Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IMIBIKO EVELELE YONYAKA ODLULE

Ukunikezelwa Kwegatsha LaseSri Lanka

Ukunikezelwa Kwegatsha LaseSri Lanka

ABAFOWETHU nodadewethu bakuleli zwe ababevunule ezakubo bamukela ngemfudumalo izihambeli ezingu-130, zivela emazweni angu-19 zizokwethamela ukunikezelwa kwegatsha lakulesi siqhingi esihle. Izingane zacula izingoma zoMbuso futhi bonke ababekhona bajabulela umbukiso wamasiko endawo, ukudla okuconsisa amathe, umculo omtoti kanye nobudlelwane bobuKristu.

Isakhiwo esisha kanye nesivuselelwe zanikezelwa kuJehova ngoMgqibelo, ngo-January 11, 2014 njengoba abantu abangu-893 babelalele isimiso ngezilimi ezintathu. Kwaduma ihlombe isikhathi eside lapho uMark Sanderson weNdikimba Ebusayo ebuza, “Ningathanda ukunikezela lezi zakhiwo ezintsha kuJehova uNkulunkulu?”

Ngakusasa, abangu-7 701 bajabulela ukubukezwa kwesimiso sangoMgqibelo nenkulumo ekhuthazayo kaMfoweth’ uSanderson. Lesi simiso sasilalelwe abantu ababesezindaweni ezinkulu eziyisihlanu kuleli zwe. Kwakuqala ngqa ukuba kusetshenziswe indlela yokudlulisela ukwaziswa ebizwa ngokuthi i-video streaming ukuze abafowethu nodadewethu kuzo zonke izindawo zalesi siqhingi babonane futhi bazwane lapho behlabelela izingoma zoMbuso. Lesi senzakalo esiyingqopha-mlando ngokuqinisekile sabangela ukuba kube ‘nenjabulo enkulu.’—Neh. 12:43.