Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IDOMINICAN REPUBLIC

Ukuthola Injongo Yokuphila

UJosé Estévez

Ukuthola Injongo Yokuphila
  • UNYAKA AZALWA NGAWO 1968

  • UNYAKA ABHAPATHIZWA NGAWO 1989

  • UMLANDO WAKHE OMFUSHANE UJosé wayengumfana ofuna impilo engcono, wathutha emaphandleni waya edolobheni. Wafike wathola iqiniso futhi kuyo yonke le minyaka ubelokhu eshisekela ukubeka uMbuso kaNkulunkulu kuqala.

LAPHO uJosé eneminyaka engu-11 waya eSanto Domingo wafike waziphilisa ngokupholishela abantu izicathulo nangokudayisa izimvuthu zeqhwa elikhuhliwe namawolintshi. Lapho eseyinsizwa, wayesezakhele idumela lokuba isisebenzi esikhuthele. Ngemva kweminyaka ethile, umfowabo, owayengomunye woFakazi BakaJehova, wamcela ukuba ayomgadela umuzi wakhe. Phezu kwetafula wabona incwadi ethi Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni futhi wayifunda ubusuku bonke. Waqaphela ukuthi wayesethole into eyayimnikeza injongo yokuphila.

Ngempelasonto elandelayo, uJosé waya eHholo LoMbuso wazethula njengomunye woFakazi BakaJehova. Watshela abazalwane ukuthi ufunde ukuthi kufanele aye emihlanganweni futhi ashumayele izindaba ezinhle. Wabatshela nokuthi encwadini ethi Ungaphila Phakade, wayefunde izinto amaKristu okungafanele azenze futhi wabaqinisekisa ngokuthi akazenzi zonke lezo zinto. Ngemva kwezinsuku ezingu-15, uJosé wamiswa njengommemezeli. Wabhapathizwa ngemva kwezinyanga eziyisithupha, eneminyaka engu-21.

Njengoba umsebenzi kaJosé wawumphazamisa engayi kahle emihlanganweni, wawushiya, wathola owawumholela imali encane kakhulu. Manje wayesenesimiso esimvumela ukuba aye emihlanganweni futhi abe iphayona elivamile. Kamuva, ngemva kokushada nokuba namadodana amabili, kwadingeka ayeke ukuphayona.

UJosé wayezimisele ukufundisa abafana bakhe iqiniso beseyizinsana. Ngakho lapho umkakhe, uJosefina, enezinyanga ezintathu ekhulelwe izibulo labo, uNoé, uJosé wayefunda ngokuzwakalayo incwadi ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli, enethemba lokuthi ingane yakhe iyamuzwa isesibelethweni. Yathi iqambe izalwa, uJosé wayeseyifundele yonke incwadi. Wenza okufanayo ngendodana yabo yesibili uNeftalí.

Ngokuhamba kwesikhathi, uJosé waba umphathi webhizinisi ayehola kulo imali ephindwe izikhathi eziyishumi kunaleyo ayeyithola ngaphambili. Kodwa ngo-2008, lapho abafana bakhe sebeneminyaka engu-10 omunye enengu-13, washiya isikhundla sokuba umphathi webhizinisi waphinde waba iphayona elivamile—manje esephayona nomkakhe nabafana bakhe. Njengoba umholo wakhe wancipha kakhulu, bonke ekhaya kwadingeka babambisane ekunciphiseni izindleko. Bonke baqhuba izifundo ezingaba ngu-30 nyanga zonke. UJesu usiqinisekisa ngokuthi uma sibeka uMbuso kuqala, uJehova uyosibusisa. (Math. 6:33) UJosé nomkhaya wakhe baye bathembela kuleso sithembiso futhi bazibonela ukuthi uJehova uyalifeza izwi lakhe.