Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

I-JW LIBRARY

Ukudawuniloda Nokuhlela Izincwadi—Kuyi-Android

Ukudawuniloda Nokuhlela Izincwadi—Kuyi-Android

Ziningi izincwadi, izincwajana, amapheshana kanye nama-video ongakufunda futhi ukubukele kuyi-JW Library, ngisho usuyivalile i-Internet.

Ukuze udawunilode futhi uhlele izincwadi, landela lezi ziyalezo:

 Ukudawuniloda Incwadi

Ungadawuniloda inqwaba yezincwadi nama-video ngokuthanda kwakho ukuze ukufunde futhi ukutadishe ungasekho kuyi-Internet.

  • Vula idrowa lokuthubeleza bese uthinta elithi Izincwadi ukuze ubone uhlu lwezincwadi.

  • Thinta inkinobho yeziLimi ukuze ubone uhlu lwezilimi izincwadi ezitholakala ngazo. Khetha ulimi ofuna ukulubona. Izilimi ovame ukuzisebenzisa ziba sekuqaleni kohlu. Uma uthanda ungamane ulubhale ulimi olufunayo.

Kunezindlela ezihlukahlukene zokuthola izincwadi kuyi-JW Library.

Ingxenye ethi Izinhlobo ibonisa izincwadi zolimi oluvulile ngezinhlobo zazo njengeziNcwajana, amaPheshana noma ama-Video. Ukuthinta ezinye izinhlobo kuzokuvezela okunye ongakhetha kukho, njenge-Nqabayokulinda ehlelwe ngeminyaka noma ama-video ahlelwe ngemikhakha. Thinta elithi Konke ukuze ubuyele emuva ohlwini lwezincwadi.

Ingxenye ethi Okusha ibonisa izincwadi ezisanda kukhishwa ngolimi okulo.

Izincwadi ezingakadawunilodwa zinesithonjana sefu. Thinta incwadi ukuze uyidawunilode. Uma incwadi isidawunilodekile, ifu liyanyamalala. Phinda futhi uyithinte incwadi ukuze uyifunde.

Ingxenye ethi Okudawunilodiwe ibonisa izincwadi ozidawunilodile nganoma iluphi ulimi. Lolu hlu ungaluhlela ngoKuvame Ukusetshenziswa, Okungavamile Ukusetshenziswa noma ngoKukhulu Kunakho Konke.

Ukudilitha Incwadi

 Ungazidilitha izincwadi uma ungasazidingi noma ufisa ukuvula isikhala emshinini wakho.

Vula idrowa lokuthubeleza uthinte elithi Izincwadi, ibe usuthinta uhlobo lwezincwadi (ngokwesibonelo, Izincwajana) ukuze ubone uhlu lwezincwadi. Encwadini ofuna ukuyidilitha thinta inkinobho yoKunye bese uthinta elithi Dilitha.

Ungazidilitha izinto ongavamile ukuzisebenzisa noma ezinkulu kakhulu uma udinga isikhala esengeziwe. Vula idrowa lokuthubeleza bese uthinta elithi Izincwadi. Iya engxenyeni ethi Okudawunilodiwe bese uhlela uhlu ngokwalokho Okungavamile Ukusetshenziswa noma Okukhulu Kunakho Konke. Dilitha izincwadi ongasazidingi.

Ukuthola Incwadi Ethuthukisiwe

 Ngezinye izikhathi incwadi oyidawunilodile ingase ithuthukiswe.

Izincwadi esezithuthukisiwe zinesithonjana sokuvuselela. Uma uthinta incwadi, uzobona umyalezo oshoyo ukuthi leyo ncwadi isithuthukisiwe. Thinta elithi Dawuniloda ukuze uthole esithuthukisiwe, noma amagama athi Ngesinye Isikhathi uma ufuna ukuqhubeka usebenzisa onayo.

Uma ufuna ukubona ukuthi ezincwadini ozidawunilodile zikhona yini esezithuthukisiwe, vula idrowa lokuthubeleza uthinte elithi Izincwadi. Uma kukhona okuthuthukisiwe kuzovela ingxenye ethi Osekungathuthukiswa. Yithinte ukuze ubone uhlu lwazo zonke izinto esezingathuthukiswa. Thinta ofuna ukukuthuthukisa noma amagama athi Thuthukisa Konke ukuze udawunilode zonke izincwadi esezingathuthukiswa.

Lezi zici zaqala ukuba khona kuyi-JW Library 1.4, eyakhululwa ngo-February 2015, esebenza kuyi-Android 2.3 noma eyamuva. Uma ungaziboni lezi zici, sicela ulandele iziyalezo ezisesihlokweni esithi “Ukuqala Ukusebenzisa I-JW Library​—Kuyi-Android,” ngaphansi kwesithi Ukuthola Uhlelo Oluthuthukisiwe.