Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

UMBONO WEBHAYIBHELI

Ukubekezelelana

Ukubekezelelana

Ukwamukelana, ukuthethelelana, nokubekezelelana kwenza kube nobudlelwano obunokuthula. Kodwa ingabe ukubekezelelana kufanele kube nemingcele?

Siyini isihluthulelo sokubekezelelana kakhudlwana?

LOKHO OKWENZEKAYO NAMUHLA

Emhlabeni kabanzi, umoya wokungabekezelelani udlangile, ugqugquzelwa izinto ezinjengobuzwe, ukubandlululana kwezinhlanga, ukucwasana, nokushisekela inkolo ngokweqile.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Phakathi nenkonzo yakhe, uJesu Kristu wayezungezwe abantu abangabekezelelani. AmaJuda namaSamariya ngokuyinhloko babengadlelani. (Johane 4:9) Abesifazane babephathwa njengabaphansi kunabesilisa. Kanti abaholi benkolo yamaJuda babebabukela phansi abantu abavamile. (Johane 7:49) UJesu Kristu wayehluke kakhulu. Abaphikisi bakhe bathi: “Lo muntu wamukela izoni adle nazo.” (Luka 15:2) UJesu wayenomusa, enesineke futhi ebabekezelela abanye, ngoba wayengazelanga ukuzobahlulela, kodwa ukubaphulukisa ngokomoya. Uthando lwaluyisisusa sakhe esiyinhloko.​—Johane 3:17; 13:34.

UJesu owayeyisibonelo sokubekezelelana, akazelanga ukwahlulela abantu, kodwa ukubaphulukisa ngokomoya

Uthando, oluyisihluthulelo esiyinhloko sokubekezelelana, lusenza samukele abanye, naphezu kokungapheleli kwabo nezici zobuntu ezingathandeki. EyabaseKolose 3:13 ithi: “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye.”

“Ngaphezu kwakho konke, yibani nothando olukhulu ngomunye nomunye, ngoba uthando lumboza izono eziningi.”​1 Petru 4:8.

Kungani ukubekezelelana kufanele kube nemingcele?

LOKHO OKWENZEKAYO NAMUHLA

Imiphakathi eminingi izama ukuba nemithetho nokuhleleka. Ngenxa yalokho, ivame ukubeka imingcele ethile ekuziphatheni okwamukelekayo.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

“[Uthando] aluziphathi ngokuhlazisayo.” (1 Korinte 13:5) Nakuba uJesu ayeyisibonelo sokubekezelelana, akazange akuvumele ukuziphatha okungafanele, ubuzenzisi, nezinye izinhlobo zobubi. Kunalokho, wazilahla ngesibindi izinto ezinjalo. (Mathewu 23:13) Wathi: “Lowo onomkhuba wokwenza izinto ezimbi uyakuzonda ukukhanya [kweqiniso].”​—Johane 3:20.

Umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.” (Roma 12:9) Waphila ngalawo mazwi. Ngokwesibonelo, lapho amaJuda athile angamaKristu ezihlukanisa namakholwa angewona amaJuda, uPawulu​—owayengumJuda, wakhuluma nabo ngokuqinile kodwa ngomusa. (Galathiya 2:​11-14) Wayazi ukuthi uNkulunkulu, ‘ongakhethi,’ wayengeke akubekezelele ukubandlululana ngokohlanga phakathi kwabantu baKhe.​—IzEnzo 10:34.

NjengamaKristu, oFakazi BakaJehova bazifuna eBhayibhelini iziqondiso zokuziphatha. (Isaya 33:22) Ngakho-ke, ababubekezeleli ububi phakathi kwabo. Ibandla lobuKristu elihlanzekile akufanele lingcoliswe abantu abashalazela izimiso zikaNkulunkulu. Ngenxa yalokho, oFakazi balalela isiqondiso seBhayibheli esicacile: “Susani umuntu omubi phakathi kwenu.”​—1 Korinte 5:​11-13.

“O nina enithanda uJehova, zondani okubi.”​IHubo 97:10.

Ingabe uNkulunkulu uyobubekezelela phakade ububi?

LOKHO ININGI ELIKUKHOLELWAYO

Ngenxa yokuthambekela kobuntu, ububi buyohlale bukhona.

OKUSHIWO IBHAYIBHELI

Umprofethi uHabakuki wathandaza kuJehova uNkulunkulu: “Kungani . . . uqhubeka ubheke inkathazo nje? Kungani phambi kwami kukhona ukuphanga nobudlova, futhi kungani kuba khona ukuxabana, kungani kuqhutshwa umbango?” (Habakuki 1:3) Ukuze ashiye umprofethi wakhe engenakungabaza, uNkulunkulu wamqinisekisa ngokuthi wayezokwenza ababi balandise. UNkulunkulu washo lokhu ngaleso sithembiso: ‘Siyogcwaliseka; Ngeke sephuze!’​—Habakuki 2:3.

Okwamanje, abenzi bobubi banethuba lokuphenduka enkambweni yabo engalungile. “‘Ingabe ngiyajabula yini ngokufa komubi,’ kusho iNkosi EnguMbusi uJehova, ‘kungekhona ukuba abuye ezindleleni zakhe futhi empeleni aqhubeke ephila?’” (Hezekeli 18:23) Labo abafuna uJehova ngokulahla izindlela zabo ezimbi, bangabheka ikusasa ngesibindi. IzAga 1:33 zithi: “Ongilalelayo, uyohlala ngokulondeka angaphazanyiswa yingebhe yenhlekelele.”

“Sekuyisikhashana nje, omubi abe engasekho; . . . abamnene bayodla ifa lomhlaba, futhi ngempela bayothola injabulo enkulu ngokuchichima kokuthula.”​IHubo 37:​10, 11.