Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 ISIHLOKO ESIYINHLOKO | IMPI EYASHINTSHA UMHLABA

Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka

Imbangela Yangempela Yempi Nokuhlupheka

Ngo-November 11, 1918, iMpi Yezwe I yaphela. Amabhizinisi avalwa futhi abantu babhiyoza emigwaqweni. Kodwa lokho kubhiyoza kwasheshe kwaphela. Ngokushesha ngemva kwempi yomhlaba, kwaqala olunye usongo olwedlula ukudutshulwa ngezibhamu.

Isifo esiwumshayabhuqe esaziwa ngokuthi umkhuhlane waseSpain sahlasela amabutho ayelwa eFrance ngo-June 1918. Lesi sifo sabhebhetheka ngokushesha. Ngokwesibonelo, ngezinyanga ezimbalwa, sabulala amasosha aseMelika amaningi kunalawo ayebulawe ngezibhamu eFrance. Lesi sifo sasakazeka ngokushesha emhlabeni lapho amasosha ephindela emakhaya ngemva kwempi.

Iminyaka yangemva kwempi yayigcwele indlala nokuwa kwezomnotho. Amazwe amaningi aseYurophu ayekhungethwe indlala lapho impi iphela ngo-1918. Ngawo-1923 imali yaseJalimane yayingasathengi lutho. Ngemva kweminyaka eyisithupha, umnotho emhlabeni wonke wawa. Ekugcineni ngo-1939 kwaqala impi yezwe yesibili— ngezindlela ezithile okwakusho ukuqhubeka kwezinxushunxushu zempi yezwe yokuqala. Yini eyayiyimbangela yalezi zenzakalo eziyinhlekelele ezilandelanayo?

ISIBONAKALISO SEZINSUKU ZOKUGCINA

Isiprofetho seBhayibheli sisenza sibone imbangela yezenzakalo ezingokomlando, ikakhulukazi iMpi Yezwe I. UJesu Kristu wabikezela ngesikhathi lapho ‘isizwe sasiyovukela khona isizwe,’ kube khona ukusweleka kokudla nezifo eziwumshayabhuqe emhlabeni.  (Mathewu 24:3, 7; Luka 21:10, 11) Watshela abafundi bakhe ukuthi lezi zinhlekelele zaziyoba isibonakaliso sezinsuku zokugcina. Imininingwane eyengeziwe itholakala encwadini yesAmbulo ehlobanisa omaye emhlabeni nempi yasezulwini.—Bheka ibhokisi elithi  “Impi Emhlabeni Nasezulwini.”

Le ncwadi yeBhayibheli ikhuluma ngabagibeli bamahhashi abane, ngezinye izikhathi ababizwa ngokuthi abagibeli abane bembubhiso yomhlaba wonke. Abathathu balaba bagibeli bamelela izinhlekelele uJesu ayezibikezele—impi, indlala nezifo eziwumshayabhuqe. (Bheka ibhokisi elithi  “Ingabe Amahhashi Abagibeli Abane Aseyagabavula Ngempela?”) Kusobala ukuthi impi yezwe yokuqala yaba isiqalo sesikhathi sosizi olusaqhubeka nanamuhla. IBhayibheli lembula nokuthi ngomqondo othile, uSathane oyimbangela yalolu sizi. (1 Johane 5:19) Ingabe amandla akhe ayoke anqandwe?

Incwadi yesAmbulo iphinde isiqinisekise ngokuthi uSathane usesalelwe ‘isikhathi esifushane.’ (IsAmbulo 12:12) Yingakho egcwele intukuthelo futhi ebangela ubunzima obukhulu lapha emhlabeni. Izinhlupheko esizibonayo nazo zifakazela ukuthi uSathane uphelelwa isikhathi.

 UKUBHIDLIZA IMISEBENZI KADEVELI

IMpi Yezwe I yaba isenzakalo esiphawuleka ngempela emlandweni. Kwaba isikhathi sezimpi, ukuvukelwa kwemibuso nokungethenjwa kwabaholi abangabantu. Le mpi yanikeza nobufakazi obuqand’ ikhanda bokuxoshwa kukaSathane ezulwini. (IsAmbulo 12:9) Lo mbusi womhlaba ongabonakali wasabela njengombusi ononya owaziyo ukuthi izinsuku zakhe zibaliwe. Lapho lezo zinsuku ziphela, isikhathi sezinkathazo esaqala ngeMpi Yezwe I siyophela.

Ngokwesiprofetho seBhayibheli, unesizathu sokuba nethemba lokuthi kungekudala, uJesu Kristu, iNkosi yethu yasezulwini, ‘uzobhidliza imisebenzi kaDeveli.’ (1 Johane 3:8) Kakade izigidi eziningi zabantu zithandazela ukuba uMbuso kaNkulunkulu uze. Ingabe wena uyawuthandazela? Ngenxa yalowo Mbuso, abantu abathembekile bayobona ukufezeka kwentando kaNkulunkulu emhlabeni—hhayi ekaSathane. (Mathewu 6:9, 10) EMbusweni kaNkulunkulu, impi yezwe ngeke iphinde ibe khona emhlabeni—nanoma iziphi ezinye izimpi! (IHubo 46:9) Funda ngalowo Mbuso, uphile uze ubone lapho ukuthula kugcwala emhlabeni!Isaya 9:6, 7.