Dlulela kokuphakathi

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayibizi Indawo Abahlangana Kuyo Ngokuthi Isonto?

Kungani OFakazi BakaJehova Bengayibizi Indawo Abahlangana Kuyo Ngokuthi Isonto?

 EBhayibhelini, igama lesiGreki ngezinye izikhathi elihunyushwa ngokuthi “isonto” libhekisela eqenjini labakhulekeli, hhayi esakhiweni abahlangana kuso.

 Phawula lesi sibonelo: Lapho umphostoli uPawulu ebhalela amaKristu aseRoma, wathumela imikhonzo ku-Akhwila noPrisila wabe esethi: “Nibingelele isonto elihlangana endlini yabo.” (Roma 16:5, Contemporary English Version) UPawulu wayengathumeli leyo mikhonzo esakhiweni. Kunalokho, wayeyithumela kubantu—ibandla elalihlangana kuleyo ndlu. a

 Ngakho kunokuba sibize indawo yethu yokukhulekela ngokuthi isonto, sithi “IHholo LoMbuso.”

Kungani Nithi “IHholo LoMbuso LoFakazi BakaJehova”?

 Leli gama liyafaneleka ngenxa yezizathu eziningana:

  •   Lesi sakhiwo siyihholo, noma indawo yemihlangano.

  •   Siyahlangana ukuze sikhulekele uJehova, uNkulunkulu weBhayibheli, nokufakaza ngaye.—IHubo 83:18; Isaya 43:12.

  •   Siyahlangana futhi ukuze sifunde ngoMbuso kaNkulunkulu, lowo uJesu ayevame ukukhuluma ngawo.​—Mathewu 6:9, 10; 24:14; Luka 4:43.

 Wamukelekile ukuvakashela eHholo LoMbuso elisendaweni yakini uzozibonela indlela oFakazi BakaJehova abayiqhuba ngayo imihlangano yabo.