Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGABE KWAKLANYWA?

Amagiya Entethe I-Issus

Amagiya Entethe I-Issus

BEKULOKHU KUCATSHANGWA ukuthi amagiya akhona ngenxa yokukhalipha kwabantu. Kodwa sekunamaqiniso abonisa ukuthi empeleni akunjalo! Kuye kwatholakala amagiya ahlanganayo esilwaneni esiphilayo​—intethe esencane ebizwa nge-Issus leafhopper, etholakala ezingadini zaseYurophu. *

Le ntethe ingagxumela phezulu ngejubane elingaba amamitha angu-3.9 ngomzuzwana, ngokuphakama okwenza amandla adonsela phansi asebenze ngokuphindwe ngamakhulu amabili emzimbeni wayo. Ungathi ucwayiza nje ibe ingasekho. Ukugxuma kanjalo kwenzeka ngokuthi yomibili imilenze yangemuva yalesi silwanyana isuke ngamandla afanayo nangesikhathi esifanayo. Ikwazi kanjani ukunemba ngaleyo ndlela?

Cabanga ngalokhu: Ososayensi bathole ukuthi emilenzeni yangemuva yalesi silwanyana, kunamasondo amabili anamazinyo ahlanganisa elinye isondo kwelinye. Lapho lesi sinambuzane sigxuma, la magiya aqinisekisa ukuthi yomibili imilenze iyahambisana. Uma kungenjalo, singathi siyagxuma sivele siphenduphenduke ngendlela engalawuleki!

Lapho zigxuma, izilwane ezinkulu zithembele esimisweni sezinzwa ukuze imilenze yazo isuke kanyekanye. Kodwa, leso simiso ngeke sikwazi ukwenza lesi silwanyana sigxume ngokushesha esigxuma ngakho. Ngakho-ke, sisebenzisa la magiya. Umbhali ophinde abe umcwaningi uGregory Sutton uthi: “Sivame ukucabanga ngamagiya njengezinto ezitholakala emishinini eyenziwe ngabantu.” Uma enezela uthi isizathu siwukuthi “besingakaze sizikhandle ngokwanele ekuwacingeni [kwenye indawo].”

Ucabangani? Ingabe amagiya entethe i-Issus leafhopper aba khona ngokuziphendukela kwemvelo, noma ingabe aklanywa?

^ isig. 3 Amagiya awabe esaba bikho ngemva kokwebuzela ebudaleni kokugcina kwalesi sinambuzane.