Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 Ingabe Laklanywa?

I-Haltere Lempukane

I-Haltere Lempukane

Kungani le mpukane evame ukubonakala emakhaya ikwazi ukuntweza iphenduphenduke emoyeni ngendlela eyinkimbinkimbi? Lapho sipheshulwa isivunguvungu, lesi sinambuzane sikwazi kanjani ukubuyela endleleni ngokushesha futhi siqhubeke sindiza? Ngokwengxenye, impendulo ixhomeke ezithweni ezimbili ezincane ezisemzimbeni waso ezibizwa ngama-haltere, ngalinye lawo elitholakala ngemva kwephiko ngalinye. *

Cabanga ngalokhu: I-haltere limé njengesagila esincanyana. Njengoba impukane indiza, ama-haltere ashwibeka aye phansi naphezulu ngesivinini esifanayo nesezimpiko zayo kodwa ashwibeka aphambane nezimpiko. Ososayensi bathole ukuthi ama-haltere asiza izimpukane ukuba zizinze emoyeni lapho zindiza.

Ngaphandle kwama-“haltere,” le mpukane evamile (ekwesobunxele) ne-“crane fly” zingawa ngokushesha

Njengoba ama-haltere eme njengezagila, “ashwibeka abheke ohlangothini olulodwa ngokukhethekile, njengensimbi yewashi elengayo” kusho i-Encyclopedia of Adaptations in the Natural World. Uma kwenzeka impukane ijika kungazelelwe ngesikhathi isandiza, kungakhathaliseki ukuthi ijika ngenhloso noma ngenxa yokupheshulwa isivunguvungu, “isiqu sama-haltere siyasonteka,” kusho le encyclopedia. “Izinzwa eziningi ezitholakala kuma-haltere ziyakuzwa lokhu kusonteka bese zitshela ubuchopho ngakho ukuze impukane ithathe izinyathelo ezifanele iqhubeke nendlela . . . ngaphandle kokuphazamiseka.” Ngenxa yalokhu, izimpukane zishesha kakhulu futhi kunzima ukuzibamba.

Onjiniyela babona izindlela eziningi abangasebenzisa ngazo indlela ama-haltere asebenza ngayo ezintweni zobuchwepheshe ezinjengamarobhothi, amarobhothi ayizinambuzane ezincane ezindizayo nemikhumbi-mkhathi. URafal Zbikowski umcwaningi wemikhumbi-mkhathi wabhala, “Ubani obengacabanga ukuthi isinambuzane esincane esingathandeki njengempukane, singasifundisa okuningi kangaka?”

Ucabangani? Ingabe i-haltere lempukane laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?

^ isig. 3 Ama-haltere atholakala ezinambuzaneni ezinezimpiko ezimbili, njengezimpukane, omiyane nezinsensane.