Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

IBhayibheli Lishintsha Ukuphila

KWENZEKA kanjani ukuba intombi eyayingenandaba noNkulunkulu futhi isebenza kahle ithole injongo yangempela ekuphileni? Yini eyafundwa insizwa engumKatolika ngokufa, eyenza yashintsha ukuphila kwayo? Futhi insizwa eyayidumazekile ekuphileni yafundani ngoNkulunkulu eyayishukumisela ukuba ibe isikhonzi esingumKristu? Funda ukulandisa kwalaba bantu.

“Sekuyiminyaka Ngizibuza Ukuthi, ‘Kungani Silapha?’”—UROSALIND JOHN

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1963
  • IZWE AZALELWA KULO: IBRITHANI
  • UMLANDO: WAYESEBENZA KAHLE

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eCroydon eNingizimu yeLondon, ngangiyingane yesithupha emndenini onezingane ezingu-9. Abazali bami bona babedabuka esiqhingini saseCaribbean, iSt. Vincent. Umama wayesonta eWeseli. Ngangingenandaba nokufunda ngoNkulunkulu nakuba ngangifisa ngempela ukuthola ulwazi. Amaholide esikole ngangiwachitha echibini langasekhaya, ngifunda izincwadi eziningi engangiziboleka emtatsheni wezincwadi.

Ngemva kweminyaka ethile ngiqede isikole, ngabona ukuthi nginesifiso sokusiza abantu abangenabani. Ngaqala ukusebenza nabangenamakhaya, abakhubazekile nabanezinkinga zokufunda. Eyunivesithi ngafunda isayensi yezempilo. Ngemva kokuthola iziqu, ngathola izikhundla eziphezulu, futhi ngaqala ukuphila ntofontofo. Njengomeluleki ozimele wezokuphatha izinto ezinjengamabhizinisi nomcwaningi wezenhlalo, ngangisebenza nge-computer ephathwayo ne-Internet nje kuphela. Ngangiya phesheya kwezilwandle amasonto ambalwa ngendiza, ngihlale ehhotela engilithandayo, ngijabulele ukubuka indawo enhle engikuyo, ngiye nasezindaweni zokubhucungwa umzimba nezokuzivocavoca ukuze ngizigcine ngiwumqemane. Ngangizitshela ukuthi iyona mpilo-ke leyo. Kodwa angizange ngiyeke ukukhathalela abacindezelwe.

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Kwase kuyiminyaka ngizibuza, ‘Kungani silapha futhi iyini injongo yokuphila?’ Kodwa ngangingakaze ngizame ukuthola izimpendulo eBhayibhelini. Langa limbe ngo-1999, ngavakashelwa udadewethu uMargaret, owayesengomunye woFakazi BakaJehova, ehamba nomngane wakhe onguFakazi, owazinika isikhathi sokuxoxa nami. Ngazithola sengivuma ukufunda iBhayibheli nomngane kadadewethu, kodwa ngangithuthuka kancane ngoba umsebenzi nendlela yami yokuphila kwakungidlela isikhathi esiningi.

Ehlobo lango-2002, ngathuthela eningizimu-ntshonalanga yeNgilandi. Sengilapho, ngenza izifundo zokucwaninga ngezenhlalo eyunivesithi, umgomo wami oyinhloko kuwukuthola iziqu zobudokotela. Ngaqala ukuya njalo eHholo LoMbuso nomfanyana wami. Nakuba ngangiyithanda imfundo ephakeme, ukufunda iBhayibheli kwakungenza ngiziqonde kangcono izinkinga zokuphila nesixazululo. Ngaqaphela iqiniso  elikuMathewu 6:24, elithi awukwazi ukukhonza amakhosi amabili. Kwakufanele ngikhethe phakathi kukaNkulunkulu nengcebo. Ngangazi ukuthi kwakufanele ngenze isinqumo sokuthi yiziphi izinto ezizoza kuqala ekuphileni kwami.

Ngonyaka owandulele, ngangivame ukuya esifundweni seBhayibheli seqembu lapho oFakazi babefunda khona incwadi ethi Is There a Creator Who Cares About You? * Ngabona ukuthi uMdali wethu kuphela, uJehova, ongaxazulula izinkinga zesintu. Eyunivesithi ngangifundiswa ukuthi injongo yokuphila ayihlanganisi ukukholelwa kuMdali. Ngacasuka kabi. Ngemva kwezinyanga ezimbili, ngayeka eyunivesithi, nganquma ukuchitha isikhathi esiningi emfundweni yeBhayibheli.

Amavesi eBhayibheli angikhuthaza ukuba ngishintshe indlela engangiphila ngayo izAga 3:5, 6: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.” Ukufunda ngoNkulunkulu wethu onothando kwangizuzisa kakhulu kunanoma iyiphi ingcebo nodumo engangingakunikwa iziqu zobudokotela. Lapho ngiqhubeka ngifunda ngenjongo kaJehova ngomhlaba nendima eyafezwa uJesu lapho edela ukuphila kwakhe ngenxa yethu, kulapho ngafuna khona ukunikezela ukuphila kwami kuMdali. Ngabhapathizwa ngo-April 2003. Ngemva kwalokho, kancane kancane ngenza ukuphila kwami kwaba lula.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ubungane bami noJehova abunakuqhathaniswa. Ngithole ukuthula kwangempela nenjabulo yokumazi. Kungithokozisa kakhulu nokuhlangana nabanye abakhulekeli bakaNkulunkulu beqiniso.

Ukomela kwami ulwazi kuyaqhubeka kwaneliswa yilokho engikufunda eBhayibhelini nasemihlanganweni yobuKristu. Kuyangijabulisa ukuxoxela abanye ngokholo lwami. Lona sekuwumsebenzi ongenza ngikwazi ngempela ukusiza abantu bathole ukuphila okungcono manje futhi babe nethemba elihle lokuphila ezweni elisha. Ngo-June 2008, ngangenela inkonzo yesikhathi esigcwele futhi ngiyaqala ukujabula nokwaneliseka kangaka! Ngithole injongo yangempela ekuphileni, futhi ngenxa yalokho, ngimbonga angiqedi uJehova.

 “Ukushona Komngane Wami Kwangishiya Ngishaqekile.”—UROMAN IRNESBERGER

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1973
  • IZWE AZALELWA KULO: I-AUSTRIA
  • UMLANDO: UMGEMBULI

UKUPHILA KWAMI:

Ngakhulela edolobhaneni laseBraunau, e-Austria. Kwakuyindawo yezigwili lena futhi ubugebengu babungavamile. Ekhaya babengamaKatolika, nami ngakhulela kuleyo nkolo.

Okwenzeka ngisemncane kwangithinta kakhulu. Ngo-1984, ngineminyaka engaba ngu-11 ubudala, ngikhumbula ngidlala ibhola nomunye  wabangane bami abakhulu. Ngayo leyo ntambama, washona engozini yemoto. Ukushona kwakhe kwangishaqisa kakhulu. Ngemva kwaleyo ngozi, kwaphela iminyaka ngilokhu ngizibuza ukuthi kwenzekani kithi lapho sifa.

Lapho ngiphothula esikoleni, ngasebenza ngogesi. Nakuba ngangigembula njalo futhi ngigembule ngezizumbulu zemali, ngangingenazo izinkinga zemali. Ngangibuye ngichithe isikhathi esiningi kwezemidlalo, ngaqala nokuthanda umculo onesigqi esinamandla nomculo we-punk rock. Ngangiphilela ukuya emagigini nasemaphathini. Ngangizithandela injabulo futhi ngiziphatha kabi kodwa nganginganelisekile neze.

INDLELA IBHAYIBHELI ELAKUSHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-1995, kwafika uFakazi osekhulile ekhaya, wanginikeza incwadi eyayichaza indlela iBhayibheli eliwuphendula ngayo umbuzo othi, Kwenzekani ekufeni? Ukufa kabuhlungu komngane wami kwakusangihlupha, ngakho ngayithatha incwadi. Angifundanga nje izihloko ezikhuluma ngokufa kuphela kodwa ngayifunda yonke!

Engakufunda kwayiphendula imibuzo yami ngokufa. Kodwa ngafunda nokuningi kakhulu. Ngenxa yokuthi ngakhula ngingumKatolika, ukholo lwami lwalugxile kuJesu. Kepha ukufundisisa kwami iBhayibheli kwangisiza ngaba umngane kaYise kaJesu, uJehova uNkulunkulu. Kwangijabulisa ukuthola ukuthi uJehova akazifihli futhi akakude, kodwa uzenza aziwe yilabo abamfunayo. (Mathewu 7:7-11) Ngafunda ukuthi uJehova unemizwa. Ngafunda nokuthi uhlale eligcina izwi lakhe. Lokho kwangenza ngaba nesifiso esijulile sokwazi ngeziprofetho zeBhayibheli nokucwaninga indlela eziye zagcwaliseka ngayo. Engakuthola kwaluqinisa ukholo lwami kuNkulunkulu.

Ngokushesha ngaqaphela ukuthi oFakazi BakaJehova yibona kuphela engangibazi ababethanda ngempela ukusiza abantu baqonde iBhayibheli. Ngangibhala imiBhalo eyayisezincwadini zoFakazi bese ngiyibheka eBhayibhelini lami lamaKatolika. Lapho ngiqhubeka ngicwaninga, kulapho ngaqaphela khona ukuthi ngase ngilitholile iqiniso.

Ukufunda kwami iBhayibheli kwangibonisa ukuthi uJehova ulindele ukuba ngiphile ngemithetho yakhe. Kulokho engakufunda kweyabase-Efesu 4:22-24, ngabona ukuthi kufanele ngilahle “ubuntu obudala,” obase bulolongwe ‘inkambo yami yokuziphatha kwangaphambili’ nokuthi kwakufanele ‘ngigqoke ubuntu obusha obadalwa ngokwentando kaNkulunkulu.’ Ngakho ngayeka ukuziphatha kabi. Ngabona nesidingo sokuyeka ukugembula, kwazise lo mkhuba ukhuthaza ukuthanda izinto ezibonakalayo nobugovu. (1 Korinte 6:9, 10) Ngangazi ukuthi ukuze ngenze lezo zinguquko, kwakufanele ngiyeke abangane bami, ngifune abangane abaphila ngemithetho engase ngiphila ngayo.

Kwakungelula ukwenza lezo zinguquko. Kodwa ngaqala ukuya emihlanganweni yoFakazi eHholo LoMbuso, ngaqala nokuba nabangane ebandleni. Ngaqhubeka ngilitadishisisa iBhayibheli ngingedwa. Lezo zinyathelo zangenza ngawushintsha umculo engangiwulalela, ngashintsha imigomo yami, ngalungisa nendlela engangibukeka ngayo. Ngo-1995 ngabhapathizwa, ngaba uFakazi KaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Manje senginombono olinganiselayo ngemali nezinto ezibonakalayo. Ngangiyisififane kodwa manje sengimnene kakhudlwana. Angisakhathazeki kakhulu nangekusasa.

 Ngiyathanda ukuba phakathi kwabantu bezizwe zonke abakhonza uJehova. Phakathi kwabo ngibona abantu ababhekene nezinkinga kodwa abasakhonza uNkulunkulu ngokwethembeka. Ngijabule kangangokuthi manje angisachithi sonke isikhathi sami namandla nganelisa izifiso zami kuphela kodwa ngisichitha ngikhulekela uJehova futhi ngenzela abanye okuhle.

 “Ekugcineni, Ukuphila Kwami Sekunenjongo.”—U-IAN KING

  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1963
  • IZWE AZALELWA KULO: INGILANDI
  • UMLANDO: WAYEDUMAZEKILE EKUPHILENI

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eNgilandi, kwathi sengineminyaka engaba ngu-7 ubudala, umndeni wakithi wathuthela e-Australia. Sahlala eGold Coast, indawo ethandwa izivakashi yaseQueensland, e-Australia. Nakuba ekhaya sasingacebile, sasihlale sinakho esasikudinga.

Naphezu kokukhuliswa kahle, angikaze ngijabule ngempela. Ngadumazeka kakhulu ekuphileni. Ubaba wayephuza ngokweqile. Ngangingasondelene naye kangako ngoba wayehlale edakiwe futhi ehlukumeza umama. Kwaze kwaba yilapho sengazi izinto abhekana nazo eseyisosha eMalaya, ngabe sengiqala ukuqonda ukuthi kungani ayenza ngendlela enza ngayo.

Lapho sengifunda esikoleni samabanga aphakeme ngaqala ukuzitika ngotshwala. Sengineminyaka engu-16, ngasiyeka isikole ngajoyina ibutho lasolwandle. Ngaqala ukudla izidakamizwa futhi ngaba umlutha kagwayi. Kancane kancane angibange ngisakwazi ukuphila ngaphandle kotshwala. Angigcinanga ngokuzitika ngotshwala ngezimpelasonto kuphela kodwa nsuku zonke.

Lapho sengicela eminyakeni engu-20 nangemva nje kwalokho, ngaqala ukuzibuza ukuthi ukhona yini uNkulunkulu. Ngangithi, ‘uma ekhona ngempela kungani evumela abantu ukuba bahlupheke futhi bafe?’ Ngaze ngabhala nenkondlo eyayisola uNkulunkulu ngabo bonke ububi obukhona emhlabeni.

Sengineminyaka engu-23 ubudala, ngayeka ukusebenza ebuthweni lasolwandle. Ngemva kwalokho, ngenza imisebenzi ehlukahlukene ngaze ngaya naphesheya kwezilwandle unyaka owodwa kodwa akukho okwaqeda ukudumazeka kwami. Ngangingafune kuzibekela migomo futhi ngingafune kufeza lutho. Ayikho nje into eyayingithakazelisa. Umqondo wokuba nomuzi nomsebenzi okahle nokuthola izikhundla eziphakeme emsebenzini, konke kwakungasho lutho kimi. Okuwukuphela kwento “eyayingiduduza” kwakuwukuphuza utshwala nokulalela umculo.

Ngisikhumbula kahle isikhathi lapho nganginesifiso esikhulu sokuthola injongo ekuphileni. NgangisePoland, ngiyobuka ikamu lokuhlushwa elidume kabi kakhulu e-Auschwitz. Ngangike ngafunda ngonya olwalwenzeka kule ndawo.  Kodwa kwathi lapho ngifika khona futhi ngibuka leli kamu elikhulu kakhulu, umoya wami wathinteka impela. Kwakungacabangeki ukuthi abantu bangaba nesihluku esingaka kwabanye. Ngikhumbula ngihamba ngilibuka leli kamu ngikhala izinyembezi ngizibuza, ‘Kungani?’

INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Ngo-1993, sengibuyile phesheya kwezilwandle, ngaqala ukufunda iBhayibheli ngifuna izimpendulo. Ngemva nje kwalokho, kwafika oFakazi BakaJehova ababili emzini wami futhi bangimemela emhlanganweni wesigodi owawuzoba senkundleni yezemidlalo eseduze. Nganquma ukuya.

Ngangike ngaya kuleyo nkundla ezinyangeni ezimbalwa ngaphambili ngiyobukela umdlalo, kodwa umehluko wawumkhulu kakhulu kulo mhlangano. OFakazi babenesizotha, begqoke kahle futhi izingane zabo ziziphethe kahle. Kwangimangaza engakubona ngesikhathi sekhefu. OFakazi abaningi babedlela enkundleni yomdlalo kodwa lapho sebebuyela ezihlalweni zabo, kwakungekho ngisho nesicucu sephepha esasisele enkundleni! Okubaluleke nakakhulu ukuthi laba bantu babebonakala banelisekile futhi benokuthula—okuyiyona nto engangiyilangazelela. Ayikho neyodwa inkulumo engiyikhumbulayo yangalolo suku, kodwa ukuziphatha koFakazi angisoze ngakukhohlwa.

Ngalobo busuku, ngacabanga ngomzala wami owayefunda iBhayibheli futhi ehlola izinkolo ezihlukahlukene. Eminyakeni eminingi ngaphambili, wayengitshele ukuthi uJesu wathi inkolo yeqiniso niyoyibona ngezithelo zayo. (Mathewu 7:15-20) Ngacabanga ukuthi kudingeka okungenani ngihlole lokho okwenza oFakazi bahluke kangaka. Ngangiqala ngqá ekuphileni kwami ukuzizwa nginenhlansana yethemba ngekusasa.

Ngesonto elilandelayo oFakazi ababili ababengimemele emhlanganweni babuya. Bacela ukufunda nami iBhayibheli, ngavuma. Ngaqala nokuya nabo emihlanganweni yobuKristu.

Njengoba ngangifunda iBhayibheli, umbono wami ngoNkulunkulu washintsha ngokuphelele. Ngafunda ukuthi akuyena obangela ububi nokuhlupheka ngafunda nokuthi naye uzwa ubuhlungu uma abantu benza izinto ezimbi. (Genesise 6:6; IHubo 78:40, 41) Ngazimisela ngempela ukuzama ukungabe ngisamzwisa obunye ubuhlungu uJehova. Ngangifuna ukwenza inhliziyo yakhe ijabule. (IzAga 27:11) Ngayeka ukuphuza ngokweqile, ukubhema nokuziphatha kabi. Ngo-March 1994, ngabhapathizwa ngaba omunye woFakazi BakaJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Nginenjabulo yeqiniso futhi nganelisekile. Angisaphuzi utshwala ukuze ngixazulule izinkinga zami. Kunalokho, ngiye ngafunda ukuphonsa umthwalo wami kuJehova.—IHubo 55:22.

Sengineminyaka eyishumi ngishade noFakazi omuhle ogama lakhe uKaren, futhi nginendodakazi yokutholwa ethandekayo uNella. Sobathathu sichitha isikhathi esiningi enkonzweni yobuKristu sisiza abanye bafunde iqiniso ngoNkulunkulu. Ekugcineni, ukuphila kwami sekunenjongo.

^ isig. 11 Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.