Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI | UKWENZA UKUTHULA EKHAYA

Indlela Yokukhuthaza Ukuthula Ekhaya

Indlela Yokukhuthaza Ukuthula Ekhaya

INGABE ucabanga ukuthi iBhayibheli lingasiza ekukhuthazeni ukuthula ekhaya? Sicela uqhathanise lokho iBhayibheli elikushoyo nalokho abathile okwaxoxwa nabo abakuthole kuwusizo. Cabanga ngamaphuzu angase akusize ugweme ingxabano, ugcine ukuthula futhi uqinise ubuhlobo obuhlala njalo.

IZIMISO ZEBHAYIBHELI EZIKHUTHAZA UKUTHULA

YIBANI NOMBONO OFANELE NGOMUNYE NOMUNYE.

“Ningenzi lutho ngombango noma ngokuzazisa, kodwa ngokuthobeka kwengqondo nibheka abanye njengabakhulu kunani, ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”Filipi 2:3, 4.

“Siye sathola ukuthi kuhle ukubheka umuntu oshade naye nabanye njengabalulekile kunawe.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-19.

LALELISISA NGOMQONDO OVULEKILE.

“Qhubeka ubakhumbuza ukuba . . . bangabi yizilwi, babe abalinganiselayo, bebonisa bonke ubumnene kubantu bonke.”Thithu 3:1, 2.

“Izingxabano eziningi zingagwenywa uma singaphendulani ngezwi elichukuluzayo. Kubalulekile ukulalela ngaphandle kokugxeka nokuhlonipha umbono womunye ngisho nalapho singavumelani.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-20.

HLAKULELA UKUBEKEZELA NOBUMNENE.

“Umlawuli unxenxwa ngesineke, nolimi olumnene lungaliphula ithambo.”IzAga 25:15.

“Ziyoba khona izingxabano, kodwa umphumela uncike emoyeni esiwubonisayo. Sikudinga ngempela ukubekezela. Uma sibekezela, siyokwazi ukuxazulula izinkinga.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-27.

UNGALOKOTHI UHLUKUMEZE NGAMAZWI NANGOKOMZIMBA.

“Kulahleni konke kude nani, ulaka, intukuthelo, ububi, inkulumo eyihlazo, nenkulumo eyichilo ephuma emlonyeni wenu.”Kolose 3:8.

“Ngiyakwazisa ukuzithiba komyeni wami. Uhlale ezolile futhi akalokothi angithethise noma angedelele.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-20.

KULUNGELE UKUTHETHELELA NOKUXAZULULA UKUNGEZWANI NGOKUSHESHA.

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”Kolose 3:13.

“Uma ucindezelekile akulula ngaso sonke isikhathi ukwehlisa umoya, futhi ngokushesha ungasho noma wenze izinto ezingalimaza oshade naye. Ezikhathini ezinjengalezo, kuhle ukuba othethelelayo. Akunakwenzeka ukuba umshado uphumelele ngaphandle kokuthethelelana.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-34.

KWENZE UMKHUBA UKUPHA NGOKUNGAGODLI NOKUHLANGANYELA IZINTO NABANYE.

“Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha. . . . Ngoba isilinganiso enilinganisa ngaso, nani bayonilinganisela ngaso.”Luka 6:38.

“Umyeni wami uyazi ukuthi yini engijabulisayo, futhi uhlale engimangaza. Nami ngihlale ngicabanga ukuthi, ‘Ngingamjabulisa kanjani?’ Ngenxa yalokho sihlala sijabule.”—Owesifazane, oseshade iminyaka engu-44.

UNGAKUYEKI UKUKHUTHAZA UMOYA WOKUTHULA EKHAYA

I-Phaphama! yaxoxa namalungu omndeni ambalwa kwayizigidi emhlabeni wonke, aye asizwa iBhayibheli ekuthuthukiseni izimfanelo ezenezela ukuthula emndenini. * Ngisho nalapho abanye emindenini yawo bengabonakali bezama ukubambisana, aye athola ukuthi kuwufanele umzamo ukwenza ukuthula ngoba iBhayibheli liyathembisa: “Labo abajonga ukuthula banenjabulo.”IzAga 12:20.

^ isig. 24 Ukuze uthole ukwaziswa okwengeziwe mayelana nendlela yokwenza ukuphila komndeni kujabulise, bheka isahluko 14 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? enyatheliswa oFakazi BakaJehova, etholakalayo nasengosini ethi www.dan124.com/zu. Bheka ngaphansi kwesithi IZIMFUNDISO ZEBHAYIBHELI > USIZO LOMKHAYA.