi kunokuba ithonya lokuhle?—Thithu 1:16.

a Ngokwesibonelo, isazi sezinkanyezi u-Allan Sandage esesashona sake sathi ngokuphathelene nomhlaba: “Ngikubona kuyinto engenakwenzeka ukuba ukuhleleka okunje kwavela ezintweni ezingahlelekile. Kumelwe kube khona isimiso esithile sokuhlela izinto. Kimi uNkulunkulu akaqondakali kodwa ukuba khona koMdali kuwukuphela kwendlela yokuchaza isimangaliso sendalo, ukuchaza ukuthi ‘kungani kukhona okuthile esikhundleni sokuthi kungabi nalutho.’