Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

ISIHLOKO ESIFUNDWAYO 40

‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’

‘Ukuletha Abaningi Ekulungeni’

“Labo abaletha abaningi ekulungeni, [bayokhanya] njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade.”​—DAN. 12:3.

INGOMA 151 Uyobiza

AMAZWIBELA *

1. Yiziphi izenzakalo ezijabulisayo eziyokwenzeka phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane?

 AKUVE kuyoba mnandi mhla kuqala uvuko lapha emhlabeni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane! Bonke abashonelwa abantu ababathandayo balangazelela ukubabona. UJehova uzizwa kanjalo naye. (Jobe 14:15) Cabanga nje ukuthi abantu bayojabula kangakanani lapho bephinde behlangana nezihlobo zabo ezivusiwe emhlabeni wonke. Njengoba sifundile esihlokweni esidlule, “abalungile” abanamagama abhalwe encwadini yokuphila, bayothola ‘uvuko lokuphila.’ (IzE. 24:15; Joh. 5:29) Kungenzeka abantu abaningi esibathandayo bayoba phakathi kwalabo abayovuswa kuqala emhlabeni. * Ngaphezu kwalokho, “abangalungile,” abanjengalabo abangazange balithole ithuba lokwazi uJehova noma lokumkhonza ngokwethembeka ngaphambi kokuba bafe, bayothola ‘uvuko lokwahlulelwa.’

2-3. (a) Njengoba kuboniswe ku-Isaya 11:9, 10, yimuphi umsebenzi wokufundisa oyoba mkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu? (b) Sizoxoxa ngani kulesi sihloko?

2 Bonke abavusiwe kuyodingeka bafundiswe. (Isaya 26:9; 61:11) Ngakho, kuyodingeka kwenziwe umsebenzi wokufundisa omkhulu kunayo yonke emlandweni wesintu. (Funda u-Isaya 11:9, 10.) Kungani? Phakathi kokunye, abangalungile abavusiwe kuyodingeka bafunde ngoJesu Kristu, ngelungiselelo loMbuso, ngesihlengo nangempikiswano yendawo yonke ethinta igama likaJehova nobukhosi bakhe. Ngisho nabalungile kuyodingeka bafundiswe ngalokho uJehova abelokhu ekwembula ngenjongo yakhe ngomhlaba. Abanye balaba abathembekile bafa kusasele isikhathi eside ngaphambi kokuba amazwi kaJehova ahlanganiswe abe yiBhayibheli. Abalungile nabangalungile kuyodingeka bafunde izinto eziningi.

3 Kulesi sihloko, sizoxoxa ngale mibuzo elandelayo: Uyokwenziwa kanjani umsebenzi omkhulu wokufundisa? Indlela abantu abayosabela ngayo kulo msebenzi iyonquma kanjani ukuthi amagama abo ayabhalwa yini unomphela noma cha encwadini yokuphila? Izimpendulo zale mibuzo zibalulekile kithi namuhla. Njengoba sizobona, ezinye iziprofetho ezijabulisayo ezisencwadini kaDaniyeli neyesAmbulo zizocacisa indlela esiqonda ngayo lokho okuyokwenzeka lapho kuvuswa abafile. Ake siqale sixoxe ngezenzakalo ezijabulisayo ezabikezelwa esiprofethweni esikuDaniyeli 12:1, 2.

“LABO ABALELE OTHULINI . . . BAYOVUKA”

4-5. UDaniyeli 12:1 wembulani ngesikhathi sokuphela?

4 Funda uDaniyeli 12:1. Incwadi kaDaniyeli yembula ukulandelana kwezenzakalo ezijabulisayo eziyokwenzeka phakathi nesikhathi sokuphela. Ngokwesibonelo, uDaniyeli 12:1 wembula ukuthi uMikayeli, okunguJesu Kristu, ‘umele abantu [bakaNkulunkulu].’ Leyo ngxenye yesiprofetho yaqala ukugcwaliseka ngo-1914 lapho uJesu emiswa njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu wasezulwini.

5 Noma kunjalo, uDaniyeli watshelwa nokuthi uJesu “uyosukuma” phakathi ‘nesikhathi sosizi olungakaze lube khona selokhu kwaba khona isizwe kuze kube yileso sikhathi.’ Lesi ‘sikhathi sosizi’ ‘siwusizi olukhulu’ okukhulunywa ngalo kuMathewu 24:21. UJesu uyasukuma, noma uthatha isinyathelo sokuvikela abantu bakaNkulunkulu, ekupheleni kwalesi sikhathi sosizi, okusho ukuthi e-Armagedoni. Incwadi yesAmbulo ibiza laba ngokuthi “isixuku esikhulu” ‘esiphuma osizini olukhulu.’​—IsAm. 7:9, 14.

6. Kuyokwenzekani ngemva kokuba isixuku esikhulu sisinde osizini olukhulu? Chaza. (Bheka nesihloko esithi “Imibuzo Evela Kubafundi” esikhuluma ngovuko lwasemhlabeni kulo magazini.)

6 Funda uDaniyeli 12:2. Kuyokwenzekani ngemva kokuba isixuku esikhulu sisinde kulesi sikhathi sosizi? Lesi siprofetho asibhekiseli ovukweni olungokomfanekiso, ukuvuselelwa ngokomoya kwezinceku zikaNkulunkulu okwenzeka phakathi nezinsuku zokugcina, njengoba besiqonda kanjalo ngaphambili. * Kunalokho, la mazwi abhekisela ovukweni lwabafile oluyokwenzeka ezweni elisha elizayo. Kungani singaphetha kanjalo? Igama elithi ‘uthuli’ lisetshenzisiwe nakuJobe 17:16, lisho okufanayo nelithi “iThuna.” Leli qiniso libonisa ukuthi uDaniyeli 12:2 ubhekisela ovukweni olungokoqobo oluyokwenzeka uma sekuphele izinsuku zokugcina ngemva kwempi ye-Armagedoni.

7. (a) Kusho ukuthini ukuthi abanye bayovukela “ekuphileni okuphakade”? (b) Kungani lolu kuyoba “uvuko olungcono”?

7 Nokho, usho ukuthini uDaniyeli 12:2 uma uthi abanye bayovukela “ekuphileni okuphakade”? Usho ukuthi labo abayovuswa bese bazi uJehova noJesu, noma baqhubeke bebazi futhi bebalalela phakathi neminyaka engu-1 000, bayothola ukuphila okuphakade ekugcineni. (Joh. 17:3) Kuyoba “uvuko olungcono” kunalolo lwangesikhathi esidlule olwatholwa abantu abathile. (Heb. 11:35) Kungani? Kungoba labo bantu abanesono baphinde bafa.

8. Yini eyokwenza abanye bavukele “esihlambeni nasekuhlazekeni phakade”?

8 Kodwa akubona bonke abavusiwe abayokwamukela ukufundiswa uJehova. Isiprofetho sikaDaniyeli sithi abanye bayovukela “esihlambeni nasekuhlazekeni phakade.” Ngenxa yokuthi bayobonisa umoya wokuvukela, amagama abo ngeke abhalwe encwadini yokuphila futhi ngeke bakuthole ukuphila okuphakade. Kunalokho ‘bayohlazeka phakade,’ noma bayobhujiswa. Ngakho, uDaniyeli 12:2 ukhuluma ngalokho okuyogcina kwenzekile kubo bonke abavusiwe kuye ngokwalokho abayokwenza ngemva kokuvuswa kwabo. * (IsAm. 20:12) Abanye bayothola ukuphila okuphakade; abanye ngeke bakuthole.

‘UKULETHA ABANINGI EKULUNGENI’

9-10. Yini enye eyokwenzeka ngemva kosizi olukhulu, futhi obani ‘abayokhanya njengokukhanya komkhathi wezulu’?

9 Funda uDaniyeli 12:3. Yini enye eyokwenzeka ngemva ‘kwesikhathi sosizi’ esizayo? Ngaphandle kwalokho okushiwo kuDaniyeli 12:2, ivesi 3 likhuluma ngokuthile okwenzeka ngemva kosizi olukhulu.

10 Obani ‘abayokhanya njengokukhanya komkhathi wezulu’? Amazwi kaJesu akuMathewu 13:43 ayasinikeza umqondo wokuthi obani: “Ngaleso sikhathi abalungile bayokhanya ngokukhazimulayo njengelanga eMbusweni kaYise.” Lapho esho la mazwi, uJesu wayekhuluma “ngabantwana boMbuso,” okungabafowabo abagcotshiwe, abayokhonza naye eMbusweni wasezulwini. (Math. 13:38) Ngakho, kumelwe ukuba uDaniyeli 12:3 ukhuluma ngabagcotshiwe nomsebenzi abayowenza phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane.

Abangu-144 000 bayosebenzelana eduze noJesu Kristu, baqondise umsebenzi wokufundisa oyokwenziwa phakathi neminyaka engu-1 000 (Bheka isigaba 11)

11-12. Yimuphi umsebenzi oyokwenziwa abangu-144 000 phakathi neminyaka engu-1 000?

11 Abagcotshiwe bayobaletha kanjani “abaningi ekulungeni”? Abagcotshiwe bayosebenzelana eduze noJesu Kristu beqondisa umsebenzi wokufundisa oyokwenziwa lapha emhlabeni phakathi neminyaka engu-1 000. Abangu-144 000 ngeke babuse njengamakhosi kuphela kodwa bayokhonza nanjengabapristi. (IsAm. 1:6; 5:10; 20:6) Ngakho bayosiza ‘ngokwelapha izizwe’​—kancane kancane baqede isono kubantu. (IsAm. 22:1, 2; Hez. 47:12) Kuyobajabulisa ngempela abagcotshiwe lokho!

12 Obani abayoba phakathi ‘kwabaningi’ abalethwa ekulungeni? Bayohlanganisa abavusiwe nalabo abasinda e-Armagedoni kanye nanoma yiziphi izingane ezingase zizalwe ezweni elisha. Ekupheleni kweminyaka engu-1 000, bonke abayobe bephila emhlabeni bayobe bengasenaso isono. Manje, amagama abo ayobhalwa nini ngoyinki unomphela encwadini yokuphila angabe esabhalwa ngepeni lomsizi?

UVIVINYO LOKUGCINA

13-14. Yini okuyodingeka bonke abantu abangenasono emhlabeni bayenze ngaphambi kokuthola ukuphila okuphakade?

13 Kumelwe sikhumbule ukuthi ukungabi nasono kukodwa nje akusho ukuthi umuntu uyovele athole ukuphila okuphakade. Cabanga ngo-Adamu no-Eva. Babengenasono kodwa kwakudingeka balalele uJehova uNkulunkulu ngaphambi kokuba bathole ukuphila okuphakade. Ngokudabukisayo, bahluleka ukulalela.​—Roma 5:12.

14 Siyoba yini isimo salabo abasemhlabeni ekupheleni kweminyaka engu-1 000? Bonke bayobe bengasenaso isono. Ingabe bonke labo bantu abangenasono bayokusekela kuze kube phakade ukubusa kukaJehova? Noma ingabe abanye bayofana no-Adamu no-Eva​—okwathi nakuba babengenasono, bangathembeka? Le mibuzo kuzodingeka iphendulwe, kodwa kanjani?

15-16. (a) Abantu bayolithola nini ithuba lokubonisa ubuqotho babo kuJehova? (b) Uyoba yini uphumela wokugcina walolu vivinyo?

15 USathane uyobe eboshiwe iminyaka engu-1 000. Phakathi naleso sikhathi, ngeke akwazi ukudukisa abantu. Nokho, ekupheleni kweminyaka engu-1 000, uSathane uyodedelwa. Uyobe esezama ukudukisa abantu abangenasono. Phakathi nalolo vivinyo, bonke abantu abangenasono emhlabeni bayoba nethuba lokubonisa ngokucacile ukuthi bamiphi endabeni ehilela igama likaNkulunkulu nobukhosi bakhe. (IsAm. 20:7-10) Lokho umuntu ngamunye ayokwenza lapho uSathane ezama ukumdukisa kuyonquma ukuthi kufanele yini igama lakhe libhalwe unomphela encwadini yokuphila.

16 Abanye, abayinani elingashiwongo, bayofana no-Adamu no-Eva, bakwenqabe ukubusa kukaJehova. Kuyokwenzekani kubo? IsAmbulo 20:15 sithi: “Noma ubani ongatholakalanga ebhaliwe encwadini yokuphila waphonswa echibini lomlilo.” Yebo, lezi zihlubuki ziyobhujiswa zingaphinde zibe khona. Kodwa iningi labantu abangenasono liyophumelela kulolu vivinyo lokugcina. Amagama abo ayobe esebhalwa unomphela encwadini yokuphila.

PHAKATHI ‘NESIKHATHI SOKUPHELA’

17. UDaniyeli watshelwa ukuthi kuyokwenzekani esikhathini sethu? (Daniyeli 12:4, 8-10)

17 Kujabulisa ngempela ukucabanga ngalezi zenzakalo zangesikhathi esizayo! Nokho, ingelosi yabuye yatshela uDaniyeli okunye okubalulekile mayelana nesikhathi sethu, “isikhathi sokuphela.” (Funda uDaniyeli 12:4, 8-10; 2 Thim. 3:1-5) Yathi kuDaniyeli: “Ulwazi lweqiniso luyoba luningi.” Yebo, abantu bakaNkulunkulu babeyowaqonda nakakhulu amazwi ayisiprofetho asencwadini yakhe. Ingelosi yanezela ukuthi phakathi nalesi sikhathi “ababi bayokwenza kabi futhi abekho nhlobo ababi abayoqonda.”

18. Yini ezokwenzeka maduze kwababi?

18 Namuhla kungase kubonakale sengathi ababi bayaphumelela ezindleleni zabo ezimbi. (Mal. 3:14, 15) Kodwa maduze uJesu uzobahlulela labo abanjengezimbuzi futhi abahlukanise kwabanjengezimvu. (Math. 25:31-33) Laba ababi ngeke basinde osizini olukhulu, bengeke futhi bavuswe ukuze baphile ezweni elisha. Amagama abo ngeke abe khona ‘encwadini yenkumbulo’ okukhulunywa ngayo kuMalaki 3:16.

19. Manje yisikhathi sokuba senzeni, futhi kungani? (Malaki 3:16-18)

19 Manje yisikhathi sokubonisa ukuthi asikho phakathi kwababi. (Funda uMalaki 3:16-18.) UJehova uqoqa labo ababheka ‘njengempahla ekhethekile,’ noma njengempahla eyigugu. Ngokuqinisekile sifuna ukuba phakathi kwabo.

Kuyobe kujabulisa ngempela ukubona uDaniyeli, esibathandayo nabanye abaningi ‘besukuma’ ukuze bathole umvuzo wabo ezweni elisha! (Bheka isigaba 20)

20. Yisiphi isithembiso sokugcina uDaniyeli athenjiswa sona, futhi kungani ubheke phambili ekugcwalisekeni kwaso?

20 Ngempela siphila ezikhathini okwenzeka kuzo izinto ezimangalisayo. Kodwa maduze kuzokwenzeka izinto ezimangalisa nakakhulu. Maduze sizobona ukuqedwa kwabo bonke ububi. Okulandela lokho, kuyoba ukugcwaliseka kwesithembiso sikaJehova asithembisa uDaniyeli: “Uyosukuma ukuze uthole umvuzo wakho ekupheleni kwezinsuku.” (Dan. 12:13) Ingabe ubheke phambili lapho uDaniyeli kanye nezihlobo zakho ozithandayo beyophinde ‘basukume’? Uma kunjalo, yenza konke ongakwenza manje ukuze uhlale uthembekile, futhi ungaqiniseka ukuthi igama lakho liyohlale libhaliwe encwadini kaJehova yokuphila.

INGOMA 80 “Nambithani Nibone Ukuthi UJehova Muhle”

^ Lesi sihloko silungisa ukuqonda kwethu ngokuphathelene nomsebenzi wokufundisa omkhulu ochazwe kuDaniyeli 12:2, 3. Sizoxoxa ngokuthi lokho kuyokwenzeka nini nokuthi obani abayobe behilelekile. Sizobona ukuthi lo msebenzi wokufundisa uyobalungiselela kanjani uvivinyo lokugcina labo abasemhlabeni ekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane Yokubusa KukaKristu.

^ Kungenzeka kuyoqala kuvuswe labo abafa bethembekile phakathi nezinsuku zokugcina, mhlawumbe kuhlehle kuye emuva, isizukulwane ngesizukulwane. Uma kuyoba njalo, isizukulwane ngasinye siyoba nethuba lokwamukela abantu esasibazi. Kunoma ikuphi, iBhayibheli likhuluma ‘ngesigaba’ uma likhuluma ngovuko lwasezulwini, ngakho cishe singaphetha ngokuthi uvuko lwasemhlabeni nalo luyokwenzeka ngendlela ehlelekile.​—1 Kor. 14:33; 15:23.

^ Le ncazelo ilungisa indlela ebesiqonda ngayo lokho okusencwadini ethi Sinake Isiprofetho SikaDaniyeli! isahluko 17, nakuyi-Nqabayokulinda kaJulayi 1, 1987, kk. 21-25.

^ Ngokuphambene nalokho, inkulumo ethi “abalungile” nethi “abangalungile” esencwadini yezEnzo 24:15 nenkulumo ethi “ababenza okuhle” nethi “ababenza okubi” ekuJohane 5:29 igxila ekuziphatheni kwabavusiwe ngaphambi kokufa kwabo.