Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?

Umbuzo 3: Kungani UNkulunkulu Evumela Ukuba Ngihlupheke?

UBABA ka-Ian wayeyisidakwa. Nakuba u-Ian akhula engaswele lutho, kodwa wayengakutholi ukusekelwa ngokomzwelo ayekudinga kuyise. Uthi: “Ngangingasondelene naye ngoba wayehlale edakiwe futhi emphatha kabi umama.” Njengoba ekhula waqala ukuzibuza ukuthi ukhona yini uNkulunkulu. Wacabanga, “Uma ekhona, kungani evumela abantu ukuba bahlupheke?”

Kungani kubuzwa lo mbuzo?

Ngisho noma ukuphila kwakho kungenazo izinkinga ezinkulu, kungakuphatha kabi ukubona abantu abangenacala behlupheka. Noma kunjalo, umbuzo ngokuhlupheka ufaneleka ngokukhethekile uma njengo-Ian wake wabhekana nobunzima noma wake wagulelwa noma wafelwa umuntu omthandayo.

Abanye baphendula bathini?

Abanye bakholelwa ukuthi uNkulunkulu uvumela ukuhlupheka ukuze asifundise ukuthobeka nokuba nozwela. Abanye banomuzwa wokuthi abantu bahlupheka ngenxa yezono abazenza ngaphambili.

Zisho ukuthini lezo zimpendulo?

UNkulunkulu akanandaba nokuhlupheka kwabantu, okwenza kube nzima ukumthanda. UNkulunkulu unonya.

Lifundisani iBhayibheli?

IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi akufanele sisole uNkulunkulu ngokuhlupheka kwabantu. “Uma umuntu elingwa makangasho ukuthi: ‘Ngilingwa uNkulunkulu.’ Ngoba uNkulunkulu akanakulingwa ngezinto ezimbi futhi yena ngokwakhe akalingi muntu.” (Jakobe 1:13) Empeleni, umbono wokuthi uNkulunkulu uyena obangela ukuhlupheka awuvumelani nendlela iBhayibheli elichaza ngayo ubuntu bakhe. Kanjani?

Enye yezimfanelo zikaNkulunkulu ezivelele uthando. (1 Johane 4:8) Ukuze ligcizelele leli phuzu, iBhayibheli liveza uNkulunkulu enemizwa efana nowesifazane oncelisayo. UNkulunkulu uyabuza, “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe? Ngisho nalaba besifazane bangakhohlwa, nokho mina ngeke ngikukhohlwe.” (Isaya 49:15) Kungenzeka yini umama onothando alimaze umntanakhe ngamabomu? Empeleni, umzali  onothando uyozama ukunciphisa ubuhlungu bomntanakhe. Ngokufanayo, uNkulunkulu akababangeli abantu abangenacala ukuhlupheka.—Genesise 18:25.

Ngisho noma uNkulunkulu esikhathalela, abantu abangenacala bayahlupheka. Ungase uzibuze, ‘Uma uNkulunkulu esikhathalela futhi enawo wonke amandla, kungani engaziqedi izimbangela zokuhlupheka?’

UNkulunkulu unezizathu ezinhle zokuvumela ukuhlupheka kuqhubeke kukhona. Cabanga ngalesi esisodwa: Ngokuvamile, abantu ababangela ukuhlupheka kwabanye. Izichwensi nezidlova eziningi ezibangela ubuhlungu kwabanye azizimisele ukushintsha izindlela zazo. Ngakho ukuze uNkulunkulu asuse imbangela enkulu yokuhlupheka, kuyodingeka abhubhise abantu abanjalo.

Echaza ukuthi kungani uNkulunkulu engakababhubhisi labo bantu ababi, umphostoli uPetru wabhala: “UJehova akephuzi ngokuqondene nesithembiso sakhe, njengoba abanye abantu becabanga ukuthi uyephuza, kodwa uyanibekezelela ngoba akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Ukubekezela kukaJehova uNkulunkulu kubonisa ubuntu bakhe bothando nesihe.

Nokho, maduzane uJehova uNkulunkulu uzothatha isinyathelo. ‘Uyobuyisela usizi kulabo ababangela abangenacala usizi.’ Labo ababangela abanye ukuhlupheka “bayothola isijeziso sokwahlulelwa esiwukubhujiswa okuphakade.”—2 Thesalonika 1:6-9.

U-Ian, ocashunwe ekuqaleni, wathola izimpendulo ezigculisayo emibuzweni yakhe ngokuhlupheka. Akufunda kwayishintsha indlela abheka ngayo ukuphila. Funda indaba yakhe esihlokweni esilandelayo esithi “IBhayibheli Lishintsha Ukuphila”.