Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokukhuluma Ngezilimi?

Lithini IBhayibheli Ngokukhuluma Ngezilimi?

Impendulo yeBhayibheli

‘Ukukhuluma ngezilimi’ kubhekisela ekhonweni eliyisimangaliso amaKristu ayenalo ekuqaleni, lokukhuluma ulimi ayengazange alufunde. (IzEnzo 10:46) Noma ubani owayelwazi lolo limi wayekuqonda lokho akwakushiwo yilowo okhulumayo. (IzEnzo 2:​4-8) Ukukhuluma ngezilimi kwakungesinye sezipho uNkulunkulu ayezinikeza amaKristu okuqala ngomoya wakhe ongcwele.​—Hebheru 2:4; 1 Korinte 12:​4, 30.

 Kwaqala kuphi futhi nini ukukhuluma ngezilimi?

Lesi simangaliso saqala ukwenzeka ekuseni ngesikhathi soMkhosi WamaJuda WePhentekoste ngonyaka ka-33 C.E. Abafundi bakaJesu abangaba ngu-120 babehlangene ndawonye ngesikhathi ‘bonke begcwala umoya ongcwele, beqala ukukhuluma ngezinye izilimi.’ (IzEnzo 1:​15; 2:​1-4) Isixuku sabantu ‘ababevela kuzo zonke izizwe ngaphansi kwezulu’ sabuthana, futhi “ngamunye wayebezwa bekhuluma ngolimi lwakhe.”​—IzEnzo 2:​5, 6.

 Sasiyini isizathu sokukhuluma ngezilimi?

  1. Ukubonisa ukuthi uNkulunkulu wayewasekela amaKristu. Endulo uNkulunkulu wenza izimangaliso ukuze abonise ukuthi wayezisekela izinceku zakhe ezithembekile ezinjengoMose. (Eksodusi 4:1-9, 29-31; Numeri 17:10) Ukukhuluma ngezilimi nakho kwakubonisa ukuthi uNkulunkulu wayelisekela ibandla lobuKristu elalisanda kumiswa. Umphostoli uPawulu wabhala: “Izilimi zingezokunikeza isibonakaliso, hhayi emakholweni, kodwa kwabangewona amakholwa.”—1 Korinte 14:22.

  2. Ukusiza amaKristu ukuba ashumayele kuwo wonke umuntu. Labo abezwa abalandeli bakaJesu bekhuluma ngosuku lwePhentekoste bathi: “Sibezwa bekhuluma ngezilimi zethu ngezinto ezinhle kakhulu zikaNkulunkulu.” (IzEnzo 2:11) Ngakho esinye isizathu esibalulekile salesi simangaliso, kwakuwukwenza amaKristu akwazi ukunikeza “ubufakazi obuphelele” futhi enze “abantu bazo zonke izizwe babe abafundi” njengoba uJesu ayewayalile. (IzEnzo 10:42; Mathewu 28:19) Kunabantu abangaba ngu-3000 ababa ngabalandeli bakaJesu ngalolo suku, ngenxa yokubona leso simangaliso nokulalela ubufakazi obabunikezwa.​—IzEnzo 2:​41.

 Ingabe ukukhuluma ngezilimi kwakuyoqhubeka kwenziwa?

Cha. Izipho ezazinikezwa ngomoya ongcwele ezazihlanganisa nokukhuluma ngezilimi, zazingezesikhashana. IBhayibheli labikezela: “Kungakhathaliseki ukuthi kukhona izipho zokuprofetha, ziyoqedwa; kungakhathaliseki ukuthi kukhona izilimi, ziyokhawuka.”—1 Korinte 13:8.

 Kwaphela nini ukukhuluma ngezilimi?

Ngokuvamile izipho zomoya ongcwele zazidluliselwa kwamanye amaKristu ngokuthi abaphostoli bawabeke izandla. (IzEnzo 8:18; 10:44-46) Kubonakala sengathi labo ababethole lezo zipho zomoya ngabaphostoli, babengazidluliseli kwabanye. (IzEnzo 8:5-7, 14-17) Ngokwesibonelo, isisebenzi sikahulumeni singakwazi ukunikeza umuntu izincwadi zokushayela, kodwa lowo muntu akanalo igunya lokunikeza omunye izincwadi zokushayela. Kubonakala sengathi ukukhuluma ngezilimi kwaphela lapho kufa abaphostoli nalabo ababethole lezo zipho kubo.

 Kuthiwani ngokukhuluma ngezilimi namuhla?

Ubufakazi bubonisa ukuthi ukukhuluma ngezilimi kwanqamuka ngasekupheleni kwekhulu lokuqala leminyaka. Akekho namuhla ongathi uthole amandla avela kuNkulunkulu okukhuluma ngezilimi. a

 AmaKristu eqiniso abonakala kanjani?

UJesu wathi abalandeli bakhe beqiniso babeyobonakala ngokuba nothando lokuzidela. (Johane 13:34, 35) Umphostoli uPawulu naye wabonisa ukuthi uthando lwaluyoba uphawu oluhlala njalo amaKristu eqiniso ayeyobonakala ngalo. (1 Korinte 13:1, 8) Wathi umoya kaNkulunkulu wawuyokwenza amaKristu abonakalise “izithelo zomoya”, futhi kulezo zithelo esokuqala uthando.​—Galathiya 5:22, 23.

a Bheka isihloko esithi “Ingabe Ukukhuluma Ngezilimi Kuvela KuNkulunkulu?