Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 INGABE SAKLANYWA?

Isimiso Sokuthungatha Umzila Se-Bar-Tailed Godwit

Isimiso Sokuthungatha Umzila Se-Bar-Tailed Godwit

I-BAR-TAILED GODWIT iyinyoni efuduka ngendlela emangalisa kunazo zonke ezaziwayo. Uhambo lwale nyoni lokufuduka olungamakhilomitha angu-11 000 lungathatha izinsuku ezingaphezu kuka-8.

Cabanga ngalokhu: Abacwaningi bakholelwa ukuthi ezinye izinhlobo zezinyoni zisebenzisa amandla kazibuthe lapho zithungatha umzila, njengokungathi zinekhampasi ebuchosheni. Kungenzeka ukuthi i-godwit isebe-nzisa nelanga emini kanye nezinkanyezi ebusuku lapho ithungatha umzila. Kubonakala sengathi le nyoni iyakwazi nokuzwa uma kuza isiphepho esingayisiza indize kalula. Noma kunjalo, imininingwane ephathelene nendlela emangalisayo lezi zinyoni ezindiza ngayo izishiya zibambe ongezansi izazi. Isazi sezinto eziphilayo uBob Gill, sithi: “Sekuphele iminyaka engamashumi amabili ngicwaninga ngazo, kodwa namanje ngisasala ngikhexile.”

Ucabangani? Ingabe isimiso sokuthungatha umzila se-bar-tailed godwit saba khona ngokuziphendukela kwemvelo noma ingabe saklanywa?