Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Ikhono Lokuzelapha Lomzimba Womuntu

Ikhono Lokuzelapha Lomzimba Womuntu

PHAKATHI kwezinqubo eziningi ezenza abantu baphile, kunekhono lomzimba lokwelapha amanxeba nokuvuselela isicubu esilimele. Le nqubo iqala ngokushesha ngemva kokulimala komuntu.

Cabanga ngalokhu: Inqubo yokwelapha yenzeka ngenxa yemisebenzi eminingi eyinkimbinkimbi yamangqamuzana:

  • Izinhlayiya zegazi zinamathela ezicutshini ezisenxebeni, zakhe igazi elingamahlule, bese zivala imithambo yegazi elimele.

  • Ukuvuvuka kuvikela umzimba ekungenweni izifo, kususe noma ikuphi “ukungcola” okungene enxebeni.

  • Ngezinsukwana nje, umzimba uqala ukulungisa izicubu ezilimele, uvale inxeba, bese uvuselela imithambo yegazi elimele.

  • Ekugcineni, izicubu zakha isibazi esivuselela futhi siqinise indawo elimele.

Beshukunyiswa igazi eliba amahlule, abacwaningi basungula izinto ezenziwe ngopulasitiki ezizokwazi “ukuzilungisa” endaweni elimele. Leyo mikhiqizo ezivuselelayo inamashubhu amancane anamakhemikhali amabili “ophayo” lapho kuba nokulimala. Njengoba la makhemikhali amabili ehlangana, akha uketshezi olushubile olusakazeka endaweni elimele, luvale imifantu nezimbobo. Njengoba lolu ketshezi loma, lwakha into eqinile ezobuyisela lowo pulasitiki esimweni obukuso. Omunye umcwaningi uyavuma ukuthi le nqubo yokuzivuselela kwezinto ezenziwe abantu esungulwayo, ilingisa lokho osekukhona kakade emvelweni.

Ucabangani? Ingabe ikhono lokuzelapha lomzimba womuntu laba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe laklanywa?