Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singamazi Yini UNkulunkulu?

Singamazi Yini UNkulunkulu?

Abantu abaningi bathi bayakholelwa kuNkulunkulu. Kodwa uma ubabuza ukuthi uNkulunkulu ungubani, uthola izimpendulo ezingafani. Abanye bathi uyijaji elingenazwela elifuna ukujezisa abantu. Abanye bathi uhlale enothando futhi uyaxolela kungakhathaliseki ukuthi umuntu wenzeni. Kanti abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu ukude futhi akanandaba nathi. Ngenxa yokuthi kunemibono eminingi engafani, abaningi baphetha ngokuthi asisoze sazi ukuthi uNkulunkulu ungubani ngempela.

Kubalulekile yini ukumazi? Yebo kubalulekile. Ukwazi uNkulunkulu kungakusiza wazi ukuthi uphilelani futhi ukujabulele nakakhulu ukuphila. (IzEnzo 17:26-28) Uma uqhubeka usondelana noNkulunkulu, uzokusiza futhi akuthande nakakhulu. (Jakobe 4:8) Okubaluleke nakakhulu ukuthi ukumazi kahle uNkulunkulu kungakunikeza ukuphila okuphakade.—Johane 17:3.

Ungamazi kanjani uNkulunkulu? Ake ucabange ngomngane wakho omazi kahle. Naba kanjani abangane? Kungenzeka ukuthi waqale wazi igama lakhe, ubuntu bakhe, izinto azithandayo nangazithandi, izinto ahlela ukuzenza nokunye okuningi. Ukwazi izinto ezithile ngaye, yikho okwakwenza wasondelana naye.

Ngendlela efanayo, uNkulunkulu singamazi ngokuthola izimpendulo zale mibuzo:

Lo magazini ubhalelwe ukukunika izimpendulo zale mibuzo. Lezi zihloko zizokusiza ufunde ukuthi ungubani uNkulunkulu, nokuthi kuzokusiza ngani ukuba umngane wakhe.