Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

Izinzwa ezisemgudwini wakho wokugaya ukudla (zidwetshwe ngombala oluhlaza okwesibhakabhaka)

Sinobuchopho Obungaki?

Sinobuchopho Obungaki?

UNOBUCHOPHO obungaki? Uma uthi “bunye” uqinisile. Nokho, akubona ubuchopho kuphela obulawula lokho umzimba okufanele ukwenze. Kukhona inxanxathela yezinzwa ezifana nemithambo ezidlulisa imiyalezo emzimbeni, ososayenzi abazibiza ngokuthi “ubuchopho besibili.” Zitholakala esiswini hhayi ekhanda.

Umzimba kumelwe usebenze kanzima ukuze ushintshe ukudla kube amandla owadingayo. Yingakho ubuchopho bungazilawuleli lo msebenzi kodwa ulawulwa yilezi zinzwa ezisesiswini.

Nakuba le nxanxathela yezinzwa ingafani nobuchopho, nayo iyinkimbinkimbi ngendlela yayo. Kuthiwa le nxanxathela yakhiwa izinzwa ezingaba izigidi ngu-200 kuya ku-600. Itholakala lapho kuhamba khona ukudla emzimbeni womuntu. Ososayensi bathi ukube umsebenzi wayo ubuwenziwa ubuchopho, izinzwa zobuchopho bezizoba ugqinsi kakhulu. Incwadi ethi The Second Brain ithi, “kungcono futhi kuphephe kakhudlwana uma lo msebenzi wenziwa lapho kuhamba khona ukudla.”

“INDAWO OKUHLANGANISELWA KUYO AMAKHEMIKHALI”

Ukuze ukudla kugayeke kahle kudinga amakhemikhali afanele ezindaweni ezifanele. Uprofesa uGary Mawe ufanisa indawo lapho ukudla okugaywa khona ‘nendawo okuhlanganiselwa kuyo amakhemikhali.’ Iyakhexisa indlela amakhemikhali ahlanganiswa ngayo. Kunamaseli akwazi ukuzwa ukuthi hlobo luni lokudla okudlile. Uma lokho sekutholakele, izinzwa ezisesiswini ziyakwazi ukukhetha amaprotheni azogaya lokho kudla. Lezi zinzwa ezisesiswini ziyakwazi ukuhlola ukuthi i-esidi ingakanani namanye amakhemikhali asekudleni ukuze kugaywe ngendlela efanele.

Umgudu wokugaya ukudla singawufanisa nefektri eqondiswa inxanxathela yezinzwa ezitholakala kulo mgudu. Lezi zinzwa zenza ukuba lo mgudu ufinyele uphinde unwebeke, okwenza ukudla kuhambe. Zilawula nokuthi ufinyela kangakanani kuye ngesidingo.

Lezi zinzwa ziphinde zilawule ezokuphepha. Ukudla osuke ukugwinyile ngezinye izikhathi kuba namagciwane ayingozi. Yingakho kungamangazi ukuthi amasosha omzimba angaba amaphesenti angu-70 kuya ku-80 atholakala esiswini. Uma udle ukudla okunamagciwane amaningi ayingozi, izinzwa ezisesiswini zivikela umzimba ngokwenza umgudu wokugaya ukudla ufinyele futhi unwebeke ngokushesha okukhulu. Lokhu kukwenza uphalaze noma ukhishwe isisu bese lobo buthi buyaphuma emzimbeni.

UKUSEBENZISANA

Nakuba kungase kubonakale sengathi izinzwa ezisesiswini ziyakwazi ukusebenza ngaphandle kosizo lobuchopho, empeleni zombili lezi zinto zisebenza ngokubambisana.

Ngokwesibonelo, izinzwa ezisesiswini zilawula amahomoni atshela ubuchopho ukuthi kufanele udle nini futhi kangakanani. Lezizinzwa zitshela ubuchopho ukuthi ususuthi futhi zingase zikubangele ukuba ube nesicanucanu uma usudle kakhulu.

Kungenzeka ubuvele usola ukuthi kukhona ukuxhumana phakathi kokwenzeka esiswini nasebuchosheni bakho. Uke wanaka ukuthi uma abanye abantu bephatheke kabi badla ukudla okuthile bese bezizwa bengcono? Abacwaningi bathi lokhu kwenzeka lapho izinzwa ezisesiswini zithumela umyalezo ebuchosheni bese bona bukhiqiza amahomoni akwenza uzizwe ujabule. Shono nje abanye abantu bevame ukudla ukudla okuthile lapho bekhathazekile! Ososayensi basacwaninga indlela yokwenza lezi zinzwa zithumele leyo miyalezo eyenza umuntu ajabule ukuze belaphe isifo sokucindezeleka.

Lokho okwenzeka esiswini lapho umuntu ethukile kuyisibonelo sesibili sendlela ubuchopho nezinzwa ezisesiswini okusebenzisana ngayo. Kungenzeka kubangelwa ukuthi lapho ucindezelekile noma ukhathazekile izinzwa ezisesiswini zivimba igazi ukuba lingezi esiswini. Lapho ucindezelekile ubuchopho butshela izinzwa ezisesiswini ukuba zishintshe indlela umgudu wokudla ofinyela ngayo okwenza ukuthi ube nesicanucanu. Izazi ziphinde zithi lokhu kuxhumana okuphakathi kobuchopho nezinzwa ezisesiswini cishe yikona okubangela ukuthi ngezinye izikhathi sibe nomuzwa wokuthi kukhona okungahambi kahle yize singakatshelwa.

Nakuba izinzwa ezisesiswini zingakwenza uzizwe ngendlela ethile, azikwazi ukucabanga noma ukukusiza wenze izinqumo. Okusho ukuthi azibona ubuchopho. Azikwazi ukukusiza ubhale iculo, ulungise ama-akhawunti akho asebhange noma wenze umsebenzi wesikole. Noma kunjalo, ziyinkimbinkimbi kakhulu futhi namanje kusekuningi ososayensi abangakakwazi ngazo. Ngakho, lapho udla ngokuzayo, yima kancane ucabange ngawo wonke umsebenzi omningi osuke uzokwenzeka esiswini sakho.