Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE LAKLANYWA?

Ikhono Lenkubabulongwe Lokuthungatha Indlela

Ikhono Lenkubabulongwe Lokuthungatha Indlela

UBULONGWE bufeza izinjongo eziningi zenkubabulongwe. Lesi sinambuzane siyabudla, sizalele namaqanda kubo. Amanye amabhungane angamaduna, athatha ingcosana yabo ayodiza ngayo ebhunganeni lensikazi ngethemba lokuthi azozakhela ugazi. Umncintiswano wokuthola ubulongwe obusha mkhulu. Abacwaningi bake babona amabhungane angaba ngu-16 000 etheleka phezu kobulongwe bendlovu, okwathi kuphela amahora amabili kwakungasekho lutho.

Indlela ezinye izinhlobo zezinkubabulongwe eziphuma ngayo phakathi kwesixuku esingunge ubulongwe, iwukwenza ibhola ngengxenyana yabo, bese ziligingqa leli bhola zize ziyophuma nalo ngale, ngemva kwalokho zibe seziligqiba ngaphansi kwenhlabathi ethambile. Ukuze lisheshe liphume phakathi kwesixuku futhi ligweme ingozi yokuba amanye amabhungane ebe ibhola lalo, leli bhungane livele liligingqe liqonde nalo phambili.

Kodwa inkubabulongwe ikugwema kanjani ukujikeleza ndawonye, ikakhulukazi ebusuku?

Cabanga ngalokhu: Ucwaningo oluye lwenziwa ngaphambili lwabonisa ukuthi izinkubabulongwe ziyakwazi ukuthungatha indlela, kungaba ngokukhanya kwelanga emini noma ngonyezi ebusuku, kodwa futhi ziyakwazi ukuhamba ziqonde ngisho noma kumnyama. Abacwaningi baseNingizimu Afrika bathole ukuthi lezi zinkubabulongwe, azenzi lokhu ngokumane nje zibheke inkanyezi ngayinye, kodwa zisebenzisa ukukhanya okukhishwa umthala i-Milky Way. Ngokukamagazini okuthiwa i-Current Biology, lokhu “kuwukwaziswa kokuqala okubhaliwe okukhuluma ngendlela izilwane ezisebenzisa ngayo i-Milky Way ekuthungatheni indlela.”

UMarcus Byrne ongumcwaningi uthi, izinkubabulongwe “zinesimiso sokuthola indlela esihle kakhulu ezikwazi ukusisebenzisa ngisho nasekukhanyeni okulufifi kwezinkanyezi, zisebenzisa amandla azo okuhlakanipha kwemvelo.” Uyanezela: “Khona-ke zingakwazi ukufundisa abantu indlela yokuxazulula izinkinga eziyinkimbinkimbi zokubona.” Ngokwesibonelo, irobhothi lingase liklanywe ngendlela yokuba likwazi ukufuna isakhiwo esidilikile ngokusebenzisa isimiso senkubabulongwe sokuthungatha indlela.

Ucabangani? Ingabe ikhono lenkubabulongwe lokuthungatha indlela lazivelela, noma ingabe laklanywa?

Ingabe bewazi?

Izinkubabulongwe zithambisa inhlabathi futhi ziyivundise, zisakaze imbewu kanti zinciphisa nokwanda kwezimpukane.