Dlulela kokuphakathi

Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?

Yini Ongayenza Ukuze Umazi Kahle UNkulunkulu?

Impendulo yeBhayibheli

 Ungamazi kahle uNkulunkulu ngokufunda ngaye nangokwenza izinto ezimjabulisayo. UNkulunkulu uyobe ‘esesondela kuwe.’ (Jakobe 4:8) IBhayibheli lisiqinisekisa ngokuthi ‘akakude kulowo nalowo kithi.’—IzEnzo 17:27.

 Ongakwenza ukuze wazi uNkulunkulu

 Funda iBhayibheli

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Yonke imiBhalo iphefumulelwe uNkulunkulu.”—2 Thimothewu 3:16.

  •  Incazelo: UNkulunkulu unguMlobi weBhayibheli. Wafaka imicabango yakhe ezingqondweni zababhali beBhayibheli. UJehova usambulele intando yakhe esebenzisa le ncwadi ehlukile kwezinye. Usambulele nobuntu bakhe, kuhlanganise nothando lwakhe, ubulungisa nesihe.—Eksodusi 34:6; Duteronomi 32:4.

  •  Ongakwenza: Funda iBhayibheli nsuku zonke. (Joshuwa 1:8) Cabangisisa ngalokho okufundayo, uzibuze: ‘Lokhu kungifundisani ngoNkulunkulu njengoMuntu?’—IHubo 77:12.

     Ngokwesibonelo, funda uJeremiya 29:11 bese uyazibuza: ‘Yini uNkulunkulu afuna ngibe nayo—ukuthula noma inhlekelele? Ingabe unguNkulunkulu othanda ukuphindisela noma ufuna ngibe nekusasa elihle?’

 Buka indalo

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe.”—Roma 1:20.

  •  Incazelo: Indalo kaNkulunkulu yembula okuningi ngobuntu bakhe, njengoba nje nomsebenzi owenziwe ngobuciko ungembula okuningi ngomuntu owenzile noma njengoba nje umshini oyinkimbinkimbi ungasho lukhulu ngumsunguli wawo. Ngokwesibonelo, izinto ezikwazi ukwenziwa ingqondo yomuntu nokuba yinkimbinkimbi kwayo kwembula ukuhlakanipha kukaNkulunkulu, futhi indlela ilanga nezinkanyezi okusebenza ngayo kuveza amandla akhe.—IHubo 104:24; Isaya 40:26.

  •  Ongakwenza: Ziphe isikhathi sokubuka nokufunda ngomhlaba wethu. Njengoba wenza kanjalo, zibuze, ‘Indlela emangalisayo indalo eyenziwe ngayo yembulani ngoNkulunkulu?’ a Kuyiqiniso ukuthi ziningi izinto indalo engeke ikwazi ukusitshela zona ngoMdali wethu. Yingakho esinikeze iBhayibheli.

 Sebenzisa igama likaNkulunkulu

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Ngizomvikela ngoba uyalazi igama lami. Uzongibiza, ngimphendule.”—IHubo 91:14, 15.

  •  Incazelo: UNkulunkulu, ogama lakhe linguJehova, ubanaka ngokukhethekile labo abalaziyo igama lakhe nabalisebenzisa ngenhlonipho. b (IHubo 83:18; Malaki 3:16) Ngokusitshela igama lakhe, uNkulunkulu uzethule kithi. Uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.”—Isaya 42:8.

  •  Ongakwenza: Sebenzisa igama likaJehovah lapho ukhuluma ngaye.

 Khuluma noJehova ngomthandazo

  •  Okushiwo iBhayibheli: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo.”—IHubo 145:18.

  •  Incazelo: UJehova usondela kulabo abathandaza kuye benokholo. Umthandazo ungenye yezinto ezibalulekile ekukhonzeni uNkulunkulu ebonisa ukuthi simhlonipha ngokujulile.

  •  Ongakwenza: Thandaza kuNkulunkulu njalo. (1 Thesalonika 5:17) Mtshele izinto ezikukhathazayo nendlela ozizwa ngayo.—IHubo 62:8. c

 Yakha ukholo kuNkulunkulu

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Ngaphandle kokholo akwenzeki ukumjabulisa uNkulunkulu.”—Hebheru 11:6.

  •  Incazelo: Ukuze sisondele kuNkulunkulu, kumelwe sibe nokholo kuye. EBhayibhelini, ukuba nokholo kusho okungaphezu nje kokukholelwa ukuthi uNkulunkulu ukhona. Kusho nokumethemba ngokuphelele, kuhlanganise nezithembiso zakhe nemithetho yakhe. Ukwethembana kubalulekile ukuze kube nobuhlobo obuhle.

  •  Ongakwenza: Ukholo lwangempela lusekelwe olwazini. (Roma 10:17) Ngakho tadisha iBhayibheli, uzikholise wena ukuthi ungamethemba uNkulunkulu neseluleko sakhe. OFakazi BakaJehova bangakujabulela ukutadisha nawe iBhayibheli. d

 Yenza izinto ezijabulisa uNkulunkulu

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Yilokhu okushiwo uthando ngoNkulunkulu, ukuba sigcine imiyalo yakhe.”—1 Johane 5:3.

  •  Incazelo: UJehova useduze nalabo ababonisa ukuthi bayamthanda ngokuthi benze konke abangakwenza ukuze balalele imiyalo yakhe.

  •  Ongakwenza: Njengoba utadisha iBhayibheli, naka ukuthi yini uNkulunkulu ayithandayo nangayithandi. Zibuze, ‘Yiluphi ushintsho engingalwenza ukuze ngijabulise uMdali wami?’—1 Thesalonika 4:1.

 Yizwa indlela uNkulunkulu akukhathalela ngayo ngokuthi usebenzise iseluleko sakhe

  •  Okushiwo iBhayibheli: “Niyozibonela nina ukuthi [uNkulunkulu] muhle.”—IHubo 34:8, The Bible in Basic English.

  •  Incazelo: UNkulunkulu ukumema ukuba uzibonele wena ukuthi muhle kanjani. Lapho uzizwela wena uthando lwakhe nokukusekela kwakhe, uyofuna ukusondela kuye.

  •  Ongakwenza: Njengoba ufunda iBhayibheli, sebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu, ujabulele izinzuzo oyozithola ngokusisebenzisa. (Isaya 48:17, 18) Bheka nasezibonelweni zabanye okuthe ngosizo lukaNkulunkulu bakwazi ukunqoba izinselele zabo, bakwenza ngcono ukuphila kwabo nokwemindeni yabo, bathola nenjabulo yangempela. e

  Imibono eyiphutha ngokwazi uNkulunkulu

 Iphutha: UNkulunkulu unamandla kakhulu futhi ubaluleke kakhulu ukuba angafuna ukusondelana nathi.

 Iqiniso: Nakuba uNkulunkulu enamandla kakhulu futhi ebaluleke kunakho konke okuphilayo, usimema ukuba sisondele kuye. IBhayibheli linezibonelo eziningi zamadoda nabesifazane ababa abangane bakhe abakhulu.—IzEnzo 13:22; Jakobe 2:23.

 Iphutha: Ngeke sikwazi ukumazi uNkulunkulu ngoba uyimfihlakalo.

Iqiniso: Ezinye izinto ngoNkulunkulu kunzima ukuziqonda, njengokuthi nje unguMoya akabonakali. Nakuba kunjalo, singamazi uNkulunkulu. Empeleni, iBhayibheli lithi kudingeka simazi ukuze sithole ukuphila okuphakade. (Johane 17:3) Lisebenzisa ulimi esiluqondayo, iBhayibheli lisitshela ngoMdali wethu, lisembulela ubuntu bakhe, injongo yakhe ngesintu nangomhlaba, nendlela afuna siphile ngayo. (Isaya 45:18, 19; 1 Thimothewu 2:4) Njengoba kushiwo ngaphambilini, iBhayibheli lisembulela negama likaNkulunkulu. (IHubo 83:18) Ngaleyo ndlela ngeke sigcine ngokwazi uNkulunkulu kodwa siyosondela nakuye.—Jakobe 4:8.

a Ukuze uthole izibonelo zokuhlakanipha kukaNkulunkulu esikubona endalweni, bheka izihloko ezithi “Ingabe Kwaklanywa?

b Igama elithi Jehova abaningi baliqonda ngokuthi lisho ukuthi “Ubangela Ukuba Kube Khona.” Ngokusembulela igama lakhe, uNkulunkulu uthi, empeleni: ‘Ngizokwenza ukuba intando yami nenjongo yami kugcwaliseke. Ngihlezi ngilifeza izwi lami.’

d Ukuze uthole okwengeziwe, bukela ividiyo ethi Siqhutshwa Kanjani Isifundo SeBhayibheli?

e Bheka izihloko ezithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila.”