Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Thethelelanani Ngokukhululekile

Thethelelanani Ngokukhululekile

“Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile.”—KOL. 3:13.

1, 2. Kungani kufaneleka ukucabangela ukuzimisela kwakho ukuthethelela?

IZWI likaJehova elilotshiwe lisisiza ukuba sazi indlela abheka ngayo isono nendlela asabela ngayo lapho senza izono. IZwi lakhe lembula okuningi ngokuthethelela. Esihlokweni esandulele, siye sagxila endleleni izimo zengqondo zikaDavide noManase ezenza ngayo uJehova wabathethelela. Ukudabuka nosizi olwalusenhliziyweni yabo ngalokho abakwenza kwabenza bavuma izono zabo, bazilahla izenzo zabo ezimbi futhi baphenduka ngobuqotho. UJehova wabe esebabuyisela emseni wakhe.

2 Ake sihlole ukuthethelela ngakolunye uhlangothi. Ucabanga ukuthi wawuyozizwa kanjani ngoManase uma abantu ababulala babehlanganisa izihlobo zakho? Wawuyomthethelela? Lona umbuzo ofanelekayo namuhla ngoba siphila ezweni elingenamthetho, elinobudlova nobugovu. Ngakho, kungani kufanele umKristu ahlakulele isimo sengqondo sokuthethelela? Uma uchukuluzwa noma uphathwa ngendlela engenabulungisa, yini engakusiza ukuba uzibambe, usabele ngendlela uJehova angathanda ukuba usabele ngayo, futhi uzimisele ukuthethelela?

OKWENZA KUDINGEKE UKUBA SITHETHELELE

3-5. (a) Imuphi umfanekiso uJesu awusebenzisa ukuze asize ababemlalele bacabange ngokubaluleka kokuthethelela? (b) Liyini iphuzu lomfanekiso kaJesu okuMathewu 18:21-35?

3 Ukuzimisela ukuthethelela labo abasonayo—kungakhathaliseki ukuthi bangamalungu ebandla lobuKristu noma cha—kubalulekile uma sifuna ukulondoloza ubuhlobo obunokuthula namalungu omkhaya, abangane, abanye abantu noJehova. ImiBhalo ibonisa ukuthi ukuzimisela ukuthethelela abanye kungakhathaliseki ukuthi basona kaningi kangakanani kuyimfuneko yobuKristu. Ukuze acacise ukuba nengqondo kwale mfuneko, uJesu wasebenzisa umfanekiso wenceku eyayikweleta.

 4 Le nceku yayikweleta inkosi yayo imali engalingana nomholo wesisebenzi wezinsuku ezingu-60 000 000; noma kunjalo, inkosi yayo yasesula leso sikweletu. Ngemva kwalokho, le nceku yaphuma yahlangana nenceku ekanye nayo eyayiyikweleta imali elingana nomholo wezinsuku eziyikhulu kuphela. Le nceku eyikweletayo yayincenga ukuba iyibekezelele, kodwa inceku ethethelelwe isikweletu esikhulu yayibophisa. Leso simo sengqondo sayithukuthelisa inkosi yayo. Yayibuza: “‘Bekungafanele yini nawe ube nesihe encekwini okanye nayo, njengoba nami ngibe nesihe kuwe?’ Khona-ke inkosi yayo, ithukuthele, yayinikela [le nceku engathetheleli] kubagcini bejele, ize ikhokhe konke eyayikukweleta.”—Math. 18:21-34.

Laliyini iphuzu lalo mfanekiso kaJesu?

5 Iliphi iphuzu uJesu ayeliveza ngalo mfanekiso? Waphetha ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.” (Math. 18:35) Iphuzu likaJesu liyacaca. Izono esizenzile phakathi nokuphila kwethu njengabantu abangaphelele ziwubufakazi bokuthi simane nje asikwazi ukuhlangabezana nezindinganiso zikaJehova. Noma kunjalo, uzimisele ukusithethelela futhi azikhohlwe ngokuphelele izono zethu. Ngakho, noma ubani ofuna ukuba umngane kaJehova ubophekile ukuba athethelele amaphutha abanye abantu. Noma-ke njengoba uJesu asho eNtshumayelweni Yasentabeni: “Uma nithethelela abantu iziphambeko zabo, noYihlo osezulwini uzonithethelela nani; kanti uma ningabathetheleli abantu iziphambeko zabo, noYihlo ngeke azithethelele iziphambeko zenu.”—Math. 6:14, 15.

6. Kungani kungelula ukuthethelela ngaso sonke isikhathi?

6 Ungase uthi, ‘Kuzwakala kuyiseluleko esihle impela. Nokho, kulula ukukusho lokhu, kodwa akulula ukukwenza.’ Lokhu kungenxa yokuthi indlela esisabela ngayo lapho soniwe ivame ukushukunyiswa imizwelo. Umuntu angase athukuthele, azizwe ekhashelwe, afise ukuba kwenziwe ubulungisa ngisho nokuba aziphindisele. Eqinisweni, abanye baba nomuzwa wokuthi abasoze bakwazi ukumthethelela umoni. Uma uzizwa ngendlela efanayo, ungasihlakulela  kanjani isimo sengqondo sokuthethelela uJehova asifunayo kithi?

HLAZIYA IMIZWELO YAKHO

7, 8. Yini engakusiza ukuba uthethelele uma uye wacasulwa isenzo esingenamusa sabanye?

7 Izenzo zokoniwa ezingokoqobo nezicatshangelwayo zingase zivuse imizwelo enamandla kakhulu. Cabanga ngendlela enye insizwa eyasabela ngayo njengoba ichazwe kwenye inhlolo-vo ephathelene nentukuthelo: “Ngesinye isikhathi . . . ngaphuma endlini ngithukuthele, futhi ngafunga ukuthi angisophinde ngilubhade. Kwakuwusuku oluhle ehlobo, ngahamba ibanga elide endaweni enhle kwaze kwaba yilapho ubuhle nokuthula kwale ndawo kubangela ukuba umphefumulo wami uzole, futhi ngemva kwamahora athile ngabuyela emuva senginokuzisola futhi ngacishe ngakhala.” Njengoba lokhu okuhlangenwe nakho kubonisa, ukuzinika isikhathi sokwehlisa igwebu nokubheka isimo ngomqondo ohluzekile, hhayi ngomzwelo, kungakusiza ukuba ugweme ukusabela ngendlela engathetheleli ongase uzisole ngayo kamuva.—IHu. 4:4; IzAga 14:29; Jak. 1:19, 20.

8 Nokho, kuthiwani uma kungavumi ukuba uthethelele? Zama ukuthola ukuthi kungani uthukuthele. Ingabe kungenxa yokuthi uye waphathwa ngendlela engenabulungisa, mhlawumbe ekululazayo? Noma kungenxa yokuthi unomuzwa wokuthi lo muntu ukuzwise ubuhlungu ngamabomu? Ingabe isenzo sakhe sibi ngaleyo ndlela? Ukuhlaziya nokuqonda isizathu sokusabela kwakho kuyokusiza ukuba ucabangele indlela engcono kakhulu nengokomBhalo okufanele usabele ngayo. (Funda izAga 15:28; 17:27.) Ukucabangela isimo ngaleyo ndlela kungakusiza ukuba usibuke nhlangothi zombili futhi uzimisele ukuthethelela. Ngokulandela indlela enjalo yokuhlaziya isimo, kungakhathaliseki ukuthi kunzima kangakanani, usuke uvumela izwi likaNkulunkulu ukuba lihlole “imicabango nezinhloso zenhliziyo” yakho futhi likuqondise ekulingiseni isimo sengqondo sikaJehova sokuthethelela.—Heb. 4:12.

INGABE KUFANELE UBHEKE IZINTO NJENGEZIHLOSELWE UKUKUCASULA?

9, 10. (a) Iyiphi indlela ongase usabele ngayo uma ucabanga ukuthi woniwe? (b) Ukuhlakulela umoya omuhle wokuthethelela kungayishintsha kanjani indlela obheka ngayo izinto ekuphileni?

9 Ziningi izimo ekuphileni ezenza abantu basabele ngendlela embi. Ngokwesibonelo, ake sithi uyashayela bese enye imoto icishe ishayise imoto yakho. Uyosabela kanjani? Cishe uye wafunda ngezigameko zolaka lwasemgwaqweni lapho othile ethukuthela kakhulu aze ashaye omunye umshayeli. Nokho, ngokuqinisekile, njengomKristu ungethande ukwenza into enjalo.

10 Yeka ukuthi bekuyoba ngcono kanjani ukuzinika ithutshana lokuhlaziya isimo. Mhlawumbe nawe ube nesandla kulokho okwenzekile ngoba ubuthikamezekile ngandlela-thile. Noma imoto yalo omunye umshayeli iye yaba nenkinga ethile. Iphuzu kule ndaba ukuthi singanciphisa intukuthelo, ukudumazeka nokunye ukusabela okubi ngokuba sibonise ukuqonda, ukuba nomqondo ovulekile nokuzimisela ukuthethelela. UmShumayeli 7:9 uthi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.” Ungabobheka izinto njengokungathi zihloselwe ukukucasula. Ngokuvamile lokho esicabanga ukuthi kungamabomu kusuke kungenjalo neze; kumane kuwumphumela wokungapheleli noma iphutha elibangelwa ukungaqondi. Zama ukuba nomqondo ovulekile lapho uhlaziya amazwi noma izenzo ezibonakala zingenamusa, futhi uzimisele ukuthethelela ngothando. Uma uphumelela ukwenza lokhu, uyojabula ngokwengeziwe.—Funda eyoku-1 Petru 4:8.

‘KWANGATHI UKUTHULA KWAKHO KUNGABUYELA KUWE’

11. Indlela abantu abasabela ngayo ezindabeni ezinhle kufanele isenze sisabele kanjani thina njengabamemezeli boMbuso?

11 Ungakwazi kanjani ukulondoloza  ukuzithiba uma othile ekuphatha ngendelelo enkonzweni yasensimini? Lapho uJesu ethuma abashumayeli abangu-70, wabatshela ukuba bazifisele ukuthula zonke izindlu ababengena kuzo. Wathi: “Uma umngane wokuthula ekhona, ukuthula kwenu kuyohlala kuye. Kodwa uma engekho, kuyobuyela kini.” (Luka 10:1, 5, 6) Siyajabula lapho abantu besamukela enkonzweni, ngoba uma benza kanjalo bangase bazuze esigijimini esisiphethe. Nokho, ngezinye izikhathi, abasabeli neze ngendlela enokuthula. Sibe sesenzenjani-ke? UJesu wathi kufanele siqhubeke sinokuthula ebesikufisela leyo ndlu. Kunoma ikuphi, kufanele sikwazi ukuphuma endlini ngayinye sinokuthula ezinhliziyweni zethu, kungakhathaliseki ukuthi abantu basiphatha kanjani. Uma singasabela ngokucasuka lapho sichukuluzwa, ngeke sikwazi ukulondoloza ukuthula kwethu.

12. Ngokwamazwi kaPawulu akweyabase-Efesu 4:31, 32, kufanele siziphathe kanjani?

12 Lwela ukulondoloza ukuthula kuzo zonke izimo, hhayi enkonzweni yobuKristu kuphela. Yebo, ukuzimisela ukuthethelela abanye akusho ukuthi kufanele uhambisane nokuziphatha kwabo okungafanele noma uthalalise umonakalo okuwudalayo. Nokho, ukuthethelela kusho ukudlulisa yonke imizwa ehambisana nokoniwa okunjalo futhi ulondoloze ukuthula kwakho. Ngokuqhubeka becabanga imicabango emibi futhi belokhu bezindla ngokuthi baphathwe kabi kanjani, abanye abantu bavumela ukuziphatha kwabanye kubaphuce injabulo. Ungayivumeli imicabango enjalo ikulawule. Khumbula ukuthi ngeke ujabule uma ufukamele intukuthelo. Ngakho-ke, thethelela!—Funda eyabase-Efesu 4:31, 32.

SABELA NGENDLELA EJABULISA UJEHOVA

13. (a) UmKristu ‘uwanqwabelanisa kanjani amalahle avuthayo’ ekhanda lesitha? (b) Ukusabela ngendlela enhle lapho uphathwa kabi kungase kube namuphi umphumela?

13 Zingase zibe khona izikhathi lapho uba nomuzwa wokuthi ungamsiza othile okonile ukuba azise izindinganiso zobuKristu. Umphostoli uPawulu wabhala: “‘Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.’ Ungazivumeli ukuba unqotshwe okubi, kodwa qhubeka unqoba okubi ngokuhle.” (Roma 12:20, 21) Ngokuqhubeka ubonisa umusa lapho uchukuluzwa, ungase ushintshe ngisho nesimo sengqondo esilukhuni kunazo zonke futhi wenze abantu baveze ubuhle obukubo. Ngokubonisa ukuqonda, uzwela—ngisho nesihawu—ngomoni, ungase ukwazi ukumsiza ukuba afunde amaqiniso eBhayibheli. Kunoma ikuphi, ukusabela okuhle kunika umuntu ithuba lokucabangisisa ngokuziphatha kwakho okuhle.—1 Pet. 2:12; 3:16.

14. Kungakhathaliseki ukuthi umuntu ukuphathe kabi kangakanani, kungani kufanele ugweme ukufukamela intukuthelo?

14 Kwezinye izimo, kungase kube okungafaneleki ukuba nobudlelwane nabantu abathile. Bahlanganisa labo abake baba ingxenye yebandla kodwa abénza izono, bangaphenduka, base besuswa ekuhlanganyeleni. Uma umuntu onjalo ekuzwise ubuhlungu, kungase kube nzima kakhulu ukumthethelela, ngisho noma ephenduka, njengoba amanxeba angokomzwelo ethatha isikhathi ukuphola. Ezimweni ezinjalo, ungase uqhubeke ucela uJehova ukuba akusize uhlakulele umoya wokumthethelela umenzi wobubi osephendukile. Empeleni, ungakwazi yini okusenhliziyweni yomuntu? UJehova kuphela okwaziyo. Uhlola ukuthambekela komuntu okujulile futhi uyababekezelela abenzi bokubi. (IHu. 7:9; IzAga 17:3) Yingakho imiBhalo ithi: “Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto ezinhle emehlweni abo bonke abantu. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke. Ningaziphindiseleli, bathandekayo, kodwa qhelelani ulaka; ngoba kulotshiwe ukuthi: ‘Impindiselo ingeyami; ngizobuyisela  mina, kusho uJehova.’” (Roma 12:17-19) Unalo yini ilungelo lokumlahla ngecala omunye umuntu? Cha. (Math. 7:1, 2) Kodwa ungaqiniseka ukuthi ukwahlulela kusezandleni zikaNkulunkulu.

15. Ukuqaphela ini ngabantu abasonayo okufanele kuthinte isimo sethu sengqondo ngabo?

15 Uma unomuzwa wokuthi uye waphathwa ngendlela engenabulungisa, futhi ukuthola kunzima ukuthethelela umenzi wobubi ophendukile, kungaba kuhle ukuba uqaphele ukuthi lowo okonile akazenzi. Naye uyisisulu semiphumela yokungapheleli esikuzuze ngefa. (Roma 3:23) UJehova unozwela ngaso sonke isintu esingaphelele. Ngakho-ke, kuyafaneleka ukumthandazela umuntu okonile. Cishe, akunakwenzeka ukuba siqhubeke simthukuthelele umuntu esimthandazelayo. Kusobala emazwini kaJesu alandelayo ukuthi kufanele sigweme ukuqhubeka sibathukuthelele ngisho nalabo abasiphatha kabi: “Qhubekani nithanda izitha zenu, nithandazela nalabo abanishushisayo.”—Math. 5:44.

16, 17. Kufanele usabele kanjani lapho abadala bebandla bebheka isoni njengesiphendukile, futhi ngani?

16 Ngokuvumelana nentando kaJehova, abadala bebandla baphathiswe umthwalo wokusingatha amacala okona ebandleni. Laba bazalwane abanakho ukuqonda okugcwele uNkulunkulu anakho, kodwa balwela ukwenza isinqumo sabo sivumelane nesiqondiso esinikezwe eZwini likaNkulunkulu beqondiswa umoya ongcwele. Ngakho, abakunqumayo ezindabeni ezinjalo ngemva kokucela usizo lukaJehova ngomthandazo kuyobonakalisa umbono waKhe.—Math. 18:18.

Ukuzimisela ukuthethelela kuyimfuneko yobuKristu

17 Yilapha-ke lapho ubuqotho budingeka khona. Ingabe uyobathethelela futhi ubaqinisekise ngothando lwakho labo abaye babhekwa njengabaphendukile? (2 Kor. 2:5-8) Lokhu kungase kungabi lula, ikakhulukazi uma ube isisulu sobubi ababenzile noma uhlobene noyisisulu. Nokho, uma wethembela kuJehova nasendleleni asebenzisa ngayo ibandla ekusingatheni izinto, uyokwenza ngokuhlakanipha. Uyobonisa ukuthi uthethelela ngokukhululekile ngempela.—IzAga 3:5, 6.

18. Iziphi izinzuzo ongazithola ngokuthethelela ngokukhululekile?

18 Izazi zempilo yengqondo ziyaziqaphela izinzuzo zokuvuma ukuthethelela. Kukhulula imizwelo efuthelene nelimazayo engase igulise umuntu, futhi kuthuthukisa ubuhlobo obunempilo nobujabulisayo. Qhathanisa lokhu nezindleko zokungazimiseli ukuthethelela—impilo ebuthaka, ubuhlobo obulimele, ukucindezeleka nokungakhulumisani kahle. Okubaluleke ngaphezu kwakho konke ukuthi isibusiso sokuzimisela ukuthethelela siwukuba nobuhlobo obuhle noBaba wethu osezulwini, uJehova.—Funda eyabaseKolose 3:12-14.