Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Wanamathela Ezinkolelweni Zakhe

Wanamathela Ezinkolelweni Zakhe

Lapho uSong Hee eneminyaka engu-11 ubudala, unina waphawula ukuthi umhlane wendodakazi yakhe wawugobe ngendlela engavamile. Udokotela wathola ukuthi une-‘scoliosis,’ okuwukugoba komgogodla ufane nohlamvu u-“C” noma u-“S.” Isimo sikaSong Hee saba sibi kangangokuthi kwadingeka ukuba ahlinzwe. Kodwa, uSong Hee wayengeke akwamukele ukumpontshelwa igazi. I-Phaphama! yaxoxa naye ngokwenzeka.

Lapho beqala ukuthola ukuthi unalesi sifo, odokotela bakwazi yini ukukusiza?

Kwaba iminyaka engaba mithathu ngihlolwa odokotela ababili, kodwa umgogodla wami wawuqhubeka ugoba. Empeleni kwaba kubi kangangokuthi umgogodla waqala ukucindezela inhliziyo namaphaphu, okwenza ukuphefumula kwaba nzima. Ukuhlinzwa kwase kuwukuphela kwekhambi.

Ingabe wavuma ukuhlinzwa?

Yebo. Kodwa bangitshela ukuthi kwakuzoba nzima. Ngaleso sikhathi umgogodla wawusugobe ngama-degree angu-116, okuyinto embi kakhulu. Nokho, kimina ukuhlinzwa kwakuza nenselele enkulu. Ngenxa yezinkolelo zami ezisekelwe eBhayibhelini, ngangingeke ngikwamukele ukumpontshelwa igazi. *

Ingabe wamthola udokotela owayezimisele ukukuhlinza?

Mina nomama sabonana nodokotela onguchwepheshe wasedolobheni lasekhaya eFlorida, e-U.S.A. Kodwa, lapho ngimtshela ukuthi ngangingeke ngilamukele igazi, wathi akekho udokotela owayezovuma ukungihlinza into eyinkimbinkimbi kangaka uma ngingeke ngivume ukumpontshelwa igazi. Ngaphezu kwalokho, wathi uma ngingeke ngihlinzwe ayemancane amathuba okuphila ngize ngihlanganise iminyaka engu-20. Ngangineminyaka engu-14 nje kuphela.

Ingabe wamchazela izizathu zezinkolelo zakho?

Yebo. Ngamtshela ukuthi izinkolelo zami zazisekelwe eBhayibhelini, nokuthi uNkulunkulu wathi igazi lingcwele kungakhathaliseki ukuthi elomuntu noma elesilwane. * Uma umIsrayeli ayengadla igazi, wayeyothola isigwebo sokufa! * Ngambonisa nomBhalo wezEnzo 15:​19, 20. Njengoba ubhalelwe amaKristu, ngokwengxenye uthi: ‘Dedani egazini.’ Lokhu kusho ukuthi igazi akufanele lifakwe emzimbeni nganoma iyiphi indlela​—ngomlomo noma ngemithambo.

Wasabela kanjani udokotela?

Waqhubeka ephikelela ngokuthi kwakuzomelwe ngimpontshelwe igazi. Okwangimangaza ukuthi isibhedlela sathi uma ngivuma ukumpontshelwa igazi ngangizohlinzwa mahhala.

Umusa ongaka! Nabe senenzani wena nomama wakho?

Nakuba kwakubonakala engekho owayezimisele ukungihlinza ngaphandle kwegazi, sanquma ukunamathela ngokuqinile ezinkolelweni zethu. Isimo sabe sesishuba nakakhulu. Umthetho wawusangibheka njengengane engenakuzinqumela. Ngakho ngenxa yokuthi isimo sami sasiba bucayi, udaba lwami lwaya enkantolo. Nokho, sasizakala ngoba ummeli kahulumeni wasinika izinsuku ezingu-30 zokufuna udokotela owayezozihlonipha izifiso zami.

Ukhona enamthola?

Yebo! IKomiti Yokubonisana Nezibhedlela yoFakazi BakaJehova yendawo, ngomusa yaxhumana nochwepheshe we-scoliosis eNew York owayezimisele ukusiza futhi owavuma ukubonana nami. Ngakho sakwazi ukuhlangabezana nosuku oluwumnqamula-juqu lwenkantolo. *

Kwahamba kanjani ukuhlinzwa?

Kwaba yimpumelelo enkulu! Ukuze awuqondise, udokotela ohlinzayo uRobert M. Bernstein wangifaka izinsimbi ezilulekayo emgogodleni. Lokhu kuhlinza kwaba izigaba ezimbili ezihlukaniswe amasonto amabili.

Kungani kwaba izigaba ezimbili?

Uma ngilahlekelwa igazi eliningi ekuhlinzweni kokuqala, la masonto amabili ayezonika umzimba isikhathi esanele sokuba ukhiqize amangqamuzana egazi abomvu engeziwe ngaphambi kokuba ngihlinzwe okwesibili. Ngenxa yokuhlela okuhle, ikhono nokucophelela kweqembu elalingihlinza, ngalahlekelwa igazi elincane kakhulu kukho kokubili ukuhlinzwa. Ngaphinde ngelulama kahle kakhulu, ngingenazo izinkinga ezazingaphakama ukube ngangimpontshelwe igazi. *

Udokotela wakho wazizwa kanjani ngalo mphumela?

Odokotela kufanele bacabangele zonke izinhlangothi zesiguli

Wajabula! Wathi: “Ukwelapha akugxilile ekuhlinzeni nje kuphela.” Wayenomuzwa wokuthi odokotela kufanele bacabangele zonke izinhlangothi zesiguli, kuhlanganise izinkolelo zaso nezimiso esiphila ngazo. Abantu abaningi ngisho nabangebona oFakazi BakaJehova, bangavumelana nalowo mbono.

^ isig. 7 Umama kaSong Hee unguFakazi KaJehova. USong Hee naye unezinkolelo ezifana nezikanina futhi wabhapathizwa ngo-2012 eneminyaka engu-16 ubudala.

^ isig. 17 IKomiti Yokubonisana Nezibhedlela isiza iziguli ezingoFakazi zikwazi ukuthola odokotela abazimisele ukuzelapha ngezinga elifanele ngaphandle kokusebenzisa igazi.

^ isig. 21 Ibhala ngezingozi zokumpontshelwa igazi, i-Clinical Excellence Commission, New South Wales (Australia) Health, yathi: “Ukumpontshelwa igazi kuwukudluliselwa kwamangqamuzana aphilayo. Njengakunoma ikuphi ukufakelwa kwezitho emzimbeni womuntu, umzimba ngokuzenzekelayo uzama ukulwa naleso sitho esifakelwe. Ngakho ziningi izinkinga ezingavela.”