Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

INGXOXO NOTHILE | UFAN YU

Umklami Wezinhlelo Zama-Computer Uchaza Ngokholo Lwakhe

Umklami Wezinhlelo Zama-Computer Uchaza Ngokholo Lwakhe

UDOKOTELA Fan Yu waqala umsebenzi wakhe wokuba umcwaningi wezibalo e-China Institute of Atomic Energy, eduze kwaseBeijing. Ngaleso sikhathi wayengakholelwa kuNkulunkulu kodwa ekholelwa ekuziphendukeleni kwemvelo. Manje uDkt. Yu ukholelwa ukuthi ukuphila kwadalwa uNkulunkulu. I-Phaphama! yaxoxa naye ngalokho akukholelwayo.

Awusixoxele ngemvelaphi yakho.

Ngazalwa ngo-1959 edolobheni laseFuzhou, esifundazweni saseJiangxi, eChina. Lapho sengineminyaka engu-8 ezweni lakithi kwakwenzeka lokho okwakubizwa ngokuthi iNguquko Yempucuko. Ubaba wayengunjiniyela ngakho wacelwa ukuba akhe ujantshi endaweni ekude. Wayesivakashela kanye ngonyaka. Phakathi naleso sikhathi ngangihlala nomama owayenguthisha esikoleni samabanga aphansi. Sasihlala esikoleni ayefundisa kuso. Ngo-1970, kwadingeka sithuthele eLiufang, indawo eyayikhungethwe indlala.

Nanikhonzaphi kini?

Ubaba wayengayingeni indaba yenkolo nepolitiki. Umama wayengumBuddha. Esikoleni ngafundiswa ukuthi ukuphila kwazivelela futhi ngangikukholelwa lokho.

Yini eyakwenza wathanda izibalo?

Into eyangenza ngathanda izibalo ukuthi zihilela ukusebenzisa ingqondo ukuze uthole amaqiniso. Ngaya enyuvesi ngayofunda izibalo ngemva nje kokufa komholi weNguquko uMao Tse-tung ngo-1976. Ngemva kokuba ngithole iziqu ze-Master’s ngathola umsebenzi wokucwaninga ngezibalo ukuze kuklanywe imishini yokuphehla amandla enuzi.

Ngesikhathi uqala ukufunda iBhayibheli wacabangani ngalo?

Ngo-1987 ngaya eMelika ngiyofundela iziqu zobudokotela emkhakheni engangiwufundele enyuvesi yaseTexas i-A&M. Ngangazi ukuthi abantu abaningi baseMelika bakholelwa kuNkulunkulu futhi bayalifunda iBhayibheli. Ngangizwe nokuthi iBhayibheli lisho izinto ezinengqondo ngabe senginquma ukulifunda.

Ngangizithanda izinto ezazifundiswa yiBhayibheli. Kodwa kwakunezinto engangingaziqondi kahle, ngakho ngayeka ukulifunda.

Yini eyakwenza waphinde walifunda iBhayibheli?

Ngangiqala ukuzwa ukuthi kunoMdali ngakho nganquma ukucwaninga ngalolu daba

Ngo-1990 kwafika uFakazi KaJehova kwami wangibonisa lokho okushiwo yiBhayibheli mayelana nekusasa elingcono. Wahlela ukuba kufike abantu ababezongisiza ngiliqonde iBhayibheli. Ngokuhamba kwesikhathi, umkami, uLiping, owayenguthisha wesayensi eChina futhi engakholelwa kuNkulunkulu, naye waqala ukufundelwa iBhayibheli. Safunda ukuthi iBhayibheli lithi ukuphila kwaba khona kanjani. Ngangiqala ukuzwa ukuthi kunoMdali ngakho nganquma ukucwaninga ngalolu daba.

Kwahamba kanjani lokho?

Njengesazi sezibalo ngafundiswa ukubala ukuthi mangakanani amathuba okuba okuthile kwenzeke. Ngafunda nokuthi ukuze ukuphila kube khona kufanele ukuba amaprotheni ayesevele ekhona. Ngakho ngazama ukubheka ukuthi mangakanani amathuba okuba amaprotheni avele abe khona nje engenziwanga muntu. Izinto eziphilayo zinezinkulungwane zezinhlobo zamaprotheni ayinkimbinkimbi futhi anemisebenzi ehlukahlukene. Ngabona ukuthi mancane kakhulu amathuba okuthi iprotheni livele libe khona nje, empeleni kuyinto engenakwenzeka. Ayikho into engisayitholile ezincwadini zokuzivelela kwezinto echaza ngendlela engigculisayo ukuthi ayengazivelela kanjani amaprotheni, ingasaphathwa eyokuzivelela kwazo zonke izinto eziphilayo. Konke lokhu kwangenza ngabona ukuthi ukhona uMdali.

Yini eyakwenza waqiniseka ukuthi iBhayibheli livela kuNkulunkulu?

Njengoba ngangitadisha noFakazi BakaJehova ngafunda ukuthi iBhayibheli lineziprofetho eziningi esezagcwaliseka. Ngabona nokuthi ukwenza lokho okufundiswa yiBhayibheli kuyazuzisa. Ngangizibuza, ‘Kwenzeka kanjani ukuthi ababhali beBhayibheli abaphila eminyakeni eyizinkulungwane edlule babhale izinto ezinengqondo neziwusizo nanamuhla?’ Ngokuhamba kwesikhathi, ngabona ukuthi iBhayibheli liyizwi likaNkulunkulu.

Yini ekwenza uqiniseke ukuthi ukhona uMdali?

Ukubuka indalo kungenza ngikholelwe ukuthi ukhona uMdali. Njengoba ngiklama izinhlelo zama-computer, kuhlale kungimangaza ukuthi ubuchopho bethu buwadlula kude ama-computer. Ngokwesibonelo, indlela ubuchopho bethu obukwazi ngayo ukuqonda lokho okushiwo umuntu iyakhexisa. Iningi lethu liyakwazi ukuqonda okushiwo umuntu, ngisho noma ehleka, ekhwehlela, engingiza, ekhuluma ngendlela ehlukile, noma kuneminye imisindo lapho ekhona nemisindo ebangelwa ubuhixihixi benethiwekhi. Ungase ucabange ukuthi akukho simanga kulokho. Kodwa abaklami bezinhlelo zama-computer kubahlaba umxhwele lokhu. Ngisho nohlelo lwe-computer olusezingeni eliphezulu olukwazi ukulalela lokho umuntu akushoyo, aliliboni elidlalayo engqondweni yomuntu.

Ngokungafani nama-computer amaningi ayinkimbinkimbi, ubuchopho bethu bukwazi ukuthola indlela umuntu azizwa ngayo, ukuzwa indlela ehlukile umuntu akhuluma ngayo nokuzwa ukuthi ubani okhulumayo. Abaklami bezinhlelo zama-computer bacwaninga indlela abangenza ngayo ukuba ama-computer enze lokho okwenziwa yingqondo. Ngiyaqiniseka ukuthi lapho benza kanjalo basuke befunda ngendalo kaNkulunkulu.