Dlulela kokuphakathi

Ngidliwa Yisazela​—IBhayibheli Lingangisiza Yini Ngizizwe Kangcono?

Ngidliwa Yisazela​—IBhayibheli Lingangisiza Yini Ngizizwe Kangcono?

Impendulo YeBhayibheli

 Yebo. IBhayibheli lingasisiza sibhekane ngokuhlakanipha nokuhlushwa unembeza. (IHubo 32:1-5) Uma senze into engalungile kodwa sizisola ngempela, uNkulunkulu uzosithethelela futhi asisize sizizwe kangcono. (IHubo 86:5) IBhayibheli libonisa ukuthi ukuhlushwa unembeza kungasiza ngezinye izikhathi—kungasenza silungise inkambo engalungile futhi sizame kanzima ukuyigwema esikhathini esizayo. (IHubo 51:17; IzAga 14:9) Noma kunjalo, iBhayibheli liyasixwayiswa ngokuhlushwa umuzwa wecala ngokweqile, mhlawumbe size sizahlulele njengabantu abangasenakukwazi ukwenza okuhle noma abangamukeleki nhlobo kuNkulunkulu. Umuzwa oweqisa kanjalo ungaseza “silahle ithemba.”—2 Korinte 2:7, i-Contemporary English Version.

 Yini engabangela imizwa yecala?

 Singase sihlushwe unembeza ngenxa yezizathu ezihlukahlukene. Singase siphawule ukuthi sizwise umuntu esimthandayo ubuhlungu noma sehlulekile ukwenza ngokuvumelana nendlela yokuziphatha esikholelwa ukuthi kufanele siphile ngayo. Ngezinye izikhathi, singase sihlushwe unembeza ngisho noma singenzanga lutho olubi. Ngokwesibonelo, uma silindele okukhulu kakhulu kithi kunalokho okufanele, singase sizizwe sinecala ngokungadingekile njalo lapho sehluleka ukufinyelela imigomo ephakeme ebesizibekele yona. Yingakho iBhayibheli lisikhuthaza ukuba singeqisi kulokho esikulindele kithi ngokwethu.​—UmShumayeli 7:16.

 Ngingabhekana kanjani nonembeza onecala?

 Kunokuvumela unembeza onecala ukuthene amandla, yenza lokho ongakwenza ukuze ulungise izinto. Kanjani?

  •   Vuma amaphutha akho. Emthandazweni, cela uJehova a uNkulunkulu ukuba akuthethelele. (IHubo 38:18; Luka 11:4) Ungaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzokulalela uma uphenduka futhi uzisola ngempela, uzama kanzima ukuba ungayiphindi into engafanele oyenzile. (2 IziKronike 33:13; IHubo 34:18) Ubona okungaphakathi enhliziyweni, okungekho muntu omunye ongakubona. Lapho uNkulunkulu esibona sizama ukushiya izenzo ezingalungile, “uthembekile futhi ulungile ukuba asithethelele izono zethu.”—1 Johane 1:9; IzAga 28:13.

     Yiqiniso ukuthi uma kunomuntu esone kuye, kungase kudingeke silivume iphutha lethu kuye bese sixolisa ngobuqotho kulowo muntu. Lokho kungase kungabi lula! Kungase kudinge isibindi nokuthobeka. Kodwa ukuxolisa okusuka enhliziyweni kufeza izinto ezimbili ezisemqoka: Kususa umthwalo omkhulu emahlombe akho, kubuyisele nokuthula.—Mathewu 3:8; 5:23, 24.

  •   Zindla ngemiBhalo ekhuluma ngesihe sikaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngeyoku-1 Johane 3:19, 20. Kuleli vesi iBhayibheli liyavuma ukuthi ‘inhliziyo yethu ingase isilahle’—okusho ukuthi, singase sizigxeke ngokweqile, mhlawumbe sizibone singakufanele ukuthandwa uNkulunkulu. Nokho, lawo mavesi abuye aveze nokuthi “uNkulunkulu mkhulu kunezinhliziyo zethu.” Kanjani? Ubona konke lokho umuntu ayikho futhi uyiqonda ngokuphelele imizwa yethu nobuthakathaka bethu. Uyazi nokuthi sazalelwa esonweni, siwela kalula ezenzweni ezingalungile. b (IHubo 51:5) Ngakho akabalahli labo abazisola ngeqiniso ngamaphutha abawenzile.—IHubo 32:5.

  •   Ungalokhu uhlezi ezintweni ezenzeke esikhathini esidlule. IBhayibheli liqukethe izindaba eziningi zabesilisa nabesifazane abenza izinto ezimbi kodwa kamuva bashintsha izindlela zabo. Esinye isibonelo esikaSawulu waseTarsu, kamuva owaziwa ngokuthi umphostoli uPawulu. Lapho esengumFarisi, wabashushisa ngodlame abalandeli bakaJesu. (IzEnzo 8:3; 9:1, 2, 11) Kodwa lapho ethola ukuthi empeleni wayelwa noNkulunkulu noMesiya, noma uKristu, waphenduka, washintsha izindlela zakhe futhi waba umKristu oyisibonelo sokulingiswa. Yiqiniso ukuthi uPawulu wazisola kakhulu ngendlela yakhe yokuziphatha yangaphambili, kodwa akazange ahlale kulezo zinto zesikhathi esidlule. Eqaphela umusa omkhulu uNkulunkulu ayembonise wona, uPawulu waba umshumayeli oshisekayo futhi akakaze ayeke ukugxila ethembeni lokuphila okuphakade.—Filipi 3:13, 14.

 Amavesi eBhayibheli akhuluma ngokuhlushwa unembeza nokuthethelelwa

 IHubo 51:17: “O Nkulunkulu, inhliziyo ephukile nedabukile uyoyamukela.”

 Incazelo: UNkulunkulu ngeke akulahle ngenxa yamaphutha owenzile uma uzisola ngempela ngokuthi umdumazile. Uzokubonisa isihe.

 IzAga 28:13: “Ofihla iziphambeko zakhe ngeke aphumelele, kodwa ozivumayo azishiye uyoboniswa isihe.”

 Incazelo: Uma sizivuma izono zethu kuNkulunkulu bese sishintsha izindlela zethu, uzosithethelela.

 Jeremiya 31:34: “Ngiyosithethelela isiphambeko sabo, nesono sabo ngeke ngisasikhumbula.”

 Incazelo: Lapho uNkulunkulu esesithethelele, akabe esawavusa futhi amacala ethu. Isihe sakhe singeseqiniso.

a Igama elithi Jehova yigama likaNkulunkulu.​—Eksodusi 6:3.

b Ukuthambekela kwethu ekwenzeni okubi esizalwe nakho kuwumphumela wofuzo oluyisono esaluthola kukhokho wethu ongumuntu wokuqala, u-Adamu. Yena nomkakhe u-Eva, bona kuNkulunkulu base belahlekelwa ukuphila njengabantu abaphelele nabangenasono futhi nenzalo yabo yalahlekelwa ithuba elinjalo.—Genesise 3:17-19; Roma 5:12.