Dlulela kokuphakathi

Yini Engingayithandazela?

Yini Engingayithandazela?

Impendulo yeBhayibheli

Ungathandazela noma yini evumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu njengoba kulotshwe eBhayibhelini. “Kungakhathaliseki ukuthi yini esiyicelayo ngokwentando [kaNkulunkulu], uyasizwa.” (1 Johane 5:14) Ingabe ungathandazela izinto ezikukhathazayo? Yebo. IBhayibheli lithi: “Thululani inhliziyo yenu phambi [kukaNkulunkulu].”—IHubo 62:8.

Izibonelo zezinto esingazithandazela

  • Ukholo kuNkulunkulu.—Luka 17:5.

  • Umoya ongcwele, noma amandla kaNkulunkulu asebenzayo, ukuze ukusize wenze okulungile.—Luka 11:13.

  • Amandla okubhekana nezinkinga nokumelana nezilingo.—Filipi 4:13.

  • Ukuthula kwangaphakathi noma ukuzola.—Filipi 4:6, 7.

  • Ukuhlakanipha kokwenza izinqumo ezinhle.—Jakobe 1:5.

  • Usizo lokubhekana nezidingo zansuku zonke.—Mathewu 6:11.

  • Ukuthethelelwa izono.—Mathewu 6:12.