Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Singamthola Ngempela Yini UNkulunkulu?

Singamthola Ngempela Yini UNkulunkulu?

“UNkulunkulu akaqondakali.”—UPhilo wase-Alexandria, isazi sefilosofi sangekhulu lokuqala.

‘[UNkulunkulu] akakude kulowo nalowo kithi.’—USawulu waseTarsu, ekhuluma nezazi zefilosofi zangekhulu lokuqala e-Athene.

NJENGOBA ufunda lokhu okwashiwo yilaba bantu ababili, yimaphi amazwi avumelana nombono wakho? Abaningi bathola amazwi kaSawulu waseTarsu, obuye abizwe ngomphostoli uPawulu, eduduza futhi ekhanga. (IzEnzo 17:26, 27) IBhayibheli liphinde libe namanye amazwi akhuthazayo afana nalawa. Ngokwesibonelo, emthandazweni wakhe uJesu waqinisekisa abalandeli bakhe ngokuthi bangamazi uNkulunkulu futhi bathole isibusiso sakhe.—Johane 17:3.

Nokho, izazi zefilosofi ezifana noPhilo zaba nombono ohlukile. Zaphetha ngokuthi akunakwenzeka ukuba simazi uNkulunkulu ngoba akaqondakali nhlobo. Liyini iqiniso ngale ndaba?

IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi kunezinto okunzima ngabantu ukuziqonda ngoNkulunkulu. Ngokwesibonelo, ubude besikhathi uMdali ekhona nokujula kokuhlakanipha kwakhe akunakulinganiswa nalutho noma kuqondwe. Kalula nje ingqondo yomuntu ayikwazi ukukuqonda. Nokho, lokho akubangeli ukuba sihluleke ukumazi uNkulunkulu. Empeleni, ukuzindla ngalezi zinto kungasisiza ‘sisondele kuNkulunkulu.’ (Jakobe 4:8) Ake sixoxe ngezibonelo ezimbalwa zezinto okunzima ukuziqonda ngoNkulunkulu. Sizobe sesixoxa ngezinto esingaziqonda ngoNkulunkulu.

Iziphi Izinto Ongeke Ukwazi Ukuziqonda?

UNKULUNKULU AKANASIQALO FUTHI AKANASIPHETHO: IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu ubelokhu ekhona “kusukela nini nanini kuze kube nini nanini.” (IHubo 90:2) Ngamanye amazwi, uNkulunkulu akanasiqalo futhi ngeke abe nesiphetho. Ngokuqonda komuntu, “iminyaka yakhe ayinakuhlolwa.”—Jobe 36:26.

Indlela ozuza ngayo: UNkulunkulu ukuthembisa ukuphila okuphakade uma ungenisa ulwazi ngaye. (Johane 17:3) Singasethemba kanjani leso sithembiso uma uNkulunkulu engaphili phakade? ‘INkosi engunaphakade’ kuphela engagcwalisa isithembiso esinjalo.—1 Thimothewu 1:17.

UMQONDO KANKULUNKULU: IBhayibheli lifundisa ukuthi “ukuqonda [kukaNkulunkulu] akuphenyeki” ngoba imicabango yakhe iphakeme kuneyethu. (Isaya 40:28; 55:9) Ngakho kuyafaneleka ukuba iBhayibheli libuze lo mbuzo: “Ngubani owake wazi umqondo weNkosi ukuba angaze ayifundise na?”—1 Korinte 2:16, IBhayibheli LesiZulu Elivamile.

Indlela ozuza ngayo: UNkulunkulu uyakwazi ukulalela izigidi zemithandazo ngesikhathi esisodwa. (IHubo 65:2) Uqaphela ngisho nenyoni ewela phansi emhlabathini. Ingabe kuyoke kwenzeke ukuba ingqondo kaNkulunkulu ikhathale, imvimbele ukuba akuqaphele noma alalele imithandazo yakho? Cha, ngoba ingqondo yakhe ayinamkhawulo. Ngaphezu kwalokho, wena ‘ubaluleke ukudlula ondlunkulu abaningi.’—Mathewu 10:29, 31.

IZINDLELA ZIKANKULUNKULU: IBhayibheli lifundisa ukuthi, “abantu [ngeke bawuthole] nanini umsebenzi uNkulunkulu weqiniso awenzile kusukela ekuqaleni kuze kube sekupheleni.” (UmShumayeli 3:11) Ngenxa yalokho, akunakwenzeka ukuba sazi konke ngoNkulunkulu. “Zingezingenakuthungathwa” izindlela zikaNkulunkulu zokuhlakanipha. (Roma 11:33) Nokho, uNkulunkulu ukulungele ukwambula izindlela zakhe kulabo abafuna ukumjabulisa.Amose 3:7.

Ubude besikhathi uMdali ekhona nokujula kokuhlakanipha kwakhe akunakulinganiswa nalutho noma kuqondwe

Indlela ozuza ngayo: Uma ufunda futhi utadisha iBhayibheli, awusoze wayeka ukufunda izinto ezintsha ngoNkulunkulu nangezindlela zakhe. Lokhu kusho ukuthi singakwazi ukusondela nakakhulu kuBaba wethu osezulwini kuze kube phakade.

Izinto Ongaziqonda

Ukungaqondi izinto ezithile ngoNkulunkulu akusho ukuthi ngeke sikwazi ukumazi. IBhayibheli linokwaziswa okuningi okungasisiza sazi uNkulunkulu kangcono. Ake sihlole izibonelo ezimbalwa.

IGAMA LIKANKULUNKULU: IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uziphe igama. Uthi: “NginguJehova. Yilelo igama lami.” Igama likaNkulunkulu livela izikhathi ezingaba ngu-7 000 eBhayibhelini, okuyizikhathi eziningi ukwedlula noma yiliphi elinye igama.—Isaya 42:8.

Indlela ozuza ngayo: UJesu wathi emthandazweni wakhe oyisibonelo: “Baba wethu osemazulwini, malingcweliswe igama lakho.” (Mathewu 6:9) Nawe ungalisebenzisa igama likaNkulunkulu lapho uthandaza. UJehova uzimisele ukusindisa wonke umuntu ophatha igama lakhe ngenhlonipho efanele.—Roma 10:13.

INDAWO UNKULUNKULU AHLALA KUYO: IBhayibheli lifundisa ukuthi “kunezindawo ezimbili okuphilwa kuzo”—indawo engabonakali okuhlala kuyo izidalwa zomoya nendawo ebonakalayo ehlanganisa umhlaba esiphila kuwo. (Johane 8:23; 1 Korinte 15:44) Ngokuvamile eBhayibhelini, igama elithi “amazulu” libhekisela endaweni engabonakali. Indawo okuhlala kuyo uMdali ikulawo “mazulu.”—1 AmaKhosi 8:43.

Indlela ozuza ngayo: Uzokwazi ukumqonda ngokucacile uNkulunkulu. UMdali akawona amandla angaqondakali akuyo yonke indawo nakuyo yonke into. UJehova unguMuntu ongokoqobo ohlala endaweni engokoqobo. Noma kunjalo, “akukho ndalo engabonakali emehlweni akhe.”Hebheru 4:13.

UBUNTU BUKANKULUNKULU: IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu unezimfanelo ezithandekayo. “UNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) Akawaqambi amanga. (Thithu 1:2) Akakhethi, unesihe nomusa futhi uyephuza ukuthukuthela. (Eksodusi 34:6; IzEnzo 10:34) Kungase kubamangaze abaningi ukwazi ukuthi uMdali ufisa “ukusondelana” nalabo abamhloniphayo.—IHubo 25:14.

Indlela ozuza ngayo: Ungaba umngane kaJehova. (Jakobe 2:23) Njengoba uya umazi uJehova, ungakwazi ukukuqonda kangcono ukulandisa kweBhayibheli.

FUNA UNKULUNKULU

IBhayibheli lisinikeza isithombe esicacile ngoJehova uNkulunkulu. Akayena uNkulunkulu ongaqondakali. Empeleni, uMdali ufuna ukuba umazi. IZwi lakhe, iBhayibheli, liyathembisa: “Uma umfuna, uyozenza atholakale kuwe; kodwa uma umshiya, uyokulahla.” (1 IziKronike 28:9) Kungani ungazami ukwazi uNkulunkulu ngokufunda nangokuzindla ngalokho okufundiswa iBhayibheli? Uma wenza kanjalo, iBhayibheli lithembisa ukuthi uNkulunkulu ‘uyosondela kuwe.’—Jakobe 4:8.

Uma ufunda futhi utadisha iBhayibheli, awusoze wayeka ukufunda izinto ezintsha ngoNkulunkulu nangezindlela zakhe

Ungase uzibuze, ‘Njengoba ngingakwazi ukuqonda yonke into ngoMdali, ngingaba kanjani umngane wakhe?’ Cabanga ngalokhu: Ingabe umngane omkhulu kadokotela kudingeka naye abe neziqu zobudokotela? Cha! Umngane kadokotela angenza umsebenzi ohluke ngokuphelele. Noma kunjalo bangaba abangane abakhulu. Okubaluleke ngempela ukuba umngane kadokotela azi ubuntu bukadokotela, izinto azithandayo nangazithandi. Ngendlela efanayo, ungafunda eBhayibhelini ukuthi uJehova ungumuntu onjani—okuyinto oyidingayo ukuze ube umngane wakhe.

Kunokuba lichaze into engaqondakali ngoMdali, iBhayibheli liqukethe ukwaziswa esikudingayo ukuze sazi uNkulunkulu. Ungathanda yini ukwazi okwengeziwe ngoJehova uNkulunkulu? OFakazi BakaJehova bangakufundela iBhayibheli mahhala emzini wakho. Siza uthintane noFakazi endaweni yangakini noma ungene engosini yethu ethi www.dan124.com/zu.