Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

1 | Umthandazo—‘Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Kuye’

1 | Umthandazo—‘Phonsa Zonke Izinkathazo Zakho Kuye’

IBHAYIBHELI LITHI: “Niphonse zonke izinkathazo zenu [kuNkulunkulu], ngoba uyanikhathalela.”​—1 PETRU 5:7.

Lokho Okukushoyo

UJehova uNkulunkulu usicela ukuba simtshele noma yini esisindayo nesikhathazayo. (IHubo 55:22) Singathandazela noma yini, kungakhathaliseki ukuthi ibukeka incane noma inkulu. Uma ibalulekile kithi, ibalulekile nakuJehova. Ukuthandaza kuye kuyisinyathelo esibalulekile sokuthola ukuthula kwengqondo.​—Filipi 4:6, 7.

Indlela Lokhu Okungasiza Ngayo

Uma sinesifo sokuphazamiseka kwengqondo, singazizwa singenabani. Abanye abantu bangase bangakuqondi ngokugcwele esibhekene nakho. (IzAga 14:10) Uma sithandaza kuNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni, simtshele indlela esizizwa ngayo, uzosilalela ngozwela futhi uzoyiqonda indlela esizizwa ngayo. UJehova uyakubona konke esibhekene nakho nokusikhathazayo futhi ufuna sithandaze kuye nganoma yini.​—2 IziKronike 6:29, 30.

Ukukhuluma noJehova ngomthandazo kwenza siqiniseke nakakhulu ngokuthi uyasikhathalela. Singazizwa njengomhubi owathandaza wathi: “Ukubonile ukuhlupheka kwami; uyazi ngokucindezeleka kwami okukhulu.” (IHubo 31:7) Ukwazi nje ukuthi uJehova uyakubona okusikhathazayo kungasisiza sibhekane nezikhathi ezinzima. Akagcini nje ngokukubona okusikhathazayo kodwa ukuqonda ukudlula noma ubani esibhekene nakho. Uphinde asisize ngokusikhuthaza nangokusiduduza ngeZwi lakhe, iBhayibheli.