Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngokuzithanda?

Lithini IBhayibheli Ngokuzithanda?

Impendulo yeBhayibheli

IBhayibheli libonisa ukuthi akukubi, empeleni kubalulekile, ukuba sizithande ngokwezinga elifanele. Uthando olunjalo luhlanganisa ukuzinakekela, ukuzihlonipha nokungazenyezi. (Mathewu 10:31) IBhayibheli alisho ukuthi kufanele sibe abantu abazicabangela bona kuphela, kodwa lisikhuthaza ukuba sizithande ngokwezinga elithile.

Ubani okufanele simthande kakhulu kunathi?

  1. Ukuthanda uNkulunkulu kufanele kuze kuqala. IBhayibheli lithi umyalo omkhulu kunayo yonke yilo: “Kumelwe uthande uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho.”​—Marku 12:28-30; Duteronomi 6:5.

  2. Umyalo wesibili obalulekile yilo: “Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.”​—Marku 12:31; Levitikusi 19:18.

  3. Nakuba ungekho umyalo oqondile eBhayibhelini othi kumelwe sizithande, umyalo othi “uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena” ubonisa ukuthi kulindelekile futhi kuyazuzisa ukuzithanda nokuzihlonipha ngezinga elithile.

Ubani uJesu ayemthanda kakhulu kunaye?

UJesu wabonisa ukuthi singakwazi ukubeka uthando ngoNkulunkulu, ngomakhelwane nangathi endaweni efanele futhi wayala nabafundi bakhe ukuba bamlingise.​—Johane 13:34, 35.

  1. UJesu wayethanda uJehova kakhulu kunaye futhi wazinikela ekwenzeni umsebenzi ayemnike wona. Wathi, “Ukuze izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba, njengoba nje uBaba enginike umyalo, ngenza kanjalo.”​—Johane 14:31.

  2. UJesu wayebathanda omakhelwane bakhe, wayebanika izinto abazidingayo futhi waze wanikela ngokuphila kwakhe ngenxa yabo.​—Mathewu 20:28.

  3. Wayezithanda naye ngezinga elifanele yingakho ayephumula, adle futhi azinike isikhathi sokuhlala nabalandeli bakhe.​—Marku 6:31, 32; Luka 5:29; Johane 2:1, 2; 12:2.

Ingabe ukuthanda abanye kunathi kuyosenza singajabuli noma silahlekelwe isithunzi?

Ngeke ngoba sifuze uNkulunkulu owasidala, futhi uthando luhamba phambili kuye. (Genesise 1:27; 1 Johane 4:8) Ngamanye amazwi, uNkulunkulu wasidala sakwazi ukuthanda abanye abantu. Kuhle ukuzithanda, kodwa uma sithanda uNkulunkulu ngaphezu kwethu futhi sigxila ekwenzeleni abanye izinto ezinhle, sijabula nakakhulu. IBhayibheli lithi: “Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”​—IzEnzo 20:35.

Namuhla, abantu abaningi bacabanga ukuthi injabulo siyithola ngokuzicabangela thina kuqala kunabanye. Kubona, esikhundleni samazwi athi “thanda umakhelwane wakho” bathi “zithande wena.” Nokho, abantu abaningi bayavuma ukuthi labo abalalela iseluleko esihle seBhayibheli esithi “yilowo nalowo makangazifuneli inzuzo yakhe siqu, kodwa eyomunye umuntu,” baba nenjabulo nempilo engcono.​—1 Korinte 10:24.