Dlulela kokuphakathi

Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ukuthi Yibona Bodwa Abasenkolweni Yeqiniso?

Ingabe OFakazi BakaJehova Bakholelwa Ukuthi Yibona Bodwa Abasenkolweni Yeqiniso?

 Labo abazimisele ngenkolo kufanele bakholelwe ukuthi inkolo abayikhethile iyamukeleka kuNkulunkulu nakuJesu. Uma kungenjalo, kungani bezihlanganisa nayo?

 UJesu Kristu akazange avumelane nombono othi ziningi izinkolo, ziningi izindlela eziholela ensindisweni. Kunalokho wathi: “Inyinyekile indlela eholela ekuphileni, bambalwa abayitholayo.” (Mathewu 7:14) OFakazi BakaJehova bakholelwa ukuthi bayitholile leyo ndlela. Uma bekungenjalo, bebezofuna enye inkolo.