Dlulela kokuphakathi

Dlulela ohlwini lokuphathi

 IBHAYIBHELI LISHINTSHA UKUPHILA

“Ekugcineni Sengithole Inkululeko Yeqiniso.”

“Ekugcineni Sengithole Inkululeko Yeqiniso.”
  • UNYAKA AZALWA NGAWO: 1981
  • IZWE AZALELWA KULO: I-UNITED STATES
  • UMLANDO: INDODANA YOLAHLEKO

UKUPHILA KWAMI:

Ngazalelwa eMoundsville, idolobha elithule elisogwini lwe-Ohio River enyakatho yeNtshonalanga Virginia, e-U.S.A. Ngangiyingane yesibili kwezine, ezintathu kungabafana ngakho kwakuhlale kumnandi ekhaya. Abazali bami babekhuthele, beqotho futhi bebathanda abantu. Sasingewona umndeni ocebile kodwa sasihlale sikuthola esikudingayo. Njengoba babengoFakazi BakaJehova, abazali bami benza konke ababengakwenza ukusifundisa imithetho kaNkulunkulu lapho sisebancane.

Nokho, ngesikhathi sengiba ibhungu, inhliziyo yami yaqala ukusuka kulokho engangikufundisiwe. Ngangabaza ukuthi ukuphila ngemithetho yeBhayibheli kunengqondo futhi kuyazuzisa. Ngacabanga ukuthi okuwukuphela kwendlela yokujabula ngempela ukuba nenkululeko yokwenza noma yini engiyithandayo. Kungakabiphi, ngayeka ukuya emihlanganweni yobuKristu. Izingane zakwethu ezimbili nazo zayeka. Abazali bethu benza konke ukuze basisize, kodwa asilwamukelanga usizo lwabo.

Ngangingaqapheli ukuthi lokho okubizwa ngokuthi inkululeko engangikufuna kwakuyongiholela ekubeni umlutha wezinto eziningi. Ngelinye ilanga ngibuya esikoleni, umngane wami wanginikeza ugwayi. Ngawuthatha. Kusukela ngalelo langa angizange ngiyenqabe neminye imikhuba eminingi elimazayo. Ngokuhamba kwesikhathi, ngadla izidakamizwa ngaphuza utshwala futhi ngaziphatha kabi. Eminyakeni eyalandela ngaqhubeka ngidla izidakamizwa ezinamandla kakhudlwana futhi ngaba isigqila sazo. Ngangena ngacwila kulo mkhuba ngaze ngaqala nokuzidayisa ukuze ngikwazi ukuzithengela zona.

Ngangizama ngempela ukungawunaki unembeza wami kodwa wawuhlale ungikhumbuza ukuthi ayilungile indlela engiphila ngayo. Kodwa ngazitshela ukuthi sekonakele konakele akusekho ukubuyela emuva. Naphezu kokuthi ngangihlale nginabantu emaphathini nasemakhonsathini, ngangivame ukuzizwa nginesizungu futhi ngicindezelekile. Ngezinye izikhathi, ngangicabanga ngendlela abazali bami abalunge nabahlonipheke ngayo, ngizibuze ukuthi kwenzeka kanjani ukuba mina ngigcine sengihluke kangaka kubo.

 INDLELA IBHAYIBHELI ELASHINTSHA NGAYO UKUPHILA KWAMI:

Nakuba ngase ngililahlile ithemba ngesimo sami, abanye babengakalilahli. Ngonyaka ka-2000, abazali bami bangimemela emhlanganweni wesigodi woFakazi BakaJehova. Nakuba ngangenqena kodwa ngaya. Ngamangala lapho ngibona ukuthi izingane zakwethu ezimbili ezazilishiyile iqiniso nazo zikhona.

Lapho ngisemhlanganweni, ngakhumbula ukuthi ngonyaka owawandulele ngangikuyo le nkundla kunekhonsathi yomculo wesigqi esinamandla. Umehluko engawubona wangithinta ekujuleni kwenhliziyo. Kuleyo khonsathi kwakugcwele udoti nezinqamu zikagwayi. Abantu abaningi ababesekhonsathini babeyizidlamlilo, umyalezo womculo wawucindezela. Kodwa emhlanganweni ngangiphakathi kwabantu abajabule ngempela—abantu abangamukela ngemfudumalo, nakuba kwase kuphele iminyaka bangigcina. Indawo yayicocekile futhi izinkulumo zaziletha ithemba. Ukubona indlela iqiniso leBhayibheli elizuzisa ngayo kwangenza ngazibuza ukuthi kazi ngangilishiyeleni kwasekuqaleni!—Isaya 48:17, 18.

“IBhayibheli langinika amandla okuyeka ukudla nokudayisa izidakamizwa futhi ngaba umuntu ongcono”

Ngemva nje kwalowo mhlangano, nganquma ukubuyela ebandleni lobuKristu. Izingane zakwethu nazo zashukunyiswa ezakuzuza kulowo mhlangano, zanquma ukwenza okufanayo. Sobathathu savuma ukufundelwa iBhayibheli.

Ivesi elangishukumisa ngokukhethekile uJakobe 4:8, othi: “Sondelani kuNkulunkulu, naye uyosondela kini.” Ngaqaphela ukuthi uma ngifuna ukusondela kuNkulunkulu, kuzodingeka ngilungise ukuphila kwami. Phakathi kwezinye izinguquko okwadingeka ngizenze, kwadingeka ngiyeke ukubhema, ukudla izidakamizwa nokuphuza utshwala.—2 Korinte 7:1.

Ngahlukana nabangane bami ngaqala ukuba nabangane phakathi kwabakhulekeli bakaJehova. Umdala ongumKristu owayengifundela iBhayibheli wangisiza ngokukhethekile. Wayengithinta njalo ngocingo futhi ehlale edlula ezongibona ukuthi ngiqhuba kanjani. Namanje, usengomunye wabangane bami abakhulu.

Ngentwasahlobo yango-2001, ngabhapathizwa, okuwuphawu olubonisa ukuzinikezela kwami kuNkulunkulu, nezingane zakwethu zabhapathizwa. Ungase uyibone ngeso lengqondo injabulo ababa nayo abazali bami nomfowethu omncane owahlala ethembekile lapho wonke umndeni wakithi ekugcineni uba munye ekukhulekeleni uJehova.

INDLELA ENGIYE NGAZUZA NGAYO:

Ngangicabanga ukuthi imithetho yeBhayibheli iqine kakhulu, kodwa manje sengiyibheka njengesivikelo esingenakuqhathaniswa. IBhayibheli langinika amandla okuyeka ukudla nokudayisa izidakamizwa futhi ngaba umuntu ongcono.

Nginelungelo lokuba ingxenye yabakhulekeli bakaJehova abasemhlabeni wonke. Laba bantu bathandana ngempela futhi bamunye ekukhulekeleni uNkulunkulu. (Johane 13:34, 35) Kulabo bakhulekeli ngathola esinye isibusiso esikhetheke ngempela—umkami, u-Adrianne, engimthandayo nengimazisa kakhulu. Kusilethela injabulo enkulu ukukhonza uMdali ndawonye.

Esikhundleni sokuphishekela impilo yokuzicabangela, manje sengiyisikhonzi sesikhathi esigcwele, ngifundisa abantu indlela nabo abangazuza ngayo eZwini likaNkulunkulu. Lo msebenzi ungilethela injabulo engenakuqhathaniswa. Ngingasho kugcwale umlomo ukuthi iBhayibheli lakushintsha ukuphila kwami. Ekugcineni sengithole inkululeko yeqiniso.