Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

“Uphawu Olucacile Nolunamandla”

“Uphawu Olucacile Nolunamandla”

OGWINI olusempumalanga yoMfula iMotoyasu, edolobheni laseHiroshima, eJapane, kunesakhiwo esinengxenye eyasala ibhidlikile kusukela ngo-1945. Kungani lesi sakhiwo singazange sakhiwe kabusha nakuba sekudlule iminyaka ecishe ibe ngu-70?

Lesi sakhiwo esakhiwa ngo-1915, esasakhiwe ngezitini nodaka ekuqaleni futhi sinezitezi ezintathu, sasisebenza njengehholo lokukhangisa ngemboni yokwakha. Kodwa konke lokho kwashintsha ngo-August 6, 1945, ngo-8:15 ekuseni. Ngalowo mzuzu, ibhomu lokuqala le-athomu elasetshenziswa empini, laqhuma ebangeni elingamamitha angu-550 ngaphezu kwedolobha cishe maqondana naleli hholo lokukhangisa. Bonke abantu ababengaphakathi kuleli hholo bafa khona lapho. Nokho, isakhiwo ngokwaso asizange sibhidlike.

Njengoba silokhu sasala sinjalo, “siwuphawu olucacile nolunamandla olufakazela amandla abhubhisa kunawo wonke ento eyenziwe umuntu,” kusho isihloko se-UNESCO. * Ngo-1996, lesi sakhiwo senezelwa ohlwini Lwamagugu Omhlaba Lwe-UNESCO futhi sabizwa ngokuthi i-Hiroshima Peace Memorial.

Nokho, ngokudabukisayo, izikhumbuzo ezinjalo ezibuhlungu aziyiqedi impi, ngokuvamile ebangelwa ubugovu, ubuzwe, uhlanga nenkolo. Ngakho, ingabe izimpi ziyohlale zikhona?

IBhayibheli lithi cha! IHubo 46:9 lithi: “[UNkulunkulu] uqeda izimpi kuze kube semkhawulweni womhlaba. Umnsalo uyawuphula anqamule umkhonto ube yizicucu, izinqola uzishisa ngomlilo.” Ngesikhathi esifanayo, esikhundleni sokubusa kwabantu uNkulunkulu uyoletha uhulumeni wakhe—uMbuso kaNkulunkulu, oyobe uholwa uJesu Kristu obizwa ngokuthi “iNkosi yamakhosi.”—IsAmbulo 11:15; 19:16.

Ngemva kwalokho, izikhumbuzo zobuwula bezimpi ngeke zisadingeka. U-Isaya 65:17 uthi: “Izinto zangaphambili”—izingcindezi nosizi lwanamuhla—“ngeke zikhunjulwe, futhi ngeke zifike enhliziyweni.”

^ isig. 4 United Nations Educational, Scientific, and Cultural Organization.