Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

PHAPHAMA! No. 3 2017 | Livela KuNkulunkulu Yini IBhayibheli?

Livela kuNkulunkulu yini iBhayibheli? Noma liyincwadi equkethe imicabango yabantu?

Le “Phaphama!” ikhuluma ngezinto ezintathu eziwubufakazi bokuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu ngempela.

 

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

IBhayibheli—Ingabe ‘Liphefumulelwe UNkulunkulu’ Ngempela?

Abanye bathi kunokuhlobana phakathi kweBhayibheli noNkulunkulu. Abanye bathi iBhayibheli liyincwadi yasendulo enezinganekwane, imilando neziqondiso ezibhalwe abantu.

ISIHLOKO ESISESEMBOZWENI

IBhayibheli—Linembile

IBhayibheli lakuchaza ngokunembile ukwakheka kwemvula ngaphambi kokuba ososayensi bakuchaze, laphinde labikezela imibuso eyayizobusa neyayizonqotshwa futhi lisinikeza izimpendulo ezanelisayo zemibuzo ebalulekile.

USIZO LOMNDENI

Kubalulekile Ukwenza Imisebenzi Yasekhaya

Uyangabaza yini ukunika izingane zakho imisebenzi yasekhaya? Uma kunjalo, funda ukuthi ukwenza imisebenzi yasekhaya kungazisiza kanjani izingane ukuba zizimele futhi zijabule.

Sinobuchopho Obungaki?

Kunezinzwa eziyinkimbinkimbi ezitholakaka esiswini sakho. Uyini umsebenzi wazo?

INGXOXO NOTHILE

Umklami Wezinhlelo Zama-Computer Uchaza Ngokholo Lwakhe

Lapho uDkt. Fan Yu oyisazi sezibalo eqala ukusebenza wayekholelwa ukuthi izinto zazivelela. Manje usekholelwa ukuthi izinto eziphilayo zadalwa uNkulunkulu. Kungani?

UMBONO WEBHAYIBHELI

Izingelosi

Siye safunda ngezingelosi ezincwadini, sazibona ezithombeni nasemafilimini. Lifundisani iBhayibheli mayelana nezingelosi?

INGABE KWAKLANYWA?

Uboya Bomthini Wasolwandle

Ezinye izilwane ezincelisayo ezihlala emanzini abandayo zinamafutha awugqinsi ngaphansi kwesikhumba azigcina zifudumele. Umthini wasolwandle wona usebenzisa nenye indlela ewugcina ufudumele.

Ezinye Izihloko Ezikuyi-Internet

Ngubani Umlobi WeBhayibheli?

Uma labhalwa ngabantu, kuyafaneleka yini ukuba libizwe ngokuthi iZwi likaNkulunkulu? Imcabango kabani esebhayibhelini?