KwabaseRoma 10:1-21

  • Indlela yokuthola ukulunga kukaNkulunkulu (1-15)

    • Ukuvuma obala (10)

    • Ukubiza igama likaJehova kusho insindiso (13)

    • Izinyawo ezinhle zalabo abashumayelayo (15)

  • Izindaba ezinhle azilalelwa (16-21)

10  Bafowethu, engikufisayo enhliziyweni yami nengibacelela kona kuNkulunkulu, ngempela, ukuba basindiswe. +  Ngoba ngiyabafakazela ukuthi banentshiseko ngoNkulunkulu, kodwa hhayi ngokolwazi olunembile. +  Ngoba ngenxa yokungakwazi ukulunga kukaNkulunkulu, + kodwa befuna ukumisa okwabo siqu, + abazithobanga ekulungeni kukaNkulunkulu. +  Ngoba uKristu uyisiphetho soMthetho, + ukuze wonke umuntu obonisa ukholo abe nokulunga. +  Ngoba uMose wabhala mayelana nokulungile eMthethweni: “Umuntu owenza lezi zinto uyophila ngazo.” +  Kodwa ukulunga okuvela okholweni kuthi: “Ungasho enhliziyweni yakho + ukuthi, ‘Ubani oyonyukela ezulwini?’ + okungukuthi, ukuze ehlise uKristu,  noma ukuthi, ‘Ubani oyokwehlela kwalasha?’ + okungukuthi, ukuze anyuse uKristu kwabafile.”  Kodwa umBhalo uthini? Uthi, “Izwi liseduze kwakho, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho”; + okungukuthi, “izwi” lokholo, esilishumayelayo.  Ngoba uma uvuma obala ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, + futhi unokholo enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafile, uyosindiswa. 10  Ngoba ngenhliziyo umuntu ubonisa ukholo kube ukulunga, kodwa ngomlomo umuntu uvuma obala + kube insindiso. 11  Ngoba umbhalo uthi: “Akekho oba nokholo kuye oyodumazeka.” + 12  Ngoba awukho umehluko phakathi komJuda nomGreki. + Kukhona iNkosi efanayo phezu kwabo bonke, ecebile* kubo bonke abayibizayo. 13  Ngoba “wonke umuntu obiza igama likaJehova* uyosindiswa.” + 14  Nokho, bayombiza kanjani uma bengabanga nokholo kuye? Bayoba kanjani nokholo kulowo abangezwanga ngaye? Bayozwa kanjani kungekho oshumayelayo? 15  Bayoshumayela kanjani uma bengathunywanga muntu? *+ Njengoba nje kulotshiwe ukuthi: “Ave zizinhle izinyawo zalabo abamemezela izindaba ezinhle zezinto ezinhle!” + 16  Noma kunjalo, akubona bonke abazilalela izindaba ezinhle. Ngoba u-Isaya uthi: “Jehova,* ubani obe nokholo entweni ayizwe ngathi?” *+ 17  Ngakho ukholo lulandela into ezwiweyo. + Nento ezwiweyo iza ngezwi eliphathelene noKristu. 18  Kodwa ngiyabuza, Ingabe lokhu kusho ukuthi abawuzwanga umyalezo? Lutho neze, “izwi laphumela kuwo wonke umhlaba, nomyalezo uphumele emikhawulweni yomhlaba.” + 19  Kodwa ngiyabuza, Ingabe lokhu kusho ukuthi u-Israyeli akazi? + Lutho neze, uyazi ukuthi uMose uthi: “Ngizonenza nibe nesikhwele ngalokho okungesona isizwe; ngizonivusela intukuthelo evuthayo ngesizwe esiyisiwula.” + 20  Kodwa u-Isaya uba nesibindi esikhulu athi: “Ngatholwa yilabo abangazange bangifune; + ngaziwa yilabo ababengazange babuze ngami.” + 21  Kodwa ngokuqondene no-Israyeli uthi: “Usuku lonke ngelulele izandla zami esizweni esingalaleli nesinenkani.” +

Imibhalo yaphansi

Noma, “ephanayo.”
Noma kungaba, “uma uNkulunkulu engabathumanga.”
Noma, “embikweni wethu.”