Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Indlela Yokuqhubeka Ujabule Ngisho Nalapho Usukhulile

Indlela Yokuqhubeka Ujabule Ngisho Nalapho Usukhulile

UZIZWA kanjani lapho ucabanga ngokuguga? Kwabaningi ukucabanga ngalokhu kubangela ukukhathazeka nokwesaba. Lokhu kubangelwa ukuthi ngokuvamile ukuguga kuhlotshaniswa nezinto ezingezinhle njengesikhumba esishwabene, umzimba ontekenteke, ukukhohlwa kanye nezifo ezingamahlalakhona.

Nokho, iqiniso liwukuthi abantu abagugi ngendlela efanayo. Abanye baqhubeka benempilo enhle ngokomzimba nangokwengqondo, ngisho nalapho sebegugile. Ukuthuthuka kwezokwelapha kuye kwasiza abanye bakwazi ukwelapha noma ukulawula izifo ezingamahlalakhona. Ngenxa yalokho, kwamanye amazwe abantu abaningi baphila isikhathi eside futhi bayimiqemane.

Kungakhathaliseki ukuthi babhekana nezinkinga zokuguga noma cha, abantu abaningi bafisa ukuqhubeka bejabule ngisho noma sebegugile. Kungenzeka kanjani lokho? Ngokwengxenye, lokhu kuxhomeke endleleni esibheka ngayo izinto nokuzimisela kwethu ukuzivumelanisa nalesi sigaba esisha sokuphila. Ukuze sithole usizo kulokhu, ake sihlole ezinye izeluleko zeBhayibheli eziwusizo nezisebenzayo.

YIBA NESIZOTHA: “Ukuhlakanipha kukwabanesizotha.” (IzAga 11:2) Kule ndaba inkulumo ethi “kwabanesizotha” ingabhekisela kubantu asebekhulile abaqaphelayo futhi bamukele ukulinganiselwa okulethwa iminyaka yabo. UCharles, oneminyaka engu-93, eBrazil, ubheka izinto ngomqondo ovulekile, uthi: “Uma uphila isikhathi eside, kuzomelwe uguge. Ngeke ukwazi ukubuyela ebusheni.”

Nokho ukuba nesizotha akusho ukuba nesimo sengqondo sokuzenyeza, sithi, “Ngigugile futhi angisakwazi ukwenza lutho.” Isimo sengqondo esinjalo singakuqeda amandla. IzAga 24:10 zithi: “Ingabe uzibonise udangele ngosuku losizi? Amandla akho ayoba mancane.” Kunokuba adangale, umuntu onesizotha ubonisa ukuhlakanipha ngokuba nesimo sengqondo esihle futhi enze lokho akwazi ukukwenza.

UCorrado oneminyaka engu-77, e-Italy, uthi: “Lapho imoto ikhuphuka umqansa, kufanele ushintshele egiyeni eliphansi ukuze injini iqhubeke iduma.” Yebo, kudingeka kwenziwe izinguquko lapho umuntu esefike eminyakeni yokuguga. UCorrado nomkakhe basungule indlela evumelana nezimo zabo yokwenza imisebenzi yasekhaya, banesimiso esilula abasisebenzisayo ukuze bagweme ukuzikhandla kakhulu . UMirian oneminyaka engu-81, eBrazil, naye unesimo sengqondo esihle ngokuguga. Uthi: “Ngiye ngafunda ukwenza izinto ngendlela evumelana nezimo zami, lapho ngenza umsebenzi othile ngiye ngiphumule uma kudingeka. Ngihlala phansi noma ngicambalale ukuze ngifunde incwadi noma ngilalele umculo. Ngiye ngafunda ukuqaphela nokwamukela ukulinganiselwa kwami.”

Linganisela

LINGANISELA: “Abesifazane bazihlobise ngezingubo ezilungiswe kahle, ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo.” (1 Thimothewu 2:9) Inkulumo ethi ‘izingubo ezilungiswe kahle’ isho ukulinganisela nokukhetha kahle. UBarbara, oneminyaka engu-74, eCanada, uthi: “Ngizama ukugqoka izingubo ezihlanzekile nezicocekile. Ngigqoka izingubo ezinhle ezingifanelayo, angifuni ukuba nesimo sengqondo sokuthi ngigugile futhi anginandaba nokuthi ngibukeka kanjani.” UFern, oneminyaka engu-91, eBrazil, uthi: “Ngemva kwesikhathi esithile, ngiye ngithenge izingubo ezintsha ukuze ngibukeke kahle.” Kuthiwani ngabantu besilisa asebekhulile? U-Antônio, oneminyaka engu-73, eBrazil, uthi: “Ngizama konke okusemandleni ami ukuba ngibukeke kahle, ngigqoka izingubo ezihlanzekile. Mayelana nokuhlanzeka okungokomzimba ngigeza nsuku zonke futhi ngishefe.”

Ngakolunye uhlangothi kubalulekile ukugwema ukukhathazeka kakhulu ngendlela obukeka ngayo uze uhlukele ukubonisa ‘ukuhluzeka kwengqondo.’ UBok-im, oneminyaka engu-69, eNingizimu Korea, unombono olinganiselayo lapho kuziwa endabeni yokugqoka. Uthi: “Ngiyaqaphela ukuthi akufaneleki ukuba ngigqoke ezinye zezingubo engangizingqoka lapho ngisemusha.”

Yiba Nesimo Sengqondo Esihle

YIBA NESIMO SENGQONDO ESIHLE: “Zonke izinsuku zohluphekile zimbi; kodwa onenhliziyo enhle unedili njalo.” (IzAga 15:15) Njengoba ukhula, ungase ube nemizwa ebuhlungu lapho ukhumbula amandla obusha nezinto eziningi owawukwazi ukuzenza. Lokhu kuyaqondakala. Nokho, yenza umzamo wokuba ungadikibaliswa yileyo mizwa. Ukugxila esikhathini esedlule kungakwenza lusizi futhi kukuqede amandla okwenza izinto osakwazi ukuyenza. UJoseph, oneminyaka engu-79, eCanada, unombono omuhle, uthi: “Ngizama ukujabulela izinto engikwazi ukuzenza ngikhohlwe yizinto engingasakwazi ukuzenza.”

Ukufunda kungakwenza ujabule futhi wazi izinto ezintsha. Ngakho waphaphamele amathuba okufunda izinto ezintsha. U-Ernesto, oneminyaka engu-74, ePhilippines, uya emtatsheni wezincwadi ayobheka izincwadi ezimnandi angazifunda. Uthi: “Ngisakujabulela ukufunda indaba ethumba ingqondo ingise ezindaweni ezikude.” ULennart, oneminyaka engu-75, eSweden, uze wenza nento enzima, wafunda ulimi olusha.

Yiba Ophanayo

YIBA OPHANAYO: “Kwenzeni umkhuba ukupha, khona-ke abantu bayonipha.” (Luka 6:38) Kwenze umkhuba ukupha abanye isikhathi nezinto zakho. Lokhu kuyokulethela umuzwa wokuthi ufeze okuthile futhi uyojabula. UHosa, oneminyaka engu-85, eBrazil, wenza umzamo wokusiza abanye ngisho noma enempilo ebuthaka. Uthi: “Ngishayela ucingo abangane abagulayo noma abadikibele futhi ngibabhalele izincwadi. Ngezinye izikhathi ngibathumelela izipho. Ngiyakuthanda nokuphekela abantu abagulayo.”

Lapho wenzela abanye izinto ezinhle nabo bayokwenzela okuhle. UJan oneminyaka engu-66, eSweden, uthi: “Lapho uthanda abanye, nabo bayokuthanda.” Ngempela kumnandi ukuba seduze nomuntu ophayo, wenza ukuphila kujabulise.

YIBA NOBUNGANE: “Ozihlukanisayo uyozifunela isifiso sobugovu; uyophulukundlela aphambane nakho konke ukuhlakanipha okusebenzayo.” (IzAga 18:1) Nakuba ngezinye izikhathi ungase ufune ukuba wedwa, gwema ukuzahlukanisa ube unkom’ idla yodwa. U-Innocent oneminyaka engu-72, eNigeria, uyakuthanda ukuhlala nabangane. “Ngihlala kamnandi nabantu bobudala obuhlukahlukene.” UBörje oneminyaka engu-85, eSweden, uthi: “Ngizama ukuba phakathi kwabantu abasha. Ubungqabavu babo bungenza ngizizwe ngimusha ngaphakathi.” Yenza imizamo yokumema abangane ngezinye izikhathi. UHan-sik oneminyaka engu-72, eNingizimu Korea, uthi: “Mina nomkami sithanda ukumema abangane kokubili asebekhulile nabasebasha, ukuze sijabulele ubudlelwane noma isidlo santambama ndawonye.”

Yiba Nobungane

Kulula ukuxoxa nabantu abanobungane. Kodwa ukuze kube mnandi ukuxoxa nabanye kumelwe singagcini nje ngokubalalela kodwa sikhulume nathi. Bonisa isithakazelo kwabanye. UHelena oneminyaka engu-71, eMozambique, uthi: “Ngingumuntu onobungane futhi ngiyabahlonipha abanye. Ngiyakulalela lokho abakushoyo ukuze ngithole ukuthi yini abayicabangayo nabayithandayo.” UJosé oneminyaka engu-73, eBrazil, uthi: “Abantu bayakuthanda ukuba phakathi kwabantu abalalelayo—labo ababonisa uzwela nesithakazelo kwabanye, ababancomayo ngesikhathi esifanele nabantu abanamahlaya.”

Lapho ukhuluma kumelwe amazwi akho “ayoliswe ngosawoti.” (Kolose 4:6) Yiba ocabangelayo futhi ukhuthaze.

YIBA OBONGAYO: “Ziboniseni ningababongayo.” (Kolose 3:15) Lapho umuntu ekusiza bonisa ukwazisa ngalokho. Ukubonga kwakha ubuhlobo obuhle nabanye. UMarie-Paule oneminyaka engu-74, eCanada, uthi: “Mina nomyeni wami sisanda kuthuthela efulethini. Abangane bethu abaningi baye basisiza njengoba sithutha. Silwazisa kakhulu usizo lwabo. Sabathumelela amakhadi sibabonga, abanye sabamemela esidlweni.” UJae-won, oneminyaka engu-76, eNingizimu Korea, ukwazisa kakhulu ukusizwa ngento yokuhamba lapho eya eHholo LoMbuso. Uthi: “Ngilwazisa kakhulu lolu sizo kangangokuthi ngiyaqikelela ukuthi ngikhipha imadlana yokuthenga uphethiloli. Ngezinye izikhathi ngenza izipho ezincanyana ezinamakhadi okubonga.”

Ngaphezu kwakho konke, bonisa ukwazisa ngokuphila. INkosi ehlakaniphile uSolomoni yathi: “Inja ephilayo ingcono kakhulu kunengonyama efileyo.” (UmShumayeli 9:4) Yebo, uma unesimo sengqondo esihle futhi uzimisele ukuzivumelanisa nezimo, ungaqhubeka ujabule ngisho nalapho usugugile.

Yiba Obongayo