KwabaseRoma 3:1-31

  • “UNkulunkulu makatholakale eneqiniso” (1-8)

  • AmaJuda namaGreki bangaphansi kwesono (9-20)

  • Ukulunga ngokholo (21-31)

    • Bonke bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu (23)

3  Pho ungcono ngani umJuda, noma, iyini inzuzo yokusoka?  Ungcono kakhulu ngazo zonke izindlela. Okokuqala, ngokuthi waphathiswa amazwi angcwele kaNkulunkulu. +  Kuthiwani ngamanye amaJuda angenalo ukholo? Uma engenalo ukholo, ingabe abantu ngeke besamethemba uNkulunkulu?  Akunjalo neze! Kodwa uNkulunkulu makatholakale eneqiniso, + nakuba wonke umuntu engatholakala engumqambimanga, + njengoba nje kulotshiwe: “Ukuze ubonakaliswe ulungile emazwini akho futhi unqobe lapho wahlulelwa.” +  Nokho, uma ukungalungi kwethu kwenza ukulunga kukaNkulunkulu kugqame, sizothini? UNkulunkulu akabi ongenabulungisa lapho eveza ulaka lwakhe, akunjalo? (Ngikhulumisa okwabantu.)  Lokho akunakwenzeka! Uma uNkulunkulu engenabulungisa, uyolahlulela kanjani izwe? +  Kodwa uma ngenxa yamanga ami iqiniso likaNkulunkulu liye lenziwa lavelela ngokwengeziwe kwaba inkazimulo kuye, kungani-ke ngahlulelwa njengesoni?  Kungani kungashiwo njengoba nje abanye abantu beqamba amanga bethi sithi, “Masenze izinto ezimbi ukuze kuvele izinto ezinhle”? Labo bantu bayokwahlulelwa ngobulungisa. +  Ingabe lokho kusho ukuthi sisesimweni esingcono? Phinde! Ngoba ngenhla sithe amaJuda namaGreki bonke bangaphansi kwesono; + 10  njengoba nje kulotshiwe: “Akekho umuntu olungile, akekho ngisho noyedwa; + 11  akekho onokuqonda; akekho ofuna uNkulunkulu. 12  Bonke abantu baphambukile, bonke baye baba yize; akekho obonisa umusa, akekho ngisho noyedwa.” + 13  “Umphimbo wabo uyithuna elivulekile; bakhohlisile ngolimi lwabo.” + “Ubuthi bezimfezi busezindebeni zabo.” + 14  “Umlomo wabo ugcwele ukuqalekisa nokubaba.” + 15  “Izinyawo zabo ziyashesha ukuyochitha igazi.” + 16  “Ukucekela phansi nokubhubhisa kusezindleleni zabo, 17  abayazanga indlela yokuthula.” + 18  “Abamesabi uNkulunkulu.” + 19  Manje siyazi ukuthi zonke izinto uMthetho ozishoyo uzibhekisa kulabo abangaphansi koMthetho, ukuze yonke imilomo ivalwe futhi lonke izwe libe necala phambi kukaNkulunkulu. + 20  Ngakho-ke ngenxa yemisebenzi yomthetho akukho muntu okuyothiwa ulungile phambi kwakhe, + ngoba ngomthetho kuba khona ulwazi olunembile ngesono. + 21  Kodwa manje ukulunga kukaNkulunkulu kuye kwembulwa ngaphandle komthetho, + njengoba uMthetho nabaProfethi kukufakazela lokho, + 22  yebo, ukulunga kukaNkulunkulu ngokholo kuJesu Kristu, kubo bonke abanokholo. Ngoba awukho umehluko. + 23  Ngoba bonke bonile futhi bayasilela enkazimulweni kaNkulunkulu, + 24  futhi kunjengesipho sesihle + ukuthi ngomusa wakhe omkhulu kuthiwa balungile + ngokukhululwa ngesihlengo esakhokhwa uKristu Jesu. + 25  UNkulunkulu wamletha waba umnikelo wokuhlawulela + ngokholo egazini lakhe. + Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu, ngoba uNkulunkulu ngenxa yokubekezela kwakhe wayethethelela izono ezenzeka esikhathini esidlule. 26  Lokhu kwakungenjongo yokuba abonise ukulunga kwakhe siqu + kule nkathi yamanje, ukuze abe ngolungile ngisho nalapho ethi ulungile umuntu onokholo kuJesu. + 27  Kuphi-ke ukuziqhayisa? Ayikho indawo yako. Ngamuphi umthetho? Wemisebenzi? + Lutho neze, kodwa ngomthetho wokholo. 28  Ngoba sithi umuntu kuthiwa ulungile ngokholo ngaphandle kwemisebenzi yomthetho. + 29  Noma ingabe unguNkulunkulu wamaJuda kuphela? + Akayena yini noNkulunkulu wabantu bezizwe? + Yebo, ungowabantu bezizwe futhi. + 30  Njengoba uNkulunkulu emunye, + uyothi balungile abantu abasokile + ngenxa yokholo, athi balungile + abantu abangasokile ngenxa yokholo lwabo. 31  Khona-ke, ingabe thina siyawuqeda umthetho ngokholo lwethu? Lutho neze! Ngokuphambene nalokho, siyawusekela umthetho. +

Imibhalo yaphansi