Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IMIBUZO EVELA KUBAFUNDI BALO MAGAZINI . . .

Kungani Abanye Abantu BaseBhayibhelini Bengabizwa Ngamagama?

Kungani Abanye Abantu BaseBhayibhelini Bengabizwa Ngamagama?

Encwadini yeBhayibheli kaRuthe, ngokoMthetho kaMose, indoda engafuni ukwenza umsebenzi wayo ibizwa ngokuthi nje uSibanibani. (Ruthe 4:1-12) Ingabe kufanele siphethe ngokuthi abantu baseBhayibhelini abangabizwa ngamagama banemikhuba emibi noma ababalulekile?

Cha. Cabanga ngesibonelo esihlukile. Ukuze alungiselele iPhasika lakhe lokugcina, uJesu watshela abafundi bakhe ukuba ‘bangene emzini kuSibanibani [“indoda ethile,” New English Bible]” balungise izinto emzini wayo. (Mathewu 26:18) Ingabe kufanele siphethe ngokuthi le ndoda okuthiwa ‘nguSibanibani’ kuleli vesi yayiyimbi noma yayingabalulekile? Lutho neze; akungabazeki ukuthi le “ndoda ethile” okukhulunywa ngayo lapha yayingumfundi kaJesu. Ngenxa yokuthi igama layo lalingabalulekile kulokhu kulandisa, alishiwongo.

Ngaphezu kwalokho, umlando weBhayibheli unamagama abantu abaningi ababi; unanezibonelo zabantu abaningi abathembekile abangabizwa ngamagama. Ngokwesibonelo, igama lika-Eva, owesifazane wokuqala laziwa kakhulu. Nokho, ubugovu bakhe nokungalaleli kwaba nomthelela ekoneni kuka-Adamu, okwabangela inhlekelele kithi sonke. (Roma 5:12) Ngakolunye uhlangothi, umkaNowa akabizwa ngegama emiBhalweni, kodwa sazuza kakhulu ngokuzidela kwakhe nomoya wokulalela ekusekeleni umyeni wakhe emsebenzini omkhulu. Kuyacaca ukuthi ukungashiwo kwegama lakhe akulona uphawu lokungabaluleki noma lokungamukelwa uNkulunkulu.

Bakhona nabanye abangabizwa ngamagama eBhayibhelini kodwa ababa nendima ebalulekile—ngisho namaqhawe—ekufezekeni kwenjongo kaJehova. Cabanga ngentombazanyana yakwa-Israyeli eyayiyisigqila endlini kaNahamani, isikhulu sempi saseSiriya. Yakhuluma ngesibindi nomkaNahamani ngokuphathelene nomprofethi kaJehova wakwa-Israyeli. Lokho kwaholela esimangalisweni esikhulu. (2 AmaKhosi 5:1-14) Indodakazi yomahluleli wakwa-Israyeli uJefta nayo yabeka isibonelo esihle kakhulu sokholo. Yadela ithuba lokushada nokuzala abantwana ukuze igcwalise isifungo esasenziwe nguyise. (AbaHluleli 11:30-40) Ngokufanayo, kunabalobi bamahubo angaphezu kuka-40 abangabizwa ngamagama kanye nabaprofethi abangashiwongo abafeza ngokwethembeka izabelo ezinkulu.—1 AmaKhosi 20:37-43.

Mhlawumbe isibonelo esihlaba umxhwele nakakhulu esezingelosi ezithembekile. Kunamakhulu ezigidi ezingelosi, kodwa zimbili kuphela ezibizwa ngamagama eBhayibhelini—uGabriyeli noMikhayeli. (Daniyeli 7:10; Luka 1:19; Jude 9) Zonke ezinye azibizwa ngamagama ekulandiseni kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, ingelosi yabuzwa uManowa, ubaba kaSamsoni: “Ungubani igama lakho, ukuze kuthi lapho izwi lakho ligcwaliseka ngokuqinisekile sikudumise?” Yaba yini impendulo? “Ulibuzelani nje igama lami.” Ngesizotha, leyo ngelosi yenqaba ukwamukela udumo okwakufanele luye kuJehova kuphela.—AbaHluleli 13:17, 18.

IBhayibheli alichazi esimweni ngasinye ukuthi kungani abantu abathile bebizwa ngamagama kuyilapho abanye bengabizwa. Kodwa singafunda okuningi kubantu abathembekile abakhonza uNkulunkulu bengalindele ukuthola udumo noma ukuqashelwa.